zulu.1312.motoring
Ingenisile i-
HYUNDAI
Kungani nge-i10 ungeke uyikhalele imali yakho… indaba nguGavin Foster
I-HYUNDAI i10 ifike ngesikhathi esifanele lapho inani likaphethiloli linyuka njalo nesimo somnotho siphezulu, ikakhulu futhi kulesi simo semigwaqo yakuleli.
I-i10 incanyana kanti futhi ayibizi kakhulu uma uyiqhathanisa neHyundai Getz, kodwa futhi ingcono ngokwakhiwa kune-Atos.
I-Hyundai yayingakwenza kalula ukuba yethule uhlobo lwemoto entsha olwalungathatha indawo ye-Atos, le nkampani yabona kungcono ukuthengisa lawa ma-model womabili njengoba nabakwa-Opel benza ngentsha nendala iCorsa nabakwaVolkswagen ngeGolf neCiti Golf.
Ukusebenza kwe-Atos kanjalo nokonga kufana ncamashi nokwe-i10 ngoba lezi zimoto zombili zisebenzisa izinjini ezifanayo zohlobo lwe-1,1.
Lolu hlobo lwemoto entsha lunesisindo kune-Atos kodwa abeHyundai bakuqaphela lokho ngokwenza injini ibe namandla athe xaxa ngamaphesenti angu-10.
Abasefemini lapho ikhiqizwa khona le moto bathi ngo-gearbox ongu-five-speed manual, i-i10 ingaye ifinyelele ejubaneni eliphezulu elingu-152km/h, ekubeni eyi-four-speed yohlobo lwe-automatic ingahamba iye ifinyelele ku-144km/h.
Lolu hlobo lweHyundai lwafika lubiza imali encane nokwenza abayithumela kuleli bakhiphe izinto ezimele ukuphepha nobuntofontofo.
Kukhona i-air conditioner ejwayelekile, amafasitela angaphambili asebenza ngogesi, ine-rev counter kanye ne-spare wheel esikhulu - kodwa uma ine-radio enendawo yamaCD kanye neMP3 player ungagcina usukhokhe imali ethe xaxa ngo-R2 500. Awekho ama-airbags kanjalo nama-non-skid ABS brakes.
Ngahamba nge-i10 cishe amakhilomitha angu-100 ngesikhathi yethulwa eGauteng ngathola ukuthi ihambisana kahle kakhulu nesakhiwo sayo esincane.
Abenzi bayo bathi le moto encane ingadla cishe amalitha angaphezulu kwamane ngamakhilomitha angu-100 ngejubane elingu-60km/h.
Lokhu kuchaza ukuthi uma uhamba cishe 60km ngosuku, ungonga R600 ngenyanga ngokusebenzisa imoto encane kune-1,6 litre.
I-Hyundai i10 eyi-manual ibiza R89 900 kanti eyi-automatic ingu-R99 900.
Inendawo enkulu ngaphakathi, kulula ukuyishayela, ukuyipaka nokuyinakekela. Ine-warranty yeminyaka emihlanu yebanga elingu-150 000km.[z]
BONA ZULU October 2008
EZEZIMOTO
ENYE YASE-KOREA
Sezadlula lezo zinsuku lapho izimoto zakwelaseKorea zazibukeka zisolisa, njengoba iHyundai neKia sezizakhele igama njengezimoto eziqinile nezethembekile njengezimoto zaseJaphani ngamanani angakhalisi kakhulu. Sisanda kuhlola ezimbili zakwaKia esizithole ziseqophelweni eliphezulu.
Eyokuqala kwaba yiKia Picanto EX Auto ebiza R118 995 ekunika konke okudingayo nokuzokwenza ungabi nenkinga ekushintsheni amagiya.
Uhlobo lwe-EX oluyiPicanto lunenjini efana neyeHyundai – kanti i-Hyundai yiyo ephethe iKia – inama-airbags, ABS brakes, umsakazo, alloy wheels, aircon, namafasitela asebenza ngogesi. Kukhona enye iKia Picanto eyi-automatic engenayo yonke le micikilisho engabiza R91 995 ene-central locking kuphela.
Kukhona nefanele abantu abasha engu-1,6 litre iKia Rio Sport.
Abanye abaningi nakuba bengayithandi kahle ngaphakathi, kodwa thina siyithole iyinhle iqedile.
Amanani asukela ku-R133 995 kwi-model engu-1,4 kuya ku-R164 995 yohlobo lweSport nokuyiyo esayihlola.
Eyuhlobo lweSport inakho konke - ama-airbags ayisithupha, remote central locking, aircon, amafasitela asebenza ngogesi nesitelingi okwazi ukusenza silingane nobude bakho.
Inkinga esayibona ngeKia wukuthi ayisiyo eyekhwalithi ongayilindela uma sekuziwa endleleni ehamba ngayo. Okunye, igama le-Kia alihehi njengalawo afana nawoVolkswagen, Opel noma awoFord.
AMAQINISO:
INJINI: Four cylinder inline 1086cc single overhead camshaft
I-GEARBOX: 5-speed manual noma 4-speed auto
ITHANGE: 35 litres
IJUBANE ELIPHEZULU: 152km/h (manual) 144km/h (automatic)
UPHETHILOLI: 600km
INANI: R89 900 (manual); R99 900 (automatic)
I-WARRANTY: 5 year/150 000km
BONA ZULU October 2008
UVO LWABANYE
LERATO MATEBESE
ULerato Matebese sekuphele iminyaka emithathu ebhala ngezimoto. Emva Kokushayela i-Hyundai i10, uthi iyamangalisa. “Isithuthukile kuneKia Picanto,” kusho le ntatheli ezinze eGauteng. “Yakhiwe ngekhwalithi yezinga eliphezulu kanti ihamba kahle ikakhulu uma ubheka ubungako bayo.”
