zulu.801.bec events
Impilo nokuphila kahle eKNZ - umhlahlandlela nezinhlelo zamabhizinisi amancane
Nini: UMgqibelo, 5 April 2008
Kuphi: The Royal Hotel,
267 Smith Street, Durban
Isikhathi: Fikani ngo-9.30am ukuze siqale ngo-10am
Imali: R50 umuntu emnyango. Eyelantshi ibaliwe. Umuntu uyozithengela ngokwakhe e-bar.
Bhuka ngokushayela uPuleng ucingo: 011-883-8829 (ngezikhathi zomsebenzi – 8.30am-5pm phakathi nezinsuku zesonto)
Uhlelo
l Siyothokoziswa yiJUNIOR MAMBAZO iqembu elasungulwa nguJoseph Shabalala ongumholi weLadysmith Black Mambazo. Leli qembu liholwa nguNkosinathi Shabalala oyinkosana yakhe.
l FORCE KHASHANE – uMhleli oMkhulu kaBONA
l IZINDABA ZEMPUMELELO ZABE-SASKO
l DR RASHMA PAHAD – uchwepheshe wezempilo
l MAGEU NUMBER 1 BUSINESS START-UP AWARDS
l ILANTSHI, NOKUSEBENZISANA NABANYE
l CHRISTINE DHLOMO – umnini weDinangwe Home Baking
l I-BAKE & COOK FOR PROFIT –
Zisungulele indawo yokudla kwesintu.
Ziphilise ngokuthengisa ukudla usekhaya.
BONA ZULU – April 2008
IBHIZINISI LAKHO YINTO ESIYIKHATHALELE - njengoba kusho abaxhasi beBONA Empowerment Club! Woza uzohlanganyela noMhleli oMkhulu kaBONA uForce Khashane uzizwele nochwepheshe abasukela kwezempilo kuya ekuphileni kahle besinika amacebo amahle kwi-forum yethu ngoMgqibelo mhlaka 5 April eRoyal Hotel eThekwini.
I-workshop yethu yeBake & Cook for Profit ngalo lolo suku iyosethulela izindlela ezingasiza ekuvuleni indawo yokudla kwesintu emphakathini wangakini.
Ukulwela impilo enhle kuya kukhula esikhathini sanamuhla kanti nabafundi bakaBONA bangaba yingxenye yalokhu kalula ngokuzivulela izindawo okunakekelwa kuzo izinzipho (nail bar), amasaluni ezinwele i-spa noma indawo yokujima noma babe abakhiqizi bemikhiqizo yezobuhle efana nokhilimu basezandleni, izinsipho, iziphuzo ezinika impilo noma amakhambi esintu.
Inhloso yeBONA Empowerment Club wukuhlomisa abafundi ukuze bazenzele imali. Umcimbi wangomhlaka 5 April wenzelwe ukudala ukuxhumana nokusebenzisana. UBONA ungathanda ukwamukela izinhlangano zomphakathi nezitokifela.
Kuzobe kunezindodla zemiklomelo, imihlomulo namathuba okuqeqeshelwa izinhlelo zomsebenzi.
I-BEC
iza eThekwini
Izindaba zempumelelo zeSasko Flour
NJENGABAXHASI abakhulu beBake & Cook for Profit, iSasko Flour ifuna umbhaki onempumelelo ukubedlula bonke kuleli.
Njengoba sekuphele cishe iminyaka engu-70 iSasko Flour ikhona, ungayethemba ekwenzeni okubhakayo kunambitheke kamnandi.
Indlela yokungenela umncintiswano wezindaba zempumelelo
UMA usebhizinisini lokubhaka, sibhalele usifakele lokhu:
l Umlando ngebhizinisi lakho.
l Impumelelo osube nayo ekubhakeni usebenzisa iSasko Flour.
l Kungasiza futhi uma ungafaka neresiphi yakho lapho usebenzisa iSasko Flour.
l Ungawungenela kunoma yimuphi umcimbi weBONA Empowerment Club.
Uma ukhethwe njengomunye wabawine zinyanga zonke, uzoziwinela izimpahla zokuqhuba ibhizinisi lokupheka.
Ikheli lithi: Sasko Flour Success Stories, Box 1300, Rivonia, 2128.
Njalo khumbula: yiSasko Flour kuphela eyenza okubhakile kunambitheke kamnandi!
I-Mageu Number 1 Business Start-up Awards
EMINYAKENI emithathu eyedlule iMageu Number 1 ibilokhu ixhase iBONA Empowerment Club eyenzelwe ukusiza abasacathulayo kwezamabhizinisi. Imiklomelo iMageu Number 1 Business Start-up Awards inikezela ngo-R50 000 minyaka yonke kubanini bamabhizinisi amancane namakhulu.
Emcimbini ngamunye iMageu Number 1 iyobe yethula owenyanga owine u-R2 000.
Kwi-forum ngomhlaka 5 April uzokwazi ukuhlangana nochwepheshe bezamabhizinisi baseKZN abazokwethulwa ngaphansi kwabeMageu
Number 1.
Ukungenela amaBusiness Start-up Awards
Ngenela kunoma yimuphi umcimbi weBONA Empowerment Club ngokugcwalisa ifomu yokungenela ekwi-folder noma uthumele nge-fax imininingwane yebhizinisi lakho ne-business plan yakho kuPuleng kule nombolo: 011-883-8830.
Ungangenela futhi ngokubhalela kuleli kheli: Mageu Number 1 Business Start-up Awards, Box 3858, Rivonia, 2128.
Khumbula ukufaka igama lakho, ikheli leposi nelomgwaqo, inombolo yakho yocingo neye-fax.
BONA ZULU – April 2008
I-Mageu Number 1
ISEVWA emicimbini yemishado, emihlanganweni, nasemicimbini ehlukene. IMageu Number 1 ungayiseva ibanda kanti iyatholakala ngezinhlobo ezehlukene kubandakanya i-banana, cream, plain, strawberry ne-pineapple.
Ayikho into engenzeka umuntu elambile, ngisho nabasebenzi bakho imbala. IMageu Number 1 wumkhiqizo onezinga leGI eliphansi, ayinawo amafutha, ayinayo imikhiqizo yasemadeleni futhi ayinawo ukolo. Isiza ekunikeni izinga elifanele lomdlandla ikwenze uhlale ungumqemane.
Namuhla iMageu Number 1 isetshenziswa njenge-cocktail. Tenda izivakashi zakho ngesiphuzo esinesithako sikabhanana, esihlotshiswe ngama-strawberries noma ngezingcezu ze-apula usithele ezingilazini ezinde.
Sebenzisa iMageu Number 1 ekubhakeni ukuze ibhajethi yakho ihambe indawo ende.[z]
