zulu.810.gardening
INGADI YAKHO
Izindlela Zokulwa
Nezinambuzane
Yonga imali uzenzele izifutho zakho zokubulala izinambuzane ezikuhlupha engadini yakho
AKUSIWE wedwa ofuna ukudla izitshalo ozitshalile. Kukhona izinambuzane ezibona ukuthi ingadi yakho iyindawo ezizothola kuyona ukudla zibuye zicekele phansi ukudla kwakho.
Ukuze ulwe nazo, akudingeki ukuthi uthenge okokubulala izinambuzane okubizayo e-hardware noma lapho kudayiswa khona imbewu nezithombo.
Ungazithakela okokubulala izinambuzane usebenzise onako ekhaya lakho. Ngeke ugcine ngokonga imali kodwa uzokwazi ukuphephisa izinyoni, amaxoxo nezinye izilwanyazana ezidla izinambuzane ubuye uvikele nengadi yakho.
Ongaqala ngako
Uma uqala udinga lokhu:
Ibhakede elihlanzekile.
Ibhodwe elidala. (Elisetshenziselwa ukuthaka izinto ezinobuthi ngoba isithako ozosenza siyingozi!)
Induku ubude bayo obungu-30cm - ilingane ne-ruler lesikole.
Ibhodlela eliyisifutho. (Elenziwe ngepulasitiki ongabuye ulisebenzise, le nhlobo ishibhile kanti itholakala ezitolo eziningi.)
Qaphela
Uma abantu besebenzisa into ethile kakhulu, baba budedengu. Zivikele, uvikele nomndeni wakho:
Geza izandla emva kokusebenzisa izifutho.
Beka izifutho endaweni ephephile.
Ungazifaki emabhodleleni ojusi, ngoba ingane ingacabanga ukuthi kuphephile ukuziphuza.
Manje usungaqala uthake. Ohlwini lwethu uzothola "amaresiphi" ayisikhombisa abulala izinambuzane eziyingozi engadini yakho. [z]
Indaba: Thandi Zulu
Umthombo: West Park Permaculture Development Centre nabeWoolworths Trust EduPlant Programme
KHETHA ISIBULALI SAKHO
Qhathanisa lezi zithako nezinambuzane ezikuhlupha engadini yakho
ISITHAKO SENSIPHO!
Sifuthe emaqabungeni/kuma-vegetables ukuze ubulale izibungu nezinye izinambuzane ezidla izitshalo.
Thatha iqhuzu lensipho eluhlaza usike uphisi olingana nesithupha sakho.
Yigreythe (noma uqobe ophisi abancane).
Kufake elitheni yamanzi uyeke ingxube kuze kuncibilike insipho.
Thela ingxube ebhodleleni elifuthwayo.
ISELULEKO: Ungafaka insipho kunoma yisiphi isifutho kulezi ezilandelayo - yenza ukuba sibambelele ukuze sinamathele emaqabungeni, ikakhulu ngaphansi, kubaleke izinambuzane.
UMABULALA ZONKE!
Lesi ungasisebenzisa kunoma yini kanti sixosha izinambuzane sibulale nezisesitshalweni.
Qoba u-anyanisi owodwa nogaligi. Faka isipuni se-cayenne pepper.
Faka esakeni eliyizintambo
( Libophele endukwini ulivundlise emlomeni webhakede elinamanzi enele azomboza isaka (njengoba kukhonjiswe ngenhla). Isaka akufanele lithinte isinqe sebhakede! Licwilise ubusuku bonke.
Khipha isaka - uzosebenzisa ingxube esele ebhakedeni.
Uma usebenzise inkomishi eyodwa yengxube yesibulali zinambuzane, thela izinkomishi ezinhlanu zamanzi.
ISELULEKO: Nsuku zonke futha nge-spray uma ezitshalweni zakho uhlushwa yizinambuzane.SUKU ZONKE FUTHA NGE-SPRAYha nsuku zonke uma uhlushwa yizinambuzane kakhulu.
UMLOTHA OBULALAYO!
Lesi sibulala noma yiziphi izinambuzane ezihlasela iklabishi. Hlanganisa izandla ezimbili zomlotha wokhuni nezandla ezimbili zikafulawa nohhafu wenkomishi kasawoti. Vuvuzela emaqabungeni.
ISITHAKO ESIBABAYO!
Sixosha izinambuzane kuma-veg.
Faka insipho, izitompi zikagwayi, i-chilli powder nogaligi ogxotshiwe ebhakedeni elinamanzi.
Govuza ngenduku.
Uma sekuhlangene, thela ebhodleleni elifuthwayo.
ISELULEKO: Futha emva kosuku lwesibili kuze kuphele isonto, futha kuyo yonke indawo esobala ungamanzisi kakhulu.
Izinambuzane ezidla izithombo zingafa kalula uma usebenzisa isiThako seNsipho noma Sikagaligi!
ISITHAKO SIKAGALIGI!
Sibulala izinambuzane ezidla izithombo, i-cabbage white butterfly, izicabucabu, o-mosquitoe, iminenke nama-wireworms.
Hlanganisa izingcezu zensipho kuhhafu welitha yamanzi.
Faka ugaligi oqotshiwe ongangesandla nama-teaspoon amabili kaphalafini.
Cwilisa amahora angu-48.
Sefa ufake engilazini noma esitsheni Thela amanzi ebhodleleni elifuthwayo, faka i-teaspoon lengxube elilodwa
ISELULEKO: Qeda i-downy mildew, leaf spot, bean rust ne-blight.
SISA-SHUKELA KODWA SIYABULALA!
Lesi sibulala ama-spider mites namaqanda ngoba ambozwa yisifutho anamathela kusona ahileke.
Hlanganisa i-teaspoon le-buttermilk nohhafu wenkomishi kafulawa.
Thela amalitha amabili amanzi.
Thela ingxube ebhodleleni elifuthwayo.
ISELULEKO: Lesi sibulali zinambuzane ungasifaka efrijini - qiniseka ukuthi ibhodlela limakwe kahle lavalisiswa.
ISIBULALI ESINOSAWOTI!
Sisiza ezitshalweni ezingenampilo ezinamaqabunga aphuzi.
Ncibilikisa u-50g we-Epsom Salts (magnesium sulphate) emalitheni amane amanzi.
Faka ebhodleleni elifuthwayo ufuthe emaqabungeni aphuzi.
ISELULEKO: Uma izitshalo zakho zinamaqabunga aphuzi kusho ukuthi zishoda nge-magnesium eziyithola enhlabathini. Kungasiza ukushintsha indawo otshale kuyona.
ISITHAKO ESINOBISI!
Silwa nezifo kutamatisi sibulale i-red spider mites, izicabucabu nezibungu.
Hlanganisa inkomishi yobisi noma i-sour milk nezinkomishi ezingu-9 zamanzi.
ISELULEKO: Yenza isithako esisha njalo - usisebenzise ngokushesha.
Izicabucabu zingabulala izimbali nama-veg akho ngokuphazima kweso.
SIKA UKUGCINE
