ZULU.815.muthi
nguFORCE KHASHANE
IMPILO iyindida. Njengoba isizwe sisahluleka wukuxazulula inkinga yokukhulelwa kwentsha, iningi labashadikazi lifuna abantwana elizozikhulisela bona.
Baningi abashadikazi abangathanda ukunakekela lowo mphefumulo ongenacala osuke ulahliwe!
Ngivame ukuthola izincwadi zabashadikazi abasuke befuna usizo enkingeni yokungabatholi abantwana. Ngabe isangoma singakwazi ukusiza owesimame ongabatholi abantwana" Lowo ngumbuzo abahlale bewubuza.
Iningi labashadikazi lichitha imali enhle ligqigqa kodokotela liye nasezangomeni ngaphandle kokuthola usizo, yincwadi yomunye wabafundi bethu eyayibhalwe kanjalo.
"Sekuphele iminyaka engu-16 ngishadile kanti ngineminyaka engu-36. Mina nomyeni wami sesizame konke ngenhloso yokuthola abantwana kodwa asiphumeleli," kubhala u-XK.
"Sengiye kodokotela nasezangomeni kodwa kumnyama."
Kubuhlungu ukungabatholi abantwana. Imishado eminingi ichithekile ngenxa yale nkinga.
Ake ufunde le ncwadi. "Isisu sami saphuphuma emva kwezinyanga ezimbili ngikhulelwe. Emva kwalokho zaphuphuma zaze zaba ntathu yaqhubeka le nkinga izisu ziphuma njalo uma senginezinyanga ezimbili," kubhala u-AB.
"Umyeni wami usekulangazelele kakhulu ukuba sibe nengane kanti nomshado wami ulengela engozini. Akasangithandi ngendlela ayengithanda ngayo kanti isikhathi esiningi usichitha egumbini likamama wakhe lokulala.
"Uma ephuma kulowo mhlangano wakhe nomama wakhe uphuma engenamusa. Olunye ushintsho lolo olukhomba ukuthi akasenandaba nami. Umholo wakhe uwunika umama wakhe!
"Uyena (umama) othenga igrosa. Bathi izisu zikhishwa yimina ngamabomu."
Ezincwadini engazithola yinye kuphela eyayiphuma kowayefuna umntwana ayezozikhulisela yena njengowakhe.
Sonke siyazi ukuthi ezweni lethu ziningi izingane ezikhulela emakhaya azinakekelayo. Akuphambene nobu-"Afrika" ukufuna ingane ozoyikhulisa njengeyakho - inkinga esinayo wukuthi isizwe sethu asiyijwayele le ndlela yokuthola abantwana.
Esikujwayele wukushada kwabantu benezingane abazithola kwababethandana nabo.
NgesiTswana kuthiwa "e gapiwa le dinamane tsa yone" - okungukuthi uthatha nengane yoshada naye uma nishada.
Kodwa yisiphi iseluleko esingasinika abangenangane" Qaphela lokhu okulandelayo...
lUma kukhulunywa ngodaba "lwenzalo," kusemqoka ukuba kuhlolwe abashadikazi bobabili.
Abaningi bangazikhohlisa ngokuthi intelezi abayinikwe yisangoma noma izindlela ezintsha zokwelapha ezisetshenziswa odokotela zingabasiza. Lezi zinto zisemqoka kodwa kukhona okunye okusemqoka okumele kubhekwe.
lNgokwemvelo, izingane zidinga ukukhulela endaweni ekahle. Izingane zifuza abazali nezihlobo zazo. Amaphutha esiwenzayo ayasihlupha ngokuhamba kwesikhathi - njengokungayinakekeli ingane owayithola kowawuthandana naye.
lKubalulekile ukubheka ukuthi agcinwa wonke yini amasiko ngesikhathi kukhishwa ilobolo.
lUma kuxazululwa le nkinga akufanele kubhekwe uhlangothi olulodwa - njengokugxila kowesimame kuphela!
Nabesilisa kuyenzeka bangabi "nenzalo"!
lAbesimame abanezinkinga uma beya ezinsukwini zabo mabasebenzise umuthi obizwa ngomathunga.
lIsilumo esivame ukubaphatha uma besezinsukwini zabo naso kumele selashwe ngomuthi.
lAbesilisa abanenkinga yembewu engaphumi kahle bangasizwa yibhangalala.
lKusemqoka ukuthi abashadikazi bathole ukwelashwa uma kukhona onesifo socansi.
Okokugcina, mabalalele isangoma uma sibanika umuthi ozobasiza ekutholeni abantwana.
Uma senikuzame konke, zamani ingane eningazikhulisela yona ngokwenu. Ziningi ezidinga uthando nokunakekelwa! [z]
34 BONA ZULU - May 2006
Ezemithi yesintu
Ngisizeni! Ngifuna umntwana!
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
