zulu.76.breakfast
Qala usuku kahle
amaresiphi nezindlela zokuhlela ngabeGEMINI FOOD PROMOTIONS
isithombe nguKIM THUNDER
Ochwepheshe bezidlo ezinomsoco bathi isidlo sasekuseni sisemqoka kakhulu, qiniseka ukuthi unika umndeni wakho isiqalo esihle
BONA ZULU – June 2007
Ranch Eggs
Izithako
uwoyela wokuthosa
1 u-anyanisi
1 isipuni (15ml) u-curry powder
1 x 410g ithini le-baked beans
1 x 410g ithini i-tomato and onion mix
6 amaqanda
Indlela yokwenza
1. Shisa uwoyela epanini. Thosa u-anyanisi ufake u-curry powder. Govuza.
2. Faka i-baked beans, i-tomato and onion mix. Fudumeza. Kukhe ngesipuni ukufake ezindishini ezingu-6 ezisetshenziswa kuhhavini.
3. Shaya amaqanda uwathele engxubeni katamatisi. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-180oC imizuzu engu-5-10 kuze kuvuthwe amaqanda. Seva nothosi.
Kwanela abangu-6
Kubiza: R14,89
Breakfast Crumpets
Izithako
2 izinkomishi (500ml) ufulawa
4 ama-teaspoon (20ml) i-baking powder
1/2 i-teaspoon (2,5ml) usawoti
4 ama-teaspoon (20ml) ushukela
2 amaqanda
1 1/2 izinkomishi (375ml) ubisi
2 izipuni (30ml) imajarini encibilikisiwe
isithelo
i-syrup noma uju
Indlela yokwenza
1. Endishini, sefa izithako ezomile.
2. Kwenye indishi, shaya amaqanda ufake ubisi, imajarini nezithako ezomile. Hlanganisa. (Inhlama kufanele ibe ukhilimu oshubile.)
3. Kukhe ngesipuni ukubeke kwi-hotplate eshisayo egcotshisiwe noma epanini lokuthosa.
Kuphendule nge-egg-lifter uma kwakheka amagwebu ngaphezulu. Thosa olunye uhlangothi lube nsundu.
Seva nesithelo ne-syrup.
Kuphuma angu-15
Kubiza: R8,10
Five-minute Breakfast
Izithako
12 izingcezu zikabhekeni
6 amaqanda
6 izipuni (90ml) amanzi
2 ama-teaspoon (10ml) imajarini
usawoti nophepha wokunonga
6 izingcezu zesinkwa
3 utamatisi owenziwe ohhafu
Indlela yokwenza
1. Beka ubhekeni kwi-paper plate. Mboza ngenye i-paper plate. Pheka kwi-microwave imizuzu engu-1 1/2.
2. Endishini, shaya amaqanda, faka amanzi nemajarini. Nonga. Beka kwi-microwave, pheka imizuzu engu-2-4 ugovuze njalo ngemizuzwana engu-30 ukuze kube yi-scramble egg.
3. Seva nothosi notamatisi.
(Uma ungenayo i-microwave, thosa ubhekeni. Shaya amaqanda, amanzi nemajarini. Beka epanini wehlise umlilo, govuza kuze kube yi-scramble egg.)
Kwanela abangu-6
Kubiza: R14,89
Breakfast Scone Bread
Izithako
1 x 500g iphakethe i-self-raising flour
2 ama-teaspoon (10ml) i-baking powder
ibinzana likasawoti
4 ama-teaspoon (20ml) ushukela
2 amaqanda
2 izinkomishi (500ml) amasi
1 isipuni (15ml) uwoyela
Indlela yokwenza
1. Endishini, sefa i-self-raising flour, usawoti, i-baking powder noshukela.
2. Kujeke, shaya amaqanda, amasi nowoyela. Faka ezithakweni ezomile. Govuza ngesipuni sokhuni kube yinhlama ethambile.
3. Gcobisa ithini lokubhaka elingu- 20cm diameter. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-180oC imizuzu engu- 45.
4. Kuthululele kwi-wire rack. Seva nemajarini, ujamu noshizi ogreythiwe uma sekupholile.
Kuphuma ulofu owodwa
Kubiza: R10,79 [z]
Ranch Eggs.
u
BONA ZULU – June 2007
t
Qala usuku kahle
