zulu.781.yourlifeguide_career
Yiba yi-architect
USabelo S'thole, ongumsunguli wenkampani yokwakha i-s2s, uxoxa nathi
ngomsebenzi wakhe
Izakhiwo engiziklamayo ziyohlala zimile ngisho noma sengilele kobandayo.
Ngakhuthazwa wumzala wami owayeyi-graphic designer. Kwathi uma sengikhetha ukuthi yini engizogxila kuyona ngathola ukuthi i-architect ingafinyelela ebantwini abaningi kunabanye abantu abangamaciko. Umuntu owenza lo msebenzi uklama izindawo abantu abasebenza kuzona, abheke nokuthi bathokozile yini.
Umuntu angaba nolwazi lokuthi ufuna hlobo luni lomuzi, kodwa lokho akusho ukuthi useyi-architect.
Ngiyalazi ishethi engilithandayo. Lokho akusho ukuthi ngingumsiki wengqephu. Singaba nomqondo wokwenza into sihluleke ukuyenza.
INDLELA YOKUSEBENZA EHHOVISI ELIVULEKILE
Bheka okushoyo uma ukhuluma ocingweni. Osebenza nabo bangezwa izimfihlo zakho.
Umsindo wokukhala kocingo awumuhle. Phendula ucingo lwakho ngokushesha ukhethe i-ring tone ye-cellphone engeke ibaphazamise osebenza nabo - noma uyisethe ukuze ingakhiphi msindo.
Ungabambi imihlangano edeskini lakho.
Ungazithatheli into ungayicelanga.
Ungayidleli edeskini into eshisayo. Iphunga lokudla lingaphazamisa abaseduze.
Ungabaphazamisi abantu ngezinkinga eziphathelene nomsebenzi uma bedla.
Ukusebenzisa ama-earphones kungasiza ukuze ungabaphazamisi abanye kanti kuyindlela enhle yokuvimba umsindo wasehhovisi.
Ungafundi into yomuntu ngaphandle kwemvume yakhe, lokho kwenze uma bekucelile.
Uma kudingeka ukuba uze emsebenzini ugula, qaphela abanye bangawatholi amagciwane akho.
Ungayisebenzisi ikhomphyutha yomunye umuntu ngaphandle kwemvume yakhe - ungashintshi lutho kuyona uma ekunike imvume yokuyisebenzisa!
YINI OYITHANDA KAKHULU NGOMSEBENZI WAKHO?
YINI EYAKUKHUTHAZA UKUZE UBE YI-ARCHITECT?
Indaba: Patricia McCracken
Njengakweminye imisebenzi, kufanele kubonakale ukuthi umsebenzi ojutshelwe ukuwenza uzowenza kahle. Kulo msebenzi, kungathatha izinyanga ukuthi imiklamo yakho uyibone isingamabhilidi.[z]
Zihlukene izikhathi zokuwufundela kodwa kuvame ukuba yiminyaka eyisithupha.
Ngangifuna ukuzimela kanti ngangibona ukuthi angimdingi umuntu ozocubungula ikhono lami.
WAWUFUNDELA ISIKHATHI ESINGAKANANI?
WALIVULE LANI IBHIZINISI LAKHO?
YIZIPHI IZINSELELO OBHEKENE NAZO?
IYINI?
I-architect yenza umklamo webhilidi iphrojuse amapulani azolandelwa abakhi ibheke nohlelo lonke lokwakha.
USabelo uthi wusayizi webhilidi okhomba ukuthi umsebenzi uzothatha isikhathi esingakanani.
Ukwakha inkundla yezemidlalo kuthatha iminyaka emithathu kuya kwemine, kanti ukwakha indlu kuthatha isikhathi esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha.
EZEMISEBENZI
