zulu.1308.yourceleb_winnie
IKHAYA LAMI!
Amaphupho kaWinnie Khumalo ekugcineni aseze afezeka ngempumelelo yengoma yakhe ethi Just Wanna Live My Life. Kodwa okubaluleke kakhulu kuyena wukuba nekhaya ahlala kulo nezingane zakhe
Izingane zakhe zinamakamelo azo. Ngenhla sibona uWinnie ehlulwa nguThando kwiPlayStation - kwesokudla udlala noRetha kanye nomdlwane uMeme.
BONA ZULU August 2009
SISEKHAYA NO-BONA
ININGI lezihlabani ezingosaziwayo lingabalandeli bempilo engubukhazikhazi, kodwa kimina akunjalo. Ngingumuntu nje. Ngiyingane kagogo futhi ngiqhamuka eKasi!
Izingane zami nami siphuma kude lapho sasihlala khona nogogo wami eSgod'Phola (khona la eSoweto) saqasha ikotishi eliyikamelo elilodwa esitaladini esifanayo nesikagogo, sasuka lapho sazohlala endaweni engamakamelo amabili eDobsonville.
Manje sesilapha.
Sathuthela eProtea Glen eSoweto ngoNovember ngonyaka odlule ngoba sasidinga indawo enkulu.
Ngihlala nendodana yami uThando (17) nendodakazi uRethabile (13), ngakhoke amakamelo amathathu yiwona esiwadingayo uma sifuna ukuhlala kahle.
Leli khaya akukabi ngengilifisayo. Umuzi engicabanga ngawo wumuzi osendaweni ecashile entabeni, kodwa okwamanje ngiyakuthokozela enginakho.
Nasemjondolo ngingahlala - uma nje nginezingane zami.
Kodwake lo muzi usifanele okwamanje. Sengiqalile ukwakha udonga oluzungeze igceke nokulungisa indlu ngokwengeza izinto ezifana namakhethenisi amahle, ama-blinds nombhede omusha wendodakazi yami.
Ikamelo lami yiyona ndawo engiyithandayo kule ndlu. Ngihlala embhedeni wami uma ngikhathazekile ngicabange ngikhuleke. Kulapho futhi ngenza khona izinhlelo zekusasa lethu.
Nakuba izingane zinamakamelo azo ngokwahlukana, kodwa zigcina sezikwelikaThando ngoba yena uneTV nePlaystation.
I-lounge ngenye indawo ethandekayo ngoba kulapho sibukela khona ama-movie njengomndeni. Siqasha amaDVD amaningi ngesikhathi esisodwa siwabuke siwalandelanise.
Ngiyayithanda impilo yaselokishini kangangoba angicabangi ukuthi ngiyoke ngihambe khona. Ngilunge ngilapha, kanti nezingane zami zithokozile.
Eminyakeni embalwa ngizobe ngihlala emzini ongcono, kodwa ngifuna abantu bazi ukuthi angisoze ngikhohlwe yilapho ngiphuma khona nokuthi angivelanga ngawela emafutheni omcebo.
Ayikho impilo yamanga lapha! [z]
Indaba: Ntokozo Maseko
Izithombe: PH Photography
UWinnie (36) wancokola wathi akakholwa ukuthi izingane zakhe uRethabile (kwesobunxele) noThando bade kunaye ngesikhathi belungiselela ukuthwetshulwa phambi kwekhaya labo eProtea Glen eSoweto.
UWinnie ekusofa awuthandayo. Lapha e-lounge kulapho umndeni uhlangana khona uzibukele amaDVD.
Amakhabethe kaWinnie enza kubukeke kahle ekameleni lakhe. Yiwo awakhonzile kuleli kamelo.
Ubuka i-albhamu yabomndeni wakhe! Lo mculi osezakhele igama uthi ngeke nakancane akhohlwe yilapho ephuma khona.
BONA ZULU August 2009
