zulu.77.firewalking
Bahamba emlilweni!
Bavivinya ukukholwa kwabo...
KUFANELE kube yisikhathi sokwesaba nobuhlungu, kodwa abantu ababeseduze kwami abakukhombisanga lokho. Ebangeni elaliqhele ngamamitha ambalwa, abaholi bethempeli babehhala amalahle ayembomvu eshisa. Esikhathini esingangehora nengxenye, bonke abantu abangu-200 ababeme kulayini nami babezobusiswa wuGuru Krishna Naidoo, bese kuhanjwa phezu kwamalahle ashisayo ngezinyawo...
Mina ngangingeke ngihambe emalahleni, kodwa ngasondela ngenjongo yokuba ngithathe izithombe.
Abanye abazinikele babeme nami bemboze ubuso babo ngeziphaqulo. Olimini nasezidlathini babeshutheke izinto ezicijile, abanye belengise inkwali nezinsimbi okwakuhlonywe esikhumbeni sesifuba nasemhlane.
Ngakolunye uhlangothi lukafenisi, kwakukhona izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu ababezobukela lokhu ababazi ukuthi kuzokwenzeka.
Ukuhamba phezu kwamalahle yinto ebilokhu yenziwa yimiphakathi ehlukene izinkulungwane ngezinkulungwane zeminyaka, ngezizathu zenkolo, kanjalo nayilabo abafuna ukuzijezisela izono ezithile bakhombise nokuzinikela konkulunkulu babo.
Kumalungu eSathie Sanmarka Sungum Temple eChatsworth, eThekwini, umgubho wabo waminyaka yonke wokuhamba emlilweni, iyonanto ebalulekile kulezi zinsuku ezingu 18 zale festiveli.
Ngabuza uGuru Naidoo, kungani abenkolo yamaHindu njalo behamba phezu komlilo ngePhasika, okulusuku lwamaKholwa lokukhonza.
"Ngeminyaka yo-1860 amaNdiya eqala ukufika kuleli ezosebenza, afike azokwakha eSphingo naseMount Edgecombe," kusho yena engitshela.
"Labo ababeseSphingo babekhuleka kunkulunkulu wemvula uMariamman ukuze abanike amanzi okutshala. Wabaphendula wathi baphuma kude njengoba belapha eSA wagcizelela ukuthi ulapha uzobasiza. Imvula yafika bajabula.
"Emva kwalokho, abahlwayeli benkolo yamaKhrestu baqala umsebenzi wabo emaNdiyeni, baqala abangamaHindu baphendukela enkolweni yamaKhrestu.
"UMariamman wakhuluma kubantu wathi: 'Nikhuleke kimina nganisiza, kodwa uma seniyeka ukungikhonza, nizohlangabezana nezinkinga.'
"Zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa kwafika izikhukhula kwabaleka abantu. Yonke into yemuka kodwa uGuru wabambelela ethempelini wathi: 'Mama sithembisile ukukukhonza, mina ngizohlala ethempelini.'"
Kwathi lapho abantu bebuya, bathola ukuthi uGuru usabambelele ethempelini. AbangamaHindu baseNatal baphinda babuya baba ndawonye, nokholo lwabo lwahlengeka.
"Lokho kwenzeka ngePhasika, ngakhoke lokhu sakugubha kusukela ngalelo langa kuze kube yimanje," kusho uGuru uNaidoo.
Ngaphambi kokuba labo abazinikele bahambe emlilweni, iGuru labo libabusisa ngamanzi aNgcwele.
Emva kwalokho banyathela edamini elingashoni eline-turmeric namanzi ngaphambi kokuhamba emalahleni.
Abahamba phezu komlilo abesilisa nabesimame, abancane nabadala, abakhuluphele nabancane ngomzimba - kanti bonke bazilungiselela ngokuba bacabange bajule nsukuzonke, bagweme ukucabanga okubi nezenzo ezimbi, badle ukudla kwezitshalo nezithelo izinsuku ezingu-18.
Kunezinkolelo ezehlukene zokuthi abantu bangahamba kanjani emalahleni bangalimali.
Abanye bakholwa wukuthi imfihlo yalokhu, yindlela umuntu ahamba ngayo phezu kwamalahle izinyawo zingahlali isikhathi eside.
Abanye bakholwa wukuthi basizwa wukholo lwabo.[z]
BONA ZULU - June 2006
indaba nezithombe nguGAVIN FOSTER
Ukholo yilo olwenza lona okholwayo akwazi ukuhamba emalahleni avuthayo.
Isiko elingakholakali
Ngisho nabantu abasha bayaluthatha lolu "hambo"...
Njengengxenye yalo mcimbi, abanye abantu balengisa inkwali noma izinto zensimbi ngamahhuku esifubeni.
BONA ZULU - June 2006
Izingubo ezimbalabala nezinto ezicijile ezidlathini kwakungezinye zezinto ezazibonakala ngalolu suku.
