zulu.767.yourlifeguide_muthi
Uhlale ulahlwa othandana nabo ngaphandle kwesizathu" Abesilisa bakwethembisa umshado bajike banyamalale" Usuyesaba ukuzifaka othandweni" Nansi indlela isangoma esingakusiza ngayo
AWUNANHLANHLA OTHANDWENI"
Qeda leso siqalekiso!
UKUTHOLA abesilisa kulo mfundi waseGoli akusiyo inkinga - inkinga wukuba bamshiye. "Engakapheli amasonto ambalwa bayaqala bashintshe bangiphathe kabi kugcine ngokuphela kothando," kusho yena. "Manje sengiyesaba ukuba sothandweni kangangoba sekuphele cishe iminyaka emine ngingathandani namuntu."
Akuyena kuphela okulesi simo esingathokozisi. "Amasoka ami angishiya ngaphandle kwesizathu," kusho kubhala umfundi wasePort Elizabeth. "Ngabe kukhona mhlawumbe engingakwenzi kahle"" kusho yena egcizelela ukuthi uyalihlonipha isoka lakhe azame nokuba alenze lihlale lithokozile.
Kodwa kubukeka sengathi akukho okumsebenzelayo. "Abanye baze benze nezethembiso zomshado, kodwa bonke bayangishiya. Manje sengididekile," kubhala yena.
"Ngabe kukhona okonakele kimina" Kungani ngihlale ngiba sothandweni nabantu abangathembekile""
Isangoma samtshela ukuthi abesilisa baxoshwa wutikoloshe. "Lokho ngikuthola kunzima ukukukholwa ngoba angikaze ngihlukunyezwe wutikoloshe."
Labo abehlulekayo wukuhlalelana nabantu abathandana nabo isikhathi eside bahlale bezwa amagama afana nesinyama noma isichitho.
Akusikho nje ukungabi nenhlanhla othandweni. Isinyama nesichitho yizinto ezimbili ezingafani. Isinyama ungasehlukanisa ngokwezigaba.
Ukwenza isibonelo, kunenhlobo yesinyama esisebenza ngokufa kwesihlobo segazi. Ukungabi nanhlanhla kwakho othandweni ngeke kudalwe yinoma yini wena noma nophathini wakho eniyenzayo noma eningayenzi.
Kukhona nokungabi nanhlanhla okuhambisana nokuya ocansini nomuntu ongazange agezwe emva kokushona komuntu ayezwana naye. Isichitho, sifana ncamashi nesiqalekiso kunokungabi nanhlanhla ngoba yinto eyenziwa ngamabomu.
Senziwa ngabantu abanezinhloso ezimbi kanti futhi singaba yisifo esithathelana ngokocansi. Lokhu kufa njengegama lako kunganabela kuzo zonke izingxenye zempilo yakho, kubandakanya nothando uqobo.
Kukhona futhi nokunye okungakwenza ungabi nanhlanhla othandweni. Amadlozi athukuthele, ukwenza isibonelo, nawo angadala ingabikho inhlalakahle othandweni. Kungenzeka athukutheliswe wukuthi awusawalandeli amasiko amadala noma awubahloniphi abadala.
Xhumana nesangoma esizokusiza sikubhulele ukuthi kungani ediniwe.
Labo abangenayo inhlanhla othandweni nabo kufanele bahlanzisiswe.
Ngeshwa ngeke ngikwazi ukubanika amagama amakhambi abawadingayo ngoba umuntu onesichitho noma isinyama kungadingeka athole omunye umuntu ukuba amlungisele umuthi. Ngeke ukwazi ukuzigeza. Akudingi nokuba lo muthi uthakwe yisangoma. Omdala emndenini wakho njengomalume noma u-anti bangakulungisela ngomuthi ofanele. Into ebalulekile wukuthola ukwelashwa ngokushesha.[z]
Bhalela uForce Khashane kuleli kheli: Muthi Talk, Box 473014, Parklands, 2121, e-mail: muthi@caxton.co.za
UKWELAPHA NGAMAKHAMBI
Isichitho senziwa abantu abanezinhloso ezimbi kanti singaba yisifo esithathelana ngokocansi
EZEMITHI
UNGABAKHOHLWA!
Kungenzeka sibacasule abaphansi uma sibakhohlwa noma senqaba ukulandela amasiko amadala noma singahloniphi abadala emindenini yethu.
Uma abaphansi bethukuthele bangadala umonakalo omkhulu empilweni yakho.
Ngaphandle kokubhulelwa yisanganoma ngamathambo, xoxisana nabadala bomndeni wakho.
Uma usesenhlanhleni yokuba nogogo nomkhulu, omalume no-anti, ungachithi isikhathi babuze ngabakini abangasekho.
PHEPHA OCANSINI!
Kukhona izifo eziyingozi lapha phandle - kanti njengazo zonke izinyanga, ngizonikhuthaza ngokuthi zivikeleni nisebenzise amakhondomu! Zinakekele - uphila kube kanye!
