zulu.785.stars
BONA ZULU June 2008
ARIES
(Mar 21 – Apr 20)
Yamukela izimemo ubone ukuthi uzoba nogazi kangakanani! Uma uzakhela igama elihle manje usethubeni lokuthola abangani abasha abazokukhuthaza baqinise ubungani benu.
TAURUS
(Apr 21 – May 20)
Uzwela kakhulu manje ngakhoke lalela unembeza wakho. Ukucabanga kwenza ukuba uthathe izinqumo ezifanele kanti uyabalalela abantu abasondelene nawe.
CANCER
(Jun 22 – Jul 22)
Sihle isimo sezimali kanti ngenxa yalokho uzokwazi ukufeza izidingo zakho zemali. Qala ngokwenza okumqoka ungachithi isikhathi!
LEO
(Jul 23 – Aug 23)
Ukuxhumana kuhle uma kusetshenziswa ngendlela efanele. Awesabi ukuzwakalisa imibono yakho ngakhoke qhubeka uyibeke ngobungcweti nangokuzethemba.
VIRGO
(Aug 24 – Sep 22)
Ungenzi izinto ngokuxhamazela – manje usuzokwazi ukuxazulula izinkinga zomndeni ebezinikhathaza.
LIBRA
(Sep 23 – Oct 22)
Uzokhululwa wukuphumela obala ngemizwa yakho abaningi bakulalele. Yisikhathi esizokuphatha kahle lesi.
SCORPIO
(Oct 23 – Nov 22)
Qhubeka uwenze ngokuzinikela umsebenzi wakho noma uqale omunye omusha ukuze ubhekane nenselelo kwezamabhizinisi. Kukuwena ukuzikhethela.
SAGITTARIUS
(Nov 23 – Dec 21)
Cela iseluleko nosizo kosebenza nabo uma ufuna isixazululo ezinkingeni zakho. Khumbula ukuthi awuwedwa – bayakhathazeka ngawe.
CAPRICORN
(Dec 22 – Jan 20)
Ungabi novalo lokuqhakambisa ikhono lakho emsebenzini. Yisikhathi esihle sokuvuselela lobo budlelwane obese bufadalele.
AQUARIUS
(Jan 21 – Feb 19)
Wazi kahle ukuthi yini okumele uyenze, ungangabazi, yenze. Zethembe, ukhuthale ukuze uthole umvuzo.
PISCES
(Feb 20 – Mar 20)
Thatha izeluleko zomuntu ozokukhuthaza emsebenzini uzisebenzise. Kuzomthokozisa ukubona ukuthi akweluleka ngako uyakwenza. [z]
BONAIZINKANYEZI
THABO
MBEKI
June 18, 1942
GEMINI
May 21 – Jun 21
UKUPHATHELENI UNYAKA OZAYO
Kuzokujabulisa ukuphumelela kwakho empilweni kanti kuzohamba kahle nangasohlangothini lwezezimali.
Uzokwazi ukulawula impilo yakho, uphathe ibhizinisi lakho nomsebenzi wakho kahle.
Yisikhathi sokwenza izinguquko ngempilo yakho kanti lokho kuzokusiza ngoba kuzokukhaliphisa kukuvule umqondo.
Uzohlomula ngesiqalo esihle sempilo. Uyakwazi ukuqhamuka namaqhinga amasha alusizo kanti uzothola imiphumela egculisayo ebhizinisini lakho kuvele namathuba omsebenzi owulangazelelayo.
Unemibono eyakhayo kanti akufanele ube namahloni okuphumela obala ngayo ukuze kufezeke izinhloso zakho.
BONA – June 2008
