ZULU.818.big stars
Okuphathelwe yizinkanyezi zakho kulo nyaka...
Uyaqikelela, uthatha izinqumo ezincike ezintweni eziphathekayo. Lokhu kusho ukuthi umqondo wakho usabalele uthanda ukwenza okusha.
Imali: Uzophumelela uma unamasu aphumelelisayo.
Umndeni: Kuningi okwenzeka emndenini wakho kodwa okunye kuzoqondana nawe ngqo. Kuhle ushintshe indawo yokuhlala uma ungakashadi noma ufuna ukuzimela.
Uthando: Kungenzeka uzitshele ukuthi kuhle uphindele kowawuthandana naye ukuze uphatheke kahle - kodwa cabanga kahle ngaphambi kokuthatha isinqumo. Uthando olusha yilo olungase lukusebenzele - uma ungawedwana.
Umqondo wakho uyagijima akumangazi ukubona abantu becabanga ukuthi uhlakaniphile. Kodwa awuqondakali, wenza izinto ezimangazayo
Imali: Yiphathe kahle imali. Khokha uthenge onamandla okokuthenga. Gwema izikweleti.
Umndeni: Gada ulaka lwakho. Ungazifaki ezintweni ezingafuni wena.
Uthando: Ubungani bungaholela othandweni njengoba usunabantu ozwana nabo.
Uthando olusha kungaba ngolweqiniso
Ubambelela emidlinzweni yakho kodwa eminye ivame ukushaya emhloleni ngoba uhlakaniphile unomqondo osheshayo.
Imali: Obekubukeka kungumthwalo emahlombe akho kungaba yisifundo ozofunda ngaso kukukuqinise kwenze ulwe nezinkinga ongahlangabezana nazo kwezamabhizinisi.
Umndeni: Izinto odlule kuzona mazibe yikhambi lokubhekana nezinkinga.
Uthando: Ungabambeleli ezintweni eziningi ngoba uzothola abazoncintisana nawe kokufunwa yinhliziyo. Thembeka ukuze uthole uthando oluphelele.
ISIPESHELI SIKABONA
Unomqondo okhaliphile osheshayo. Uyazethemba uyaxhamazela. Uthatha izinqumo ngokushesha ulindele imiphumela esheshayo. Unemibono emihle kodwa yihlele kahle.
Imali: Ukusebenzisana nabantu kufanele kube nomvuzo. Kumqoka ukwenza izinto ngesikhathi esifanele uhlele kahle.
Umndeni: Ayikho inkinga ohluleka wukuyixazulula emndenini wakho ngoba unesineke. Kuhle ukwenza izinguquko, ekhaya, zingenziwa uwena noma uphoqe abanye bazenze. Umndeni wakho udinga ukwelulekwa kanti kufanele kube uwena ozowufundisa.
Uthando: Uma uzethemba uzophumelela othandweni.
Nakuba uneso lokubona izinto, impilo ubuye uyibheke ngendlela ehlukile. Awuvamile ukuhluleka noma wukudideka uma uthatha izinqumo. Kodwa ubuye uqikelele ngokweqile.
Imali: Nconywa ukhushulelwe umholo ngokukhombisa ukuthi unekhono nomdlandla. Sebenzisa ithalente lakho ukuze uthole imali ethe xaxa uma ungenzi lutho.
Umndeni: Kwenzeka obungakulindele emndenini wakho njengoba benza izinto eziphambene nokulunga. Kodwa ekugcineni nizothokoza.
Uthando: Uvuselelwa wukuhlanganyela nabanye kanti lokho kuhle uma usulungele ukuba sothandweni olusha. Ukuya eholidini kungalusebenzela uthando lwenu.
Ulangazelele ukufunda, nakuba ngalokho abanye bezitshela ukuthi uthanda izindaba. Ungumuntu ongenamasu ongazihlaziyi kahle izinto kanti uthanda ukubambelela ezintweni ezisesitayeleni.
Imali: Ungalindela unyaka onezithelo ezinhle kanti inzuzo ozoyithola ngemizamo yakho iyagculisa.
Umndeni: Bheka izidingo zomndeni wakho uma kukhona okuhlelayo. Batshele ngozama ukukufeza.
Uthando: Uzoba nabangani abaningi ube nogazi. Yiba yingxenye yohlelo lokusiza abanye uma ufuna ukuba abantu bakuhloniphe.
Ukhaliphile, wenza izinto ezinhle, unemibono kanti uphatheka kabi. Imicabango yakho igqitshwa yimizwa yakho kanti uyazwela.
Imali: Abantu abanegalelo elibonakalayo nabaphumelelayo bangafeza amaphupho akho.
Umndeni: Ungabi namfihlo ngoba ukwethembeka kuhle. Sizanani zikhathi zonke.
Uthando: Wunyaka okuphathele ezimnandi kwezothando. Gxila ekuthokoziseni umaqondana wakho ukuze abambelele kuwena.
Unomusa kanti uyaphana, usizwa nawukukhalipha kwakho. Unokuzethemba kodwa ubuye wenze okungaphezulu kwamandla akho. Abanye bangathi uyaxhamazela uzithwele - kodwa unobubele.
Imali: Uzokwazi ukwandisa imali ekungenelayo, qaphela ungazakheli izitha ngoba ungumuntu ozinikele nokwaziyo ukumelana nokuncintisana.
Umndeni: Zimisele ngokudlala indawo yakho ekuxazululeni izinkinga zomndeni. Abathandiweyo bakho bazodinga izeluleko zakho nosizo kanti kufanele wehlise umoya lapho bonke abantu bekhombisa ukwenyukelwa wumoya.
Uthando: Ungalokothi uchithe isikhathi uma kukhona ombhekile ngoba uzozisola.
Abantu abanegalelo elibonakalayo bangenza kufezeke amaphupho akho
Unekhono lokuxazulula izinkinga ngoba umqondo wakho usabalele. Qaphela ungagxeki ngokweqile.
Imali: Ungaqhuba kahle kwezama-bhizinisi ngoba unomqondo kanti uyaluthola nosizo lwabantu abaphumelelayo.
Umndeni: Makuthi lapho konke sekwenziwe kwakhulunywa ulalelisise, kukhona ozokuzuza kwabakushoyo.
Uthando: Khankasela ukuthola umuntu omthandayo. Phucula indlela oxhumana ngayo nomuntu wakho. Zakhele ugazi ngokuvumelana nomuntu wakho ezimweni ezithile.
Unomoya omuhle kodwa uyadinwa uma izinto zingenzeki ngendlela yakho.
Imali: Lindela ithuba lokuqala okusha okuzoku-ngenisela imali. Yiphathe kahle imali yakho.
Umndeni: Yenza ukuba umndeni wakho ubone ukubaluleka kwempilo yomndeni. Yiba yisibonelo esihle ukuze okushoyo kuzwakale kahle ekhaya.
Uthando: Konke kuzokukhanyela kahle manje uma kungukuthi ubungazi ukuthi umi kuphi kwezothando.
Nakuba uneso elibukhali nekhono lokubona izinto, awuwulaleli unembeza wakho kanti ubuye ungawasebenzisi amathuba owatholayo. Uyayihlolisisa imicabango yakho ujule ngezinto ezikuhluphayo.
Imali: Kuzovuleka umthombo omusha wemali. Ungathatheki uma uthenga izinto ezintsha.
Umndeni: Chitha isikhathi sakho nomndeni wakho. Nakekela abadala ukhuthaze izingane ukuba zifunde.
Uthando: Uma ungawedwana, uzohehwa wumuntu oyiqondayo indlela ophatheke ngayo nocabanga ngayo. Uma kukhona othandana naye, phumani niye endaweni ekude engajwayelekile.
Unomqondo osabalele uhlalela ethembeni, ulandela amaphupho akho ngisho noma unezingqinamba obhekene nazo.
Imali: Hlela kahle wenze okunomqondo. Kukhona ongakuzuza ezelulekweni zabanye.
Umndeni: Lindela uguquko. Kufanele niyeke imithetho emidala niveze emisha ekhaya.
Uthando: Lindela okuhle okuzokwenzeka othandweni. Uma ungawedwana, uzothola umuntu ozoshada naye. [z]
