zulu.799.cover (lira)
BONA ZULU June 2008
MINYAKA yonke umculi uLira uye enze okuthile okumsabisayo. Usanda kubuya ezinkalweni zomfula iZambezi lapho babegxuma khona besuka phezulu beya phansi. Kulo nyaka uzimisele ngokuba enze i-skydyving. "Ngingumuntu ocophelelayo kwengikwenzayo - kodwa kuthi lapho senginqumile ukuyenza into, ngingavinjwa lutho," kusho yena. Le ntokazi (29) umama wayo ayibiza ngelikaNdu, yazalelwa eWattville Ekurhuleni yethiwa ngokuthi nguMoipone Lerato Molapo. Yashiya phansi umsebenzi embonini yezomnotho yalandela uthando lwayo lomculo nokuyilapho idume khona ngelikaLira.
"Lokho akuzwakalanga kahle kubazali bami. Ngangikhethe i-accountancy ngoba kuyisifundo engangisazi kangcono kakhulu esikoleni. Abazali bami babengafuni ngisho noyedwa wezingane zabo ukuba abe kwezikaqedisizungu.
Kwakufanele kubakhanyele okwakusenhliziyweni yakhe uLira njengoba wawina kwiBest Performance neBest Song ngayekubhalile emncintiswaneni wokuvumbulula amakhono eseneminyaka engu-16.
Umndeni wakubo ngaleso sikhathi wawusahlala eDaveyton. "Kulapho ngabona khona ukuthi nginalo ikhono nothando lomculo. Kwakuthi lapho ngicula, abantu bathi nginezwi elimnandi," kusho kukhumbula uLira.
"Ngikholwa wukuthi sonke sinamathalente amaningi kodwa linye esigxila kulona - lelo esiphumelelayo kulona. Mina ngikwazi kahle ukusebenzisa izandla zami kanti nakwezobuciko ngikhona njengoba ngikwazi ukudweba. Ngikholwa wukuthi ukuqeqeshwa kwami kwi-architecture akubanga wukuchitha imali nesikhathi. Kuyinto enhle kumuntu wezobuciko engiwuye ukuze ngisizakale ekufundeni ukuzisungulela izinto - kanti futhi kulusizo kuleli bhizinisi eliwumsebenzi engiziphilisa ngawo.
"Ngiyathanda ukukhuthaza abazibandakanye kwezobuciko, ngisho ngabe bakumuphi umkhakha ukuba bazibandakanye nasezifundweni ezifana nezomthetho noma zokuphathwa kwamabhizinisi, noma ngubani osehhovisi ukuba awubhalansise ngokunye umsebenzi wakhe."
Emasontweni amabili ngaphambi kokushiya umsebenzi wakhe ekuqaleni kuka-2000 wayesethathwe yisitebela somculo i-999 Music ka-Arthur Mafokate ngokuxhunyaniswa ngomunye wabomndeni - udadewabo owayefunda esikoleni nodadewabo ka-Arthur.
Lesi sitebela sasisemkhankasweni wokuzikhulisa ngomculo we-R&B. Akubanga lula njengokucabanga. Kwamthatha uLira iminyaka emithathu ukuba akhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ethi All My Love ngonyaka ka-2003.
"Kungani ngashiya phansi umsebenzi wami?", kusho yena ezibuza ngokumangala ngesinye isikhathi. Ayikho indlela eqinisekelwe impumelelo emculweni, akufani mhlawumbe njengokufundela ubudokotela.
"Kwadingeka ukuba ngizinike isibopho empilweni yami ngazi futhi ukuthi umsebenzi wenkampani yokuqopha wukuba ikukhombise indlela. Awucathuliswa - okunye nguwe ozibonela kona. Yangakha njengomculi yangenza umculo ngawuthathisa okwebhizinisi hhayi njengento yokuchitha isizungu.
Mkhulu umehluko phakathi kweSA nesikubona kwiTV emculweni waseMelika nowase-Europe. Lapho abantu benza izigidi nge-albhamu eyodwa ekubeni la eSA akwenzeki lokho.
Ngo-2006 uLira wazibonakalisa njengoba ayesesayine enkampanini entsha yokuqopha iSony BMG. Lokho kwaba nomphumela wolozolo lwe-albhamu ethi Feel Good, kanti wona lo mucu oqanjwe ngayo uthakaselwa abaningi.
I just wanna feel good everyday
I wanna wear a smile upon my face
I wanna feel the joys of the day
I wanna feel alive in every moment.
Le-albhamu yavala ngehlahla emashadini omculo eMetro FM, yawina njengeMTN Record Of The Year, SAMA Video Of The Year neMetro FM Best Jazz Album.
Ngokubukeka kwakhe okusha oku-Afrocentric njengoba ebonakala ezithombeni zeCD yakhe, uLira waqokwa ngabakwaWoolworths nyakenye emikhankasweni yabo yabaQhakazile kuleli.
"Ngiyayithanda ifeshini yakuleli ngoba yinhle igqamile kanti futhi ayihambisani nasikhathi. Abasiki bengqephu bakuleli bangisizile ukuba ngikwazi ukuthola okuzwana nami. Ngiyayithanda indlela abathaka ngayo imibala. Iyindlela enkulu ekhombisayo ukuthi singobani.
"Uma ngiphesheya, kokunye kuyangisiza ukuthi nginaleli bala elifana nelami elingenza ngibukeke kangcono. Abantu bayabona ukuthi ngingowaseMzansi - kusuka endleleni engigqoke ngayo kuya ekubukekeni kwami.
Namuhla ukubukeka kwakhe akusenawo ama-braids amade ayeyingxenye yakhe phambilini.
"Ekwenzeni kwami lolo shintsho, ngakwazi ukuba ngizithole mina kabusha. Nabantu bayakuthanda ukubukeka kwami ngale ndlela entsha.
Le ntokazi ngaphandle kobuhle ibuye ibe nethalente lokudlala isiginci njengoba izwakala isidlala emucwini othi Dumisa.
AKAZANGE awufundele umculo ngokusho kwakhe. "Ngidlala ngokuzwa ngendlebe. Ngesikhathi ngenza i-albhamu yami ngangizwa isigqi ne-bass ekhanda lami - kodwa ngehluleke ukuchazela uphrojusa wami nabanye esidlala nabo.
"Selokhu ngafunda isiginci nopiyano, lokhu kwangisiza ekuvaleni igebe nabaculi abawufundele umculo kanti sengicula kangcono futhi - nobudlelwane bokuxhumana nozakwethu ngokomculo sekungcono."
Okunye angenamahloni okukhuluma akhululeke ngakho - yimpilo yakhe yothando.
"Isoka lami uRobin Kohl limhlophe. Yilo elaphrojusa i-albhamu yami yokugcina nalena entsha.
"Sesazane iminyaka engu-8 kanti sesihlale ndawonye iminyaka engu-4. Umuzi wethu useRandburg eGoli lapho sihlala khona namakati amabili nezinja ezimbili ezinkulu ezingamaDanes - konke kumnyama," kusho uLira ehleka.
"Ngiyayithanda ingadi enkulu ngoba ikwenza uzizwe sengathi awukho edolobheni. Uma ngidinga ukuthula nokuphumula, ngivele ngizihlalele ekhaya ngizigqokele
noma yikanjani ngingafaki ngisho ne-make-up.
"Ayikho into engikhala ngayo manje ngoba ngibe nonyaka omuhle. Ngizizwa ngibusisekile empilweni nokuyinto edalwa wukuca-banga izinto ezakhayo.[z]
Bhekana
NOKWESABA
Kuzwe ukwesaba ubhekane nako - lona yiwona mgomo-mpilo womculi uLira aqhuba ngawo kwakwenzayo...osibhalele nosididiyelele nguPatricia McCracken, izithombe ngu-Ivan Naude, izinwele neziphaqulo nguNthato Mashishi, izitayela nguMarina Walsh
ngqo!
BONA IKHAVA
ULira kumthokozise kakhulu ukwethula i-albhamu yakhe ekomkhulu lefeshini e-Italy edolobheni laseMilan nokuba abe ne-show eFiji, eSouth Pacific
Izingubo: Truworths; ubucwebe: Attitude
Kunezinto okufanele udlule kuzona ezikuqinisayo empilweni.
Ngesikhathi ngikhula ngangizibona njengesahluleki lapho ngingakwazi ukwenza engangikufisa. Ngangizisola ngokuchitha isikhathi kodwa kungabikho okukhombisa impumelelo. Ngazitshela ukuthi akufanele lapho sengineminyaka engu-40 bese ngiyazisola noma ngiziduduze ngithi, "cishe ngaphumelela."
Okungithokozisayo wukuthi ngiyazi ngiyisebenzele impumelelo yami.
Kokunye izikhathi ezinzima odlula kuzona empilweni yakho zingaba yizibusiso ezinkulu. Okunzima wukulandela iphupho lakho ngisho likufaka kwezinzima izinselelo.
NGASINDA KANJANI
BONA ZULU June 2008
Izingubo: Edgars; ubucwebe: Attitude; ama-boots: Woolworths
BONA ZULU June 2008
ASIPHATHELE KONA
ULira useqedela ukuqopha i-albhamu yakhe entsha okulindeleke ukuba iphume
ngoSeptember 1. Nguye obhale zonke izingoma kanti ucula ngokubambisana noRJ Benjamin owabhala ingoma ethi Iris eyibhalela i-albhamu ethi Feel Good. Ngesikhathi sixoxisana naye uLira, wayehlanganisa ingoma ebuzayo ukuthi yini enhle ngokuhlala eSA.
"Sengilindele ukuba abantu bezwe izingoma zami ezintsha," kusho yena. Ezinye zalezi zingoma uzozidlala kuma-show ngaphambi kokuba kwethulwe i-albhamu. Nakhu okufanele nikulindele...
Kusazokuba naleso sigqi se-Latin American njengakwiFeel Good.
Lindela ulozolo lwezingoma ezithinta inhliziyo zesigqi esikukhumbuza oLetta Mbuli."
Kukhona nezingoma zalabo abathanda ukuzidumisa nokuyinto uLira ayisusele ekuboneni abantu bejabula bezijuxuza kuma-shows akhe.
B0NA IKHAVA
izingubo: Truworths; ubucwebe: Attitude; izicathulo: ngezikaLira
