zulu.776.new letters april
Ewine
Masibe nokuzethemba
Iseluleko esihle...
U MHLABA usesimweni esibi. Ngifisa ukuba ngike ngitshele labo bantu abazinikele ekudicileleni umhlaba phansi ukuthi yimbi kanjani lento abayenzayo.
Ngabe ababoni lesi senzo sizodicilela impilo yabo phansi"
Angazi ngingabenza kanjani abantu baqonde ukuthi impilo iyisipho esibaluleke kakhulu esivela kuMdali esingadingi ukuba sidicilelwe phansi.
Bantu bakithi, lesi yisikhathi sokuvuka sizithathe, masikhohlwe yizidakamizwa nobugebengu, udlame nobusela. Masithole imfundo sifunde ukuphila.
Ngabe sifuna ukuba sibe ngesinye isizukulwane esilahlekile" Ngabe sifuna ukuhlala emphakathini ongaphucukile nokuyilapho kungekho ophephile"
Masiyeke ukungazethembi, kwesikukhulumayo nesikwenzayo - masibe nokuzethemba empilweni esiyiphilayo.
Ngale ndlela ikusasa lethu kungaba ngelikhanyayo.
Michael Makola, Midrand
u-R100
Izincwadi nothando lokufunda kusenza sazi kabanzi ngokwenzeka emhlabeni sandise nolwazi lwethu.
Ukufunda yinto esinika umqondo ivule nokucabanga kwethu isenze singabi nokuzenyeza emhlabeni.
Ukufunda yiyona ndlela eholela kweliqhakazile ikusasa.
Abantu abasha namuhla bagxile ezintweni ezifana neTV, amaCD, DVDs, SMS ne-Internet - bakhohlwe yilokhu okubalulekile okuzobasiza kakhulu.
Uhulumeni wethu mawuthathe izinyathelo zokukhuthaza intsha ibe nothando lokufunda.
AM, Nquthu
Ayibuyiswe induku
UMnyango wezeMfundo kufanele uyicabangisise eyokubuyiswa kwenduku ezikoleni. Ukuvalwa kwenduku yikho okudala isimo sodlame ezikoleni namuhla.
Uma abazali bengakwazi ukufundisa ukufaka izingane zabo endleleni eyiyo, iliphi ithemba izingane zethu ezinalo lempilo eyimpumelelo"
Kudala sasishaywa uma sasingawenzi umsebenzi wethu, noma singahloniphi. Kungakho sakwazi ukungena endleleni eyiyo safunda.
UMnyango wezeMfundo wenza elikhulu iphutha ngokuqeda induku ezikoleni.
Aaron Tlou, Tweefontein
KUYADABUKISA ukuzwa ukuthi cishe angamaphesenti angu-50 amantombazane aneminyaka engaphansi kwengu-16 aqwayizayo.
Lokhu kusenza simangale ukuthi kanti ngabe yini eyonakele kubantu abadala - okungabe yibo abafaka abantu abasha endleleni eyiyo"
Yibo abantu abadala engibabeka icala ngalokhu.
Isizathu"
Abesilisa abadala abalutha amantombazane ngemali, ubucwebe nezingubo zokugqoka. Ngenxa yokungavuthwa kwemiqondo kulawo mantombazane, aye abone ingekho into embi ekuzameni leyonto.
Esikhundleni sokuba babe yisibonelo esihle, balulaza imishado yabo ngokuphinga.
Abanye konke lokhu bakushaya indiva, bathi: "Akuyona indodakazi yami." Sezadlula lezo zinsuku lapho noma yimuphi umzali wayengumzali ngisho kunoma iyiphi ingane.
Umphumela walokhu wukuba izingane zibe luhlaza ngoba akekho ozifaka endleleni eyiyo. Ukulungisa lesi simo - konke kufanele kuqale ekhaya, abazali bamele isibopho sabo sokuba abazali.
Samuel Dube, Botswana
Ukufunda kungukhiye!
Izincwadi
Kubi!
BONA ZULU - April 2006
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor, Box 32083, Mobeni, 4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
u
t
Cabanga ngaphambi kokuba nezingane
Le ncwadi ngiyiqondise kulawo mantombazane athola izingane ngoba efuna imali kahulumeni yesondlo sezingane. Ngikhathazekile ngokukhula kwesibalo sezingane ezingabazi obaba bazo.
Ningazidicileli phansi izimpilo zenu. Nizokwenzenjani uma uhulumeni ozovotelwa ethatha izintambo bese uchitha indaba yesondlo sezingane"
Ngithi cabangani ngaphambi kokuba nenze izinto ngoba lokhu kulimaza nina.
NM, Matatiele
Izeluleko zabasha!
Izidakamizwa esikoleni
Ngikhathazekile ngezingane zesikole ezisebenzisa izidakamizwa, kokunye ngaphakathi emagcekeni esikole ngesikhathi sokufunda. Ngisho nezingane ezenza uGrade 5 sezidla izidakamizwa. Zingadala ukufa enhliziyweni, emqondweni, esibindini nasezinsweni.
Izidakamizwa zingakubulala.
Ngeke ufunde uma ugxile ezidakamizweni. Ngeke uphumelele kanti uma ungenamfundo impilo yakho iba nobugebengu igxile ezidakamizweni.
Izidakamizwa zikwenza ungawusebenzisi umqondo ngokuyikho ugcine usuzibandakanye ocansini olungaphephile nokuyinto engaholela ekutholeni i-AIDS.
Funda ukuthi "Cha." Funda ukulawula impilo yakho. Ungadlali ngekusasa lakho.
Ntombizanele Gqola, Butterworth
BONA ZULU - April 2006
Izincwadi
IZIDAKAMIZWA nentsha kuseyizinto eziyinkinga ezweni lethu. Kungani izingane ziqhubeka nokuzisebenzisa ekubeni ziyazi imiphumela yazo" Ngabe intsha yezwe lethu ayicabangi"
Bheka ingosi yethu entsha esiyibhalele abasha - Straight Talking With Fat Charlie.
Kulolu shicilelo ukhuluma ngokusetshenziswa kwezidakamizwa - akushoyo ngazo ngiyazi kuzokwethusa.
UFat Charlie kungenzeka angabi nazo zonke izimpendulo - kodwa eziningi zazo unazo...
nguFat Charlie -okudinga abasha bakwazi NGEMPELA!
Ukuzethemba kudala impumelelo
Uma unokuzethemba uyophumelela kunoma yini empilweni.
Ngisho ngabe ungumfundi - qiniseka ukuthi umsebenzi wakho uwenza ngokuzimisela ngisho abanye bengakukhuthazi lapho ubatshela ngezimfihlo zakho.
Okokugcina, funda noma yini ongayifunda, ube nenhloso yokuphumelela kokwenzayo.
Zitshele ukuthi ayikho into engeke yenzeka.
Senzo Sithebe, Daggakraal
Iziboshwa nengosi yokuThola Umngani
Ngabe wena ucabangani"
AKUKUHLE ukubona
abantu abangathembekile bebhalela ingosi kaThola
Umngani ebhukwini lethu bethi bafuna abazothandana nabo. Lokhu kuvame ukwenziwa
abantu ababoshiwe abadonsa izigwebo.
Kuthi lapho sebephumile - bangabe besabambelela ezithembisweni zabo abazenza besesejele.
Ngicabanga ukuthi leli phephabhuku lethu kufanele liyeke ukunika iziboshwa ithuba lokubhalela le ngosi ngoba azizinikele ngokuphelele.
Silvia Masina, Atteridgeville
Ngabe nicabangani" Mhlawumbe kungenzeka akuzona iziboshwa ezinephutha. Kungenzeka kube yizethembiso ezingafezeki ngoba zingesilona iqiniso. Mhlawumbe umuntu akufanele ahlele impilo yakhe nomuntu oboshiwe angakaze ambone nokumbona. Sibhalele usitshele ukuthi ucabangani...[z]
Ungasebenzisa
igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo yokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
