zulu.798.bee
NGABE abantu abamnyama abanemali bayaphoqeka ukusiza abanye abamnyama abahluphekayo ngezimali? Owayengumongameli wakuleli uThabo Mbeki wake wagxeka izinginga zeBEE ezicabanga ukuthi ukuba nemali yikho okala ngakho impumelelo.
“Sidinga abantu abakwazi ukunikela emphakathini, hhayi ogombelakwesabo,” kusho lowo owayengungqongqoshe wezezimali uTrevor Manuel enkulumweni asanda kuyethula.
Waphinde wabuza nangezinhloso zabo zokukhuthalela ukuba nemali eningi.
“Ngabe sifuna ukuphumelela kwethu kukalwe kanjani? Ngabe kubonakala ngosozigidi esinabo noma amathuba esiwadalayo ekusizeni abampofu?
Njengoba cishe sekuphela iminyaka engu-15 sisembusweni wentando yeningi, okubuhlungu wukuthi izimpilo zabantu bakithi zisefana nezesikhathi sobandlululo - kuqhuba uManuel.
Ngokocwaningo lwakamumva, bangaphezu kuka-4 million abantu abangasebenzi kanti abanye babo bathi sebelilahlile ithemba lokuthola umsebenzi!
Kukholakala ukuthi abacebile abangaphezu kwegxenye ka-200 000 kuleli ngabamnyama. Cishe u-60% walabo bantu bangaphansi kweminyaka engu-45.
Masithathe injinga yezezimayini u-Patrice Motsepe okumanje cishe unemali engu-R19 billion - ungowesithathu kwabacebe kakhulu kuleli kanti ungowokuqala oyi-billionaire emnyama.
Ngokwakha i-$875-million African Rainbow Minerals usezuze lukhulu emithethweni yeBEE ethi izinkampani kufanele ziphathwe ngabamnyama ngo-26% ukuze akwazi ukuthola ilayisensi kahulumeni yezezimayini.
Ngokwe-2007 Sunday Times Rich List, uCyril Ramaphosa, Saki Macozoma noTutukile Skweyiya ongunkosikazi kangqongqoshe wezeNhlalakahle uZola Skweyiya, bonke banemali engaphezu kuka-R100 million. EkaTokyo Sexwale ayitshale ezimbonini kubandakanya nenkampani yezezimayini uMvelaphanda - ibalelwa
ku-R10,7 billion.
URamaphosa wazibophezela ekusebenziseni imali
engu-R100 million ngaphambi kuka-2014 emisebenzini yomphakathi ngosizo lweShanduka Foundation. Kumanje imali engu-R8 million isivele isingene kwezemfundo ngosizo lwamabhasari, Adopt-A-School Foundation nasekuthuthukisweni kwamabhizinisi amancane.
I-Sexwale Family Foundation ixhase ngezimali iningi labafundi kusukela ngo-2001.
Ngo-2006, le nhlangano yanikela ngezihlalo ezinamasondo ezingu-100 esifundeni ngasinye, kulabo bantu abakhubazekile.
Ongumhlaziyi wezepolitiki nongusomabhizinisi uMoeletsi Mbeki ukholwa wukuthi ubumnene ekubhekeleni labo abahlwempu akuyixazululi inkinga yobuphofu.
“Ngaba ngowokuqala ukungahambisani neBlack Economic Empowerment, ngibuza ukuthi uzovelaphi lowo mnotho ozokwabiwa?”
“I-BEE ihlomulisa kuphela labo abasemandleni - abahluphekayo bona? I-BEE iyinkinga enkulu kunokuba ibe yisixazululo.”
Kungani kufanele labo abasebenze kanzima ukuze bafinyelele lapho bekhona baphoqeleke ukuba imali yabo abayisebenze kanzima bayihlukanisele labo abahleli besonge izandla belindele ukuphiwa?
Owayengumkhulumeli we-ANC uSmuts Ngonyama wathi emva kokuhlomula cishe ngo-R50-million esivumelwaneni nabakwaTelkom: “Angizange ngizabalazele ukuhlupheka.”[z]
■ Izinjinga zeBEE akuzona zodwa ezikholwa wukuthi imali iyikho konke - phenya ekhasini 44 ubone ukuthi intsha yethu izithanda kangakanani izinto…
Izinkinsela!
EZEZIMALI
Nansi indlela okwenzeka ngayo empilweni:
impumelelo iyazabalazelwa - pho kungani emva kwalokho kudingeke ukuba ucabangele abanye abahleli bengenzi mizamo yempumelelo.
Nakhu okushiwo ngabanye…
indaba nguMbuyisi Mgibisa, izithombe ngabakwaGallo
►UPatrice Motsepe.
BONA ZULU November 2008
◄UCyril Ramaphosa.
▲UTokyo Sexwale.
►
BONA ZULU November 2008
◄
