zulu.817.midfielders
Isipesheli sikaBONA sezebhola
Abadlali basesiswini abaphambili
indaba nguMARK GLEESON
izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
BONA ZULU – June 2006
Sinibhalela ngabahlanu abavuthayo…
BENEDICT VILAKAZI
(23) Orlando Pirates
UKULIMALA necala abelihamba yizinto ebezimhleli emahlombe uVilakazi, kodwa enkundleni ukhombisa ngaphandle kokungabaza ukuthi unekhono elimangalisayo.
Uthi ubuwazi? UVilakazi wasiza iPirates yawina isicoco seligi ngo-2001 esemncane kakhulu.
SURPRISE MORIRI
(26) Mamelodi Sundowns
LO mdlali uyashesha kanti futhi usebe nelikhulu igalelo eqenjini lakhe elishayela amagoli kulezinyanga ezimbalwa ezedlule.
Uthi ubuwazi? Kubo kaMoriri kuseGraskop emahlathini aseMpumalanga.
PAPI ZOTHWANE
(25) Lamontville Golden Arrows
LESI yisikhwishikhwishi esikhaliphile enkundleni kangangoba ukungabikho kwaso eqenjini leBafana Bafana elaliyodlala e-Egypt emqhudelwaneni we-African Nations Cup ngasekuqaleni konyaka kwaqubula imibuzo eminingi.
Uthi ubuwazi? UZothwane ibhola lakhe ulidlale lapha KwaZulu Natal kodwa wazalelwa eVanderbijlpark emngceleni weGauteng neFree State.
TINASHE NENGOMASHA
(23) Kaizer Chiefs
LO mdlali weChiefs waseZimbabwe ngomunye wabadlali abaphezulu ukuthengwa yiChiefs kule minyaka edlule. Indlela adlala ngayo yenza omkhulu umehluko esiswini seChiefs.
Uthi ubuwazi? UNengomasha wayesaba ukujoyina iChiefs ngoba ecabanga ukuthi ngeke alithole ithuba lokudlala ngenxa yezihlabani zabadlali abakuleli qembu.
SIYABONGA NKOSI
(24) Bloemfontein Celtic
PHEZU komzimba wakhe omncane ikhono lakhe enkundleni liyamangalisa kangangoba maningi amaqembu abegaqele ukumsayinisa.
Uthi ubuwazi? Esemncane uNkosi wakhululwa yiPirates emva kokuchitha isikhathi eqenjini layo elincane.[z]
BONA ZULU – June 2006
