zulu.795.stars
BONA ZULU – August 2007
izinkanyezi zakho
ARIES
(Mar 21 – Apr 20)
Yiba yingxenye yokwenzeka othandweni lakho - ungabi namahloni okukhombisa ukuzinikela kwakho nokuqhakambisa amakhono akho.
TAURUS
(Apr 21 – May 20)
Yisikhathi sokuwasebenzisa amathuba. Ungaba nenqubekela phambili kwezamabhizinisi uma nawe uzama uguquko. Ukuzibonakalisa kokwenzayo kuzokwenza weneliseke emsebenzini wakho.
GEMINI
(May 21 – Jun 21)
Sebenzisa wonke amathuba avelayo ngosizo lokuxhumana nabangani. Ungabi wumuntu ozimele, sebenzisana nabanye abantu ukuze ufunde amakhono azokusiza.
CANCER
(Jun 22 – Jul 22)
Yisikhathi esihle sokuhlela izinto zakho kokwenzayo ukuze impilo yakho ibuyele esimweni esifanele.
VIRGO
(Aug 24 – Sep 22)
Okwenzayo ngalesi sikhathi kuzokuba yimpumelelo uma nawe uzinikela. Lesi yisikhathi sokwenza okuthile - ngakhoke ungalokothi ube nokungabaza.
LIBRA
(Sep 23 – Oct 22)
Ubuhlakani bakho bukhombisa intuthuko - indlela othatha ngayo izinto empilweni, ikhombisa umqondo ophusile. Ngakhoke zinikele uzethembe kokwenzayo ukuze uphumelele.
SCORPIO
(Oct 23 – Nov 22)
Yiba ngumuntu onesineke lapho sekuziwa ngasezintweni zasekhaya nezithinta umndeni. Khumbula ukuthi sonke kufanele sithole isifundo emaphutheni ethu, ngisho ngabe lokhu kunzima kangakanani.
SAGITTARIUS
(Nov 23 – Dec 21)
Yithuba lokuzinikela kokwenzayo ukuze ukhanyise ikusasa lakho. Uzophumelela ngokomsebenzi uma ungumuntu okwezobuciko. Uma usengumuntu ongenalwazi kokwenzayo, uzophumelela ugcine ungumuntu osezuze ulwazi olukhulu.
CAPRICORN
(Dec 22 – Jan 20)
Yisikhathi esihle sokubhekana nezingqinamba emsebenzini noma ezintweni eziqondene nawe ngqo.
AQUARIUS
(Jan 21 – Feb 19)
Nakekela isithandwa sakho ukuze kube khona intokozo othandweni lwenu. Ukwenza imizamo ngokubambisana kuzokuvulela amathuba.
PISCES
(Feb 20 – Mar 20)
Yisikhathi sokuzibandakanya kwezamabhizinisi. Sebenzisa amathuba okuxhumana nabantu ukuze uphumelele. Kuningi ozokuzuza, ngisho nolwazi imbala.[z]
Leo
Jul 23 – Aug 23
Benedict Vilakazi
(9 August 1982)
UKUPHATHELENI UNYAKA
Kusukela osukwini lokugubha ukuzalwa kwakho, qiniseka ukuthi uyawasebenzisa amathuba akuvelelayo njengoba inkulu impumelelo ezokwenzeka kulezi zinyanga eziyishumi nambili ozobhekana nazo. Ukuzinikela kwakho kwezamabhizinisi nasemsebenzini kuzokuba nezithelo ezinhle kanti nawe uzophumelela empilweni. Ngaphezu kwakho konke, uzothokozela ukwesekwa isithandwa sakho kanjalo nabomndeni.
BONA – July 2007
