zulu.791.free
Ukumelana ne-stress sekuzoba lula kakhulu njengoba kunezinhlobo ezimbili zamaphilisi amasha - iTranQuin Day neTranQuin
Night aseyatholakala ezimakethe.
I-TranQuin Day inezithako zemvelo neB-complex vitamins okukusiza ukwazi ukumelana ne-stress, kuqinise imisipha ilwe nokukhandleka.
I-TranQuin Night ithakwe nge-valerian ne-passion flower esiza uma unenkinga yokuqwasha nokungalali kahle ebusuku.
UBONA unamahampa angu-21 anamaphakethe amabili eTranQuin Day and Night abiza R200 lilinye ophisana ngawo. Ukuze uzibeke ethubeni, thumela i-postcard enegama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kuleli kheli: BONA/TranQuin Giveaway, Private Bag X1030, Lyttelton, 0140, noma u*SMSe TRANQUIN ku-35919
I-TranQuin Yasemini Nasebusuku
Isitayela esihle
Yiba nezinwele ezinhle ngeBlack Chic, uchunge lwama-relaxer olunakekela izinwele lizondle lizivuselele.
Ama-relaxer athakwe nge-olive oil avikela izinwele ngokwemvelo ukuze zingonakali futhi zingomi ngesikhathi usebenzisa umkhiqizo wokuzelula. Uchunge lwama-hair food nowoyela luswakamisa londle izinwele kusukela esiqwini kuye phezulu luzicwebezelise luzenze zikameke kalula zibe nempilo.
Sinamahampa angu-20 abiza R220 iyinye esiphisana ngawo. Ukuze uzibeke ethubeni, thumela i-postcard enegama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini kuleli kheli: BONA/Black Chic Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma u*SMSe BLACK CHIC
ku-35919.
BONA ZULU June 2008
IZIPHO ZAMAHHALA
Isikhumba esicacile
I-Bio-Clear iluchunge lwemikhiqizo yokunakekela isikhumba ongayisebenzisa ebusweni nasemzimbeni. Yenziwe osokhemisi ukuqinisekisa ukuthi ingeyekhwalithi eliphezulu, iphephile iyasebenza.
Kulolu chunge kukhona iBio-Clear Herbal Tissue Oil, Pure Tissue Oil, Intensive Skin Repair Complex, Skin Toning Lotion, Acne & Pimple Cream, Purifying Face Wash, Vanishing Cream, Nourishing Cream for Ageing Skin & Wrinkles, Nourishing Cream with Aloe Vera, Tea Tree & UV Protection neHydrating Hand & Body Cream.
Sinamahampa angu-10 abiza R400 iyinye esiphisana ngawo. Ukuze uzibeke ethubeni, thumela i-postcard enegama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kuleli kheli: BONA/Bio-Clear Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma u*SMSe BIOCLEAR ku-35919.
Izipho zika-R16 380
Usuku lokuvala ngumhlaka 30 June 2008
(*I-SMS ngayinye ibiza R3.)
Imikhiqizo yobuhle
AbakwaLay’s Beauty benza basabalalise uchunge lwemikhiqizo yokugcoba okukhona kuyona neLay’s Tissue Oil Spray, Lay’s Herbal Soap, Lay’s Body Creme neLay’s Body Lotion, namaphilisi e-Omega-3. UBONA unamahampa angu-12 emikhiqizo yeLay’s Beauty abiza R315 iyinye ophisana ngawo. Thumela i-postcard enegama lakho, ikheli nenombolo yocingo yasemini kuleli kheli: BONA/Lay’s Beauty Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma u*SMSe LAYS ku-35919.
