zulu.797.fuel
Ucwaningo lukaBONA
EMHLABENI kwaziwa ukuthi abanini bakawoyela ngamaSulumane - manje sikwazisa ‘ngabanini bawoyela’ besikhathi esizayo - labo abanezitolo zokudla,
Yebo kunjalo!
Uwoyela osusebenzile wokupheka mhlawumbe kungenzeka ube uwoyela wemoto esikhathini esizayo…
“Imoto yami ka-1980 eyiMercedes-Benz 300D sengiyihambise ngamafutha okupheka amadala 100 000km ngaphandle kwezinkinga,” kusho uRoy Dibley waseCape Town.
“Amafutha okupheka angcono kuno-diesel ngokusebenza nokwenza i-injector pump ingabi nomsindo,” kusho yena.
Amafutha okade upheka ngawo, kufanele uqale uwacwengisise ukhiphe izinsalela zokudla. Njengoba futhi amafutha okupheka eshubile kuno-diesel ojwayelekile, kufanele kuqala uwenze angashubi ukuze akwazi ukwedlula kuma-injectors eya enjinini lapho kuphehleka khona umlilo.
Zimbili izindlela zokwenza lokhu: ungawafudumeza amafutha ukuze ukwazi ukwehlisa ukushuba kwawo ngaphambi kokuba angene enjinini, noma wengeze amanye amafutha ukuze angashubi.
U-DIBLEY usebenzisa indlela yokuqala. Uthengisa i-kit yokuguqulela imoto kulokhu ebiza R5 000 enethange elincane likawoyela elibamba u-diesel omncane wokudumisa imoto, i-heat exchanger efudumeza amafutha okupheka lapho esengena enjinini esuka ethangeni elikhulu likawoyela, ne-switch eyenza kube khona ukushintshana phakathi kwalezi zinhlobo zamafutha zombili emgwaqweni.
“Uma udumisa imoto yakho ekuseni usebenzisa u-diesel ojwayelekile, bese kuthi emva kwama-metre ambalwa ushintshela ethangeni elikhulu eline-vegetable oil esuke isifudumele ngokwanele ngosizo lwe-heat exchanger,” kusho yena.
Ngesikhathi usuyipaka imoto emva kokuyisebenzisa, kudingeka ukuba uguqukele ku-diesel ojwayelekile imizuzu embalwa ngaphambi kokuyicisha, ukuze kuhlanzeke amapayipi futhi uyilungiselele ukuba uyidumise ngosuku olulandelayo.
UDibley useke wahamba ngemoto yakhe esuka eCape Town eya eNamibia naseMozambique waphinde wabuyela emumva ngawo lawa mafutha okupheka kanti uthi ohambweni lwakhe akazange abe nankinga. Amafutha awasebenzisayo uwathatha ezindaweni zokupheka ukudla bese ewacwenga kahle ngaphambi kokuba awafake ethangeni. Usuke usumncane kakhulu umsebenzi uma nje le-kit isifakiwe emotweni.
UMLIMI uDries Joubert yena ukhetha ukwenza izinto ngendlela eyehlukile - ushintsha amakhemikhali amafutha okupheka amadala ukuze azwane kahle nemoto yakhe kunokuba ashintshe imoto ukuba yamukele lawa mafutha.
Nakuba le ndlela ithatha isikhathi, kodwa uma uke wayazi kahle, ayithathi isikhathi eside.
“Ngiqale ngifake kwi-filter i-vegetable oil, bese emva kwalokho ngiyenza ingashubi kakhulu,” kuchaza uJoubert.
Ziningana izindlela zokwenza lokhu, kodwa iningi labantu abenza i-biodiesel emhlabeni jikelele bakala izinga le-methanol ne-caustic soda ukuze kukhuthazeke umsebenzi wokuncipha kwamakhemikhali.
Emva kwalokho, lawa mafutha ayahlukaniseka kulawa asexutshiwe bese efakwa ethangeni lemoto.
Kanti emva kwalokho angasetshenziswa ngaphandle kokuba uqale uwashise.
“Emotweni yami eyiveni ngisebenzisa i-vegetable oil esisebenzile kanti kuze kube yimanje angikahlangabezani nazinkinga,” kusho Joubert. Le nsizwa inesibindi kangangoba ayesabi ngisho ukuwasebenzisa emotweni yayo yohlobo oluphambili i-BMW 320 esebenzisa u-diesel.
NAWE ungawasebenzisa amafutha amasha okupheka njengomkhiqizo wakho ongahluziwe noma uwanciphise amakhemikhali noma usebenzise indlela yokuwashisa kuqala njengoDibley. Kodwa njengoba amafutha “amasha” okupheka ebiza cishe R5,50 ilitha, uma sekuhlanganiswa nezindleko zokushintsha lawa mafutha noma ukushintsha imoto yakho, ungagcina usuchithe imali eningi kunaleyo oyongayo.
Ngabe konke lokhu kuphephile emotweni yakho?
UBONA uxhumane nophrofesa Kevin Bennett ongumqondisi we-Energy Research Institute enyuvesi yaseCape Town obeke kanje: “Luningi ucwaningo olwenziwa ekusebenziseni injini ka-diesel uyisebenzisa ngamafutha okupheka (vegetable oil) ngeminyaka yo-1970. Inkinga nge-vegetable oil wukuthi kwakheka i-carbon kuma-injector enjini yakho. Uma unenkinga ngemoto yakho, abenzi bayo (imoto) bayazihlangula ngisho ngabe une-warranty.”
“Ngibona kungakuhle ukuthi uma uzokwenza lokhu, uhlanganise i-vegetable oil no-diesel ojwayelekile kunokuyisebenzisa yodwa (i-vegetable oil).
“Qala mhlawumbe ngamaphesenti angu-25 e-vegetable oil ubone ukuthi kuhamba kanjani. Uma konke kuhamba kahle, ikhuphule ifike kumaphesenti angu-50 njalonjalo.
“Angicabangi ukuthi lokhu kungabulala injini yakho - ngaphandle kokwakhela kwe-carbon kuma-injectors.
“Kodwa ngezinjini zika-diesel zakamumva ezinama-electronic injection amahle, into engangikhathaza wukungahlanzeki ngokwanele kuka-diesel. Okunye okufanele ukwazi, wukuthi amafutha okupheka asesebenzile, ayanuka - imoto yakho igcina isinukisa okwesitolo sama-‘fish and chips”[z]
‘Ngeminye imininingwane
xhumanani noRoy Dibley:
083-228-9423; web: www.veggiemobile.co.za;
Dries Joubert: 015-297-3749.
BONA ZULU – October 2006
Ngabe ukhathele wukubiza kukaphethiloli? Ungathanda ukugcwalisa ithange lakho ngaphandle kokukhipha imali eningi? Nasi isixazululo esingeke sikubize imali eningi- uma imoto yakho inenjini ka-diesel…
indaba nguGAVIN FOSTER
Ngabe amafutha angomuso?
BONA ZULU – October 2006
Kungani nginge-wasebenzise
amafutha okupheka
enjinini yami?
Izinjini zikaphethiloli zinamandla amancane kakhulu kuma-cylinders kunalezo zika-diesel. Ngakhoke zidinga ugesi ukuze kube khona ukuqhuma emapulakini bese kuvutha ngokuhlangana kukaphethiloli nomoya ezingoxini zomlilo.
U-diesel une-flash point ephezulu kunophethiloli, kodwa izinjini ezenzelwe ukuwusebenzisa zihamba ngamandla amaningi.
I-Ignition yona isiza lapho ukuhlangana kwamafutha ne-oxygen sekunamandla, yenze ukuba ivuthe ngaphandle kwesidingo somlilo wamapulaki noma ugesi. Uma usuwake wasisebenzisa isifutho sebhayisikili ngamandla amakhulu, uzokwazi kahle kamhlophe ngobudlelwane phakathi kwe-pressure nezinga lokushisa (temperature).
Izinjini zika-diesel zingahamba noma yingamaphi amafutha azokwazi ukusha, eyokuqala yakhiwa nguRudolf Diesel ngo-1895 kanti yayihamba ngamafutha amakinati.
Namuhla izinjini zika-diesel emhlabeni zihamba ngamafutha asuselwe kwi-rape seed oil, sunflower seed oil, peanut oil, palm oil, upharafini, ngisho namafutha enjini amadala imbala.
Ngokukhula kokukhathazeka ngokuqhubeka kokutholakala kwamafutha ambiwa phansi, izinhlaka eziningi zosizo sezibe nemizamo yokwenziwa kwe-biodiesel – okungamafutha ka-diesel enziwa nge-vegetable oil.
