zulu.79.boss
Owokuphekela abantu!
Ziqashe
Ukuphekela amadili nemicimbi eyisipesheli - kungaba yibhizinisi elinenzuzo...
indaba nguGRACE KHUZWAYO
izithombe nguBRETT FLORENS
EMVA kokudilizwa kwakhe ebhange ayesebenza kulona njengonobhala, uDoreen Ngcobo wasebenzisa ikhono lakhe lokupheka ohlelweni alubiza ngo "Plan B". Lokho kwaholela ekusungulweni kweD's Décor ephekela imicimbi emincane njengama-birthday kuye kwemikhulu ehlanganisa abantu abangu-1 500.
Uhlobisa indawo umcimbi ozobanjelwa kuyona apheke nokudla.
U-Doreen usefundise intsha yasendaweni ahlala kuyona ukupheka kanti ubuye aqashe yona imsize emicimbini yakhe.
Ngabe kumphatha kahle ukuziqasha? "Yebo!" kusho yena ehleka. "Lokho akungatshazwa! Ngiyawuthanda umsebenzi wami kanti angicabangi ukwenza omunye."
UKUQALA
U-Doreen uthi kufanele ube ngumuntu okuthandayo ukupheka nokwenza umsebenzi ngendlela egculisayo. Emva kwalokho, hlala phansi ubheke ukuthi abantu endaweni ohlala kuyona bayakudinga yini ukuphekelwa.
Kuhle nokuthola ukuqeqeshwa. Iningi lezikhungo zeFET (Further Education And Training) linazo izifundo zokupheka ongazenza ngokugcwele noma okwesikhashana.
"Kusemqoka nokwenza izifundo zamabhizinisi ukuze ufunde ngokuphathwa kwemali," kusho kweluleka uDoreen.
Qala ngokuncane onako ukhulise ibhizinisi lakho ngenzuzo oyenzile. Iphutha elikhulu abantu abalenzayo wukuthenga izinto eziningi ibhizinisi lingakasimami bagcine sebengene ezikweletini.
"Ibhizinisi lami ngaliqala ngezingilazi ezingu-30 namapuleti angu-50. Manje senginezingilazi ezingu-500, amapuleti angu-350 nezihlalo namatafula angu-100. Anginasikweleti," kusho uDoreen.
Kodwa uma usaqala udinga isitofu ne-freezer okusebenza kahle.
Uma unquma imali oyifuna ngomsebenzi wakho, akufanele ukhohlwe yizindleko zokuthenga izinto ezifana noshukela nogesi - uma uqhubeka uthola amakhasimende ugcina usunolwazi lokuthi uzobiza malini.
Ukwethembeka kulo msebenzi kubaluleke kakhulu. Uma ufuna ukuba ibhizinisi lakho liphumelele qiniseka ukugcina isikhathi. Uma ungathembekile emakhasimendeni akho ibhizinisi lakho liyafa.
UKUKHANGISA
Ukukhangisa ibhizinisi emaphephandabeni kuyabiza ekubeni zikhona ezinye izindlela ongakhangisa ngazo.
Uma ungenayo ikhomphyutha cela umngani onayo akubhalele izincwadi zokukhangisa uzibeke ehholo lomphakathi, emasuphamakethe, ema-library, emitholampilo naseposini.
"Kuhle nokuba namakhadi ebhizinisi. Awami ngiwashiya etafuleni uma kunemicimbi engiyiphekelayo," kusho uDoreen.
"Okunye, uma umsebenzi wakho uwenze kahle, abantu bazotshela abanye ngawe uthole amakhasimende."
INZUZO
Inzuzo yakho incika emcimbini owuphekelayo nasesibalweni semicimbi oyiphekela ngenyanga. Uma uthola imicimbi embalwa emincane, wenza phakathi kuka-R3 000 no-R5 000 ngenyanga, kube u-R10 000 kuye phezulu kwemikhulu.[z]
Ngeseluleko mayelana nokuqala ibhizinisi lakho, shayela abeSEDA (Small Business Development Agency) ku-0860-103-703; Web: www.seda.org.za.
BONA ZULU - February 2008
BONA ZULU - February 2008
KUDE KWESOBUNXELE: U-Doreen uphekela ngisho abantu abangu-1 500!
KWESOBUNXELE: "Kufanele ukuthande ukupheka," kusho uDoreen.
NGENHLA KWESOBUNXELE: Balindele ukuseva (kusukela kwesobunxele) nguNu Ngubane, Nonhlanhla Ntombela noDoreen.
NGENHLA KWESOKUDLA: U-Doreen akapheki nje kuphela, ubuye ahlobise.
