zulu.7.arv's (lead)
Ingabe aphephile yini ama-ARV" Noma mhlawumbe izinkinga azidalayo zingaphezulu kokusizakala okutholayo" Kuningi okwethusayo okukhulunywa abantu - nanka amaqiniso!
indaba nguKHOPOTSO BODIBE noKERRY CULLINAN
izithombe nguROBERT TLAPU
USELINAH wezwa okokuqala ukuthi une-HIV ngonyaka ka-1995. Ngo-2001 wayeseqala ukuba buthaka esephelelwa amandla, udokotela wakhe wameluleka ngokuthi asebenzise ama- ARV (okuyimishanguzo yesifo se-AIDS).
Ngaleso sikhathi, ngisho nodokotela babazi kancane kakhulu ngale mithi, futhi eminye yokuqala yayingasebenzi kahle.
Ngesikhathi uSelinah eqala ukusebenzisa ama-ARV ngonyaka ka-2001, umzimba wakhe wagcina ungasazweli kule mithi, wangabe esalapheka ngayo.
Wabe eseshintshelwa kolunye uhlobo lwama-ARV - namuhla, emva kweminyaka emine, uzizwa engumqemane...
BANINGI abantu abanegciwane lesandulela ngculazi abasabayo ukusebenzisa ama-ARV ngoba bezwa amahlebezi okuthi anobuthi.
"Iningi leziguli ezifika lapha zisuke ziludinga kakhulu usizo, kodwa zifika nezinkolelo eziningi ezingesilo iqiniso ngama-ARV," kusho uSizakele Ndlovu, oweluleka nge-HIV esibhedlela saseMcCord eThekwini.
"Bawacabangela kabi lamaphilisi ekubeni bewadinga."
"Ngaqala ukusebenzisa ama-ARV ohlobo lwe-Hydrea ne-Videx ngonyaka ka 2001," kuchaza uSelinah Mashinini, oneminyaka eko-30 yobudala futhi ongumama wezingane ezimbili.
"Ngesikhathi umzimba wami uyeka ukwelapheka ngale mishanguzo kwaba nzima" kuchaza yena.
"Isikhumba sami sashintsha. Izinwele zami zaqothuka. Ngaba nokwesaba ngangazi ukuthi yini okufanele ngiyenze."
"Inkinga yakhe wukuthi wayesebenzisa izinhlobo ezimbili zale mithi ezixuba," kuchaza uHelen Struthers we-Perinatal HIV Research Unit eGoli.
"Manje sesiyazi ukuthi ukusebenzisa izinhlobo ezimbili kuphela akusebenzi kunokusebenzisa izinhlobo ezintathu zemithi yalolu hlobo."
EMVA kokuxinwa kakhulu wukugula, uSelinah wanquma ukuya komunye udokotela. Lo dokotela wathi kudingeka ukuba axube izinhlobo ezintathu zama-ARV.
"Isimo sempilo yami sase sisibi kakhulu ngoba ngase ngiguliswa yizifo eziningi."
"Babengakwazi ukungihlinza ngoba isibalo sami se-CD4 sasiphansi kakhulu."
Kwadingeka ukuba abuyele kuma-ARV. Ngenhlanhla, esebuyela kwaba khona abamsiza wakwazi ukuthola ukwelashwa ngokudidiyela izinhlobo ezintathu ezazidingeka zale mithi.
Uyavuma ukuthi wayesaba ngempela ukubuyela ekwelashweni ngama-ARV.
"Kodwa ngazitshela ukuthi kudingeka ngibe nethemba. Uma ngingenalo ithemba ngizofa. Engikuphilelayo - yizingane zami kuphela.
Uyalukhumbula usuku aqala ngalo ama-ARV okwesibili - umhlaka 31 October 2003 - njengosuku oluyisipesheli lokugujwa minyaka yonke ngoba ngokushesha emva kwalokho isimo sakhe saqala ukuba ngcono!
IQINISO - ngeke nikholwe ukuthi izinwele zikaSelinah zake zaqothuka njengoba sezikhule kahle ngokumangalisayo.
"Kungenxa yama-ARV," kusho yena. Usebenzisa lezi zinhlobo zama-ARV - AZT, 3TC ne-Kaletra.
Uthi ekuqaleni kukhona ukugula ambangela kona - njengesiyezi isikhathi cishe esingangamasonto ayisithupha. Kodwa, uthi kufanele ube nesineke.
"Futhi kufanele uqonde ukuthi lezi zinkinga eziyimithelela yale mishanguzo, azichazi ukuthi uzofa - kodwa zisho ukuthi umzimba wakho uyayijwayela le mithi."
Wahlakanipha uSelinah wangayeka ukusebenzisa lawa maphilisi. Esikhundleni salokho washayela udokotela wakhe ucingo.
"Wangeluleka ngokuba ngilale ngiphumule bese ngiphuza amanzi amaningi, emva kwesikhathi lezi zinto ezazidalwa yile mithi zizophela," kulandisa uSelinah.
"Ngaphezu kwalokhu," kuqhuba uDkt Janet Giddy, onguchwepheshe kwezokulwisana ne-HIV, "cishe bangamaphesenti angu-10 kuphela abaguliswa ukwelashwa ngama-ARV kanti cishe wonke umuntu uyakwazi ukuqhubeka nokusebenzisa izinhlobo zale mithi ihlanganisiwe yize kukhona abadinga ukushintshelwa kwezinye izinhlobo zale mithi."
Uma isiyekile ukubagulisa le mithi, ayiphinde ibagulise.
"Manje sengiwumqemane," kusho uSelinah. "Ngiphila kahle, futhi sengibuyele nasemzimbeni wami. Zonke izinto sezihamba kahle."
Ukugwinya amaphilisi amahlanu ngesikhathi, kabili ngosuku kusenzima, kodwa uSelinah uyazi ukuthi kungcono lokho kunokufa.
"Zonke izinsuku ngigwinya amaphilisi ngehora lesishiyagalombili ekuseni, ngiphinde futhi nangehora lesishiyagalombili ebusuku. Kufanele ukwenze lokhu, ngaphandle kwalokho le mithi ngeke isasebenza.
"Kumele uqikelele ukuthi uyadla ngaphambi kokugwinya lawa maphilisi," kusho uSelinah. "Futhi ama-ARV kumele ungawaxubi neminye imithi - ikakhulu nemithi yezinyanga nezangoma."
USelinah uyaqikelela ukuthi le mithi ayisebenzisayo iyasebenza kule gemu ngoba wazi kahle ukuthi waba nenhlanhla ngokuthola elinye ithuba lokuphila. [z]
Health-e News Service.
BONA ZULU - March 2006
Ukuwasebenzisa ngendlela efanele!
Ukusebenzisa ama-ARV kuzosindisa impilo yakho!
BONA ZULU - March 2006
Amaqiniso
Akusibo bonke abaphila ne-HIV abadinga ama-ARV. Uma udla ukudla okunomsoco, ugwema ukubhema nokuphuza kakhulu utshwala, uzivocavoca, kungathatha iminyaka eminingi ngaphambi kokuba udinge ukwelashwa ngama-ARV.
Indlela efanele yokuthola ukuthi uyawadinga yini ama-ARV eyokuba udokotela wakho akuhlole igazi kabili. Ukuhlolwa kokuqala okokuthola ukuthi lingakanani igciwane le-HIV elisegazini lakho. Okwesibili okokuhlola isibalo se-CD4 emzimbeni wakho - amandla amasotsha omzimba.
Lokhu kuhlolwa kudingeka ukuba kwenziwe njalo emva kwezinyanga eziyisithupha. Uma isibalo sakho se-CD4 sehla siba ngaphansi kuka-200, udokotela wakho uzokutshela ukuthi sekufanele uqale ukusebenzisa ama-ARV.
Lesi yisona sikhathi lapho ezinye iziguli ziyeka khona ukuya ezikhungweni zezempilo ngoba zizwe izinto ezimbi ngama-ARV. Kodwa manje yizinkulungwane ngezinkulungwane zabantu baseSouth Africa abelashwa ngama-ARV - ngaphandle kwawo, ngabe baningi asebafa.
UDkt Janet Giddy uthi kukhona labo ukusinda kwabo okwaba "yisimangaliso uqobo".
"Manje sekukhona impilo lapho okwakunokufa khona. Iziguli zami okungabe sezafa ngaphandle kwama-ARV, ziyakhulelwa manje, zibelethe izingane ezingenalo igciwane le-HIV, ziqhubeke nempilo yazo."
KUDE KWESOBUNXELE: USelinah nendodana yakhe uLucky. Ama-ARV asemnike impilo entsha.
KWESOBUNXELE: "Ungaluthwa ngezindaba ezingesilo iqiniso ngama-ARV," kusho uSelinah.
'Manje sengiyaphila'
'Ukuthola eminye imininingwane nge-HIV/AIDS, thinta abeNational AIDS Helpline kwethi: 080-001-2322.
"Nsukuzonke ngiphuza imithi yami ngo-8 ekuseni nango-8 ebusuku. Kufanele lokho ukwenze ngoba uma ungakwenzi izoyeka ukusebenza."
