zulu.782.bossjan
Ziqashe ngokwakho
BONA ZULU - January 2008
Kubalulekile ukugada izingane futhi kunomvuzo...
indaba nguGRACE KHUZWAYO
izithombe nguMARC CURRIE
ININGI labantu abenza i-Early Childhood Development (ECD) lizokutshela ukuthi akulula ukuba nemali uma wenza lo msebenzi, kodwa uma uthanda izingane uthanda nokuzigcina nabazali bazo zithokozile, ziphilile zikhuthazekile nsuku zonke, uzowubona umvuzo wokwenza lo msebenzi.
Kodwa qala uzibuze lokhu okulandelayo ukuze ubone ukuthi ukufanele yini lo msebenzi:
Ngabe uzwana kahle nezingane futhi ungakwazi ukuhlala nazo usuku lonke"
Ngabe ungumuntu okhuthele"
Ngabe unothando lokuxhumana nezingane uzikhuthaze ukuze ziqhakambise amakhono azo uma zidlala noma zenza ezinye izinto"
Ngabe unesineke namancoko"
Okunye ezintweni ezisemqoka kakhulu okumele uzibheke yindawo ozogadela kuyona izingane.
UKUQALA
Kusemahlombe akho ukuqikelela ukuphepha nenhlalakahle yezingane kanti kufanele uqinisekise ukuthi indawo osebenzela kuyona ihlanzekile iphephile. Ngisho nebhakede elinamanzi lingaba yingozi ngoba izingane zingaminza nasemanzini amancane.
Kungumqondo omuhle ukugada izingane ezingashiyani kakhulu ngeminyaka - (3 months - 3 years) noma esezise-pre-school (3-6 years).
Uma uhlose ukugada izingane ezingaphezulu kweziyisithupha kufanele ubhalise emnyangweni wezokuthuthukiswa komphakathi endaweni yangakini akukhathalekile ukuthi izingane ezineminyaka emingaki ozozigada.
Bazokunika amafomu ozowagcwalisa nomhlahlandlela walo msebenzi kanye nemithetho yokuwenza.
OKUFANELE UHLOME NGAKO
Kufanele ube nemali yokuthenga amathoyizi ayikhwalithi.
Uma uzogada izingane ezincane kakhulu, uzodinga izitsha zokuzikhulula, izindishi zokugeza, indawo yokubeka amanabukeni angcolile nezihlalo izingane ezizohlala kuzona uma zidla, nokunye.
Kubalulekile ukwenza izifundo ze-ECD. Lokho ngeke kusize izingane kuphela kodwa nawe uzokwazi ukukhombisa abazali ukuthi ukufundele ukunakekela izingane zabo bakwethembe.
ISELULEKO ESIHLE
"Noma yimuphi umuntu oyingxenye ye-ECD kufanele abe nothando lokwenza okuhle azihluphe ngokuthola ukuqeqeshwa," kusho kweluleka uPam Picken onguMqondisi weTREE (Training And Resources For Early Education).
"Lesi yisigaba sokukhula esimqoka kakhulu ngoba u-80% wengqondo yengane ukhula uphelele uma isineminyaka eyisithupha.
"Kufanele zifunde ngosizo lwendawo ezozikhuthaza zidlale ngokukhululeka. Isisekelo semfundo yangomuso izingane zisithola ngalesi sikhathi kuthi kuqambe kufika isikhathi sokuba zingene esikoleni zibe sezazi ukuthi yini ezingayilindela."
Yenza ucwaningo endaweni ohlala kuyona uthole ukuthi abazali bayayidinga yini inkulisa. Ngabe iningi labazali liyasebenza" Ngabe bazoba nawo amandla okukukhokhela"
Uma uqala ukwenza lo msebenzi thola izeluleko ezinhlanganweni zamabhizinisi amancane ngoba zinolwazi olungakusiza uma wenza umsebenzi walolu hlobo.
Cela usizo lwabazali uma usulungisa inkulisa! Obaba bangasiza ekwenzeni ukuba inkulisa yakho iphephe ivikeleke nezingane ziyikhuthalele.
Kungaba ngumqondo omuhle ukuhlangana nabanye omama nithole indawo enjengehholo nixhumane nenhlangano enjengeTREE engasiza ngokubaqeqesha. [z]
Ukugada
izingane
BONA ZULU - January 2008
NGENHLA: Kubalulekile ukugada izingane endaweni ephephile, ehlotshiswe kahle efanele izingane.
PHEZULU: Ayasiza amashadi okufundisa izingane anamathiselwa odongeni.
KWESOBUNXELE: Kufanele ubhalise emnyangweni wezokuthuthukiswa komphakathi uma ufuna ukugada izingane eziningi.
KWESOBUNXELE NGEZANSI: Kuhle ukuvula inkulisa.
' IZINOMBOLO ZOCINGO
Ngemininingwane ngeTREE ungashayela ku-031-579-4711.
Uma ufuna izeluleko nokuqeqeshwa xhumana nabeNational ECD Alliance ku-021-683-2420; cecd@iafrica.com
Ngezeluleko zokuvula ibhizinisi xhumana nabeSmall Enterprise Development Agency (SEDA): 012-441-1000; www.seda.org.za
