zulu.814.soccer
Uyadlala lo “mfana”!
U-Torres uyagijima, unamandla nobuchule – ubafaka itwetwe abadlali basemumva uma eza kubona nebhola – kodwa awamaningi amagoli asewafakile. Ngabe izinto zizoshintsha kwiLiverpool?
indaba ngu-ISAAC KWELA izithombe abakwaGALLO
BONA ZULU – March 2008
BAMBIZA ngo-El Nino – The Kid – ngenxa yokubukeka kwakhe njengengane encane, kodwa kuvele kubukeke sengathi uFernando José Torres Sanz wazalelwa enkundleni yebhola uma umbukela edlala.
Irekhodi lakhe lokudlala limchaza kahle. Ngo-1994, eneminyaka engu-10, wafaka amagoli angu-55 waphumelela nakuma-trials ehlolwa yi-Atlético Madrid.
Waqokwa eneminyaka engu-19 njengokaputeni weqembu lakhe. Angu-75 amagoli awafaka kumasizini amahlanu edlala kwiligi enkulu yaseSpain – nguSamuel Eto’o noDavid Villa kuphela abafaka amagoli angaphezulu kwawakhe ngesikhathi esifanayo.
U-Torres wayeyingxenye yeqembu lesizwe laseSpain elalidlala kwiWorld Cup ka-2006 kanti emva kwaleyo midlalo wanqaba ukuyodlalela iChelsea. Kwathi uma i-Atletico Madrid ihluleka wukungena kweye-UEFA Cup kwamkhanyela ukuthi sesifikile isikhathi sokuba abheke engxenye.
I-Liverpool yamsayinisa ngo-R280-million nokuyimali leli qembu elaliqala ngqa ukuyikhipha lisayinisa umdlali.
U-Torres nemenenja yaleli qembu uRafael Benítez bazithola bebhekene nengcindezi enkulu ngoba abalandeli beLiverpool babelindele lukhulu kuTorres owayesayiniswe ngemali enkulu.
Akazange abadumaze lo mfana ngoba ngomhlaka 19 August 2007 wafaka igoli emdlalweni wakhe wokuqala wePremier League e-Anfield lapho ezakhe zadlala khona i-draw ka-1-1 neChelsea.
Ngomhlaka 25 September, wafaka amagoli amathathu emdlalweni abawuwina ngo-4-2 bedlala neReading.
Uphatheke kahle
NgokukaRaul, omunye wabadlali abayizingqalabutho eSpain, uTorres useshintshe kakhulu njengoba esedlalela iLiverpool. “Kubukeka sengathi uphatheke kahle manje.”
Lokho akumangalisi ngoba abantu bebebheke lukhulu kuyena uma engena enkundleni edlala kwi-Atletico noma eqenjini lesizwe.
“U-Torres wenze ukuba abalandeli bebhola eSpain bahlukane phakathi. Kukhona abamthanda ngokufaka kwakhe amagoli amahle nabacasulwa wukuhlulwa kwakhe amathuba alula,” kuchaza enye intatheli yezemidlalo.
U-Torres uthi uzwa usukile emahlombe akhe umthwalo wokuthwala i-Atletico njengoba esese-Anfield.
“Ibinzima iminyaka engiyichithe kwi-Atletico. Ngangingakuzwa lokho ngesikhathi ngisayidlalela ngoba ngangifuna ukuba iphumelele. Kungisizile ukuyishiya.
“I-Liverpool yiqembu elikhulu kanti umthwalo wokuyiphumelelisa uthwelwe yibo bonke abadlali. Indlela ephethwe ngayo iyakukhulisa njengomdlali.
“Ngiyazi ukuthi abantu babona ingangifanele imali engithengwe ngayo kodwa ngizobaduduza ngamagoli engizowafaka.
“Angifuni ukuzibekela inani lamagoli engifuna ukuwafaka kodwa uma ngingalimalanga, nefomu yami ikahle, ngifuna ukufaka okungenani amagoli angu-15. Lokho kuyongijabulisa.”
U-Torres uthe efika kuleli qembu wacela ukugqoka ijezi unombolo “9” elaligqokwa nguRobbie Fowler nelaba nedumela ngesikhathi sika-Ian Rush. “Ngazicelela mina ukuligqoka,” kusho yena.
“U-Fernando uneminyaka engu-23 kanti lide ibanga asazolihamba ebholeni,” kusho uRafael Benítez. “Ungumdlali oyingozi ebhokisini kanti ngimbona ezodlala kahle kakhulu uma edlala noDirk Kuyt.”
U-Torres uthi ubengeke aphumelele ukuba ubengaxhasiwe wumndeni wakhe. “Kuyajabulisa ukudlalela iqembu elinjenge-Atletico usemncane kodwa ekhaya bathwala kanzima bezama ukuba ngiphumelele. Babengazitsheli ukuthi ngiyogcina ngidlala kuleli qophelo engikulona manje.
“Ubaba kwakudingeka ukuba ashiye umsebenzi angiphuthumise ejimini abuye aphindele emsebenzini. Kokunye kwakuba ngumama ongiyisa ejimini. Wayevame ukuthi, ‘Liyeke ibhola uma ukhathala.’ Kodwa ngangingakhathali.
“Kokunye ngangihamba nomfowethu noma nodadewethu. Ukuba umndeni wami awungixhasanga ngabe angisiye lo mdlali enginguye,” kusho uTorres. [z]
KWESOBUNXELE: Kukhona abathi uTorres useshintshile njengoba edlalela iLiverpool.
KWESOKUDLA: “Iminyaka embalwa engiyichithe kwi-Atletico ibinzima. Bengingayizwa leyonto ngisekuyona ngoba ngangifuna ukuba iphumelele. Kungisize kakhulu ukudlalela kwami iLiverpool,” kusho uTorres.
U-Fernando Torres
U-Torres edlala kwiLiverpool: “Leli qembu liyahlonishwa e-Europe. Ngangifuna ukudlalela iqembu elinjalo. “
BONA ZULU – March 2008
