zulu.1310.movies
AMATHIKITHI
E-MOVIE
WINA!
ABAFUNDI bakaBONA banikwe ithuba eliyingqayizivele lokubukela i-movie ethi Bordertown ingakabonwa abanye.
USUKU
ULwesithathu mhlaka 21 November 2007
ISIKHATHI
8pm
AMA-THEATRE AKWA-STER-KINEKOR
The Zone, Rosebank
Brooklyn Mall, Pretoria
Gateway, Umhlanga Rocks
Tygervalley, Cape Town
INDLELA YOKUTHOLA AMATHIKITHI
Shayela iSter-Kinekor’s TicketLine ku-082 16789* ukuze ubhuke. Uzothola i-reference number, okufanele uyibhale ethikithini elikuleli khasi. Mabili amathikithi ayowinwa ozoshaya ucingo kube abofika kuqala abayobekelwa indawo.
* Ama-rates eVAS azosebenza.
INDLELA YOKUTHOLA I-COKE NE-POPCORN YAKHO YAMAHHALA
Abazowina bazofakwa ohlwini lwabashaye izingcingo. Uma usufikile lapho uzobukela khona i-movie, kuzobhekwa igama lakho ohlwini uthole iCoke ne-popcorn yakho… zitike!
BORDERTOWN
Kusukela ngo-1993, bangu-400 abesimame ababulawa eJuarez, eMexico, idolobha okuhlala kulona abantu abasebenza e “maquiladoras” (izimboni ezisemngceleni).
KwiBordertown kukhulunywa ngoLauren Fredricks (Jennifer Lopez), intatheli yephephandaba eyathunyelwa eJuarez ngumhleli wayo (Martin Sheen) ukuze iyophenya ngokufa kwabesimame ibhale ngokudlwengulwa kwabo nangendlela ababulawa ngayo.
U-Lauren wacela usizo luka-Alfonso Diaz (Antonio Banderas) ayesebenza naye nathandana naye ukuze amsize kulolu daba . Bathola okwakungalindelekile kulolu daba olwalusematheni ngesikhathi behlangana nowesimame oyedwa owasinda kulokhu kuhlaselwa. [z]
I-Bordertown izoqala ukudlala ema-cinema ngomhlaka 23 November 2007.
R30 000
nezidlo kuka-
BONA ZULU – November 2007
2 Movie Tickets
for
BORDERTOWN
on 21 November 2007 at 8pm
Ref no: .................................
Cine venue: ..........................
