zulu.765.health
Ezempilo
BONA ZULU - July 2006
Ukuthula ekhaya
Ukuxabana kwabazali kuyazithikameza izingane - ngisho noma zilele ngokwabacwaningi baseMelika.
Izingane ezinabazali abahlala bexabana zilala njengezinye kodwa ziphaphame njalo noma zingazumeki.
Ngenxa yalokho, usuku lwazo aluhambi kahle kanti azizenzi kahle izinto - ziba nenkinga nasesikoleni.
IQINISO:
Isisindo sesikhumba somuntu singu-15kg.
Lolonga ingqondo
Ngokwabacwaningi be-Institute Of Neuroscience eDublin, ingqondo yakho ungayilolonga ukuze isebenze kahle. Amavolontiya abo aphucula ingqondo yawo ngeminyaka engu-14 emva kwezifundo abazenza nawo izikhathi ezingu-10. Yenza lokhu:
Geza kwi-shower uvale amehlo.
Zazi ngekhanda izinombolo zocingo.
Xubha ngesandla sobunxele uma usebenzisa esokudla (uxubhe ngesokudla uma usebenzisa esobunxele).
IQINISO:
Isisindo sabesimame abashadile sehla kalula kunesabangashadile.
QINISA IMISIPHA
Khohlwa eyokuqinisa imisipha nge-protein kuphela - empeleni, ukugxila ekudleni okukodwa kungaqinisa imisipha uma uzilolonga. Lula umzimba ngaphambi nangasemva kokuzivocavoca udle ukudla okunama-protein uphuze iziphuzo ezinothe ngama-carbohydrates.
Imisipha yakho iqina kahle uma udla ingxube yenyama enganonile, imikhiqizo yase-dairy enezinga lamafutha eliphansi, izithelo, isinkwa sikakolo ne-vegetable oil.[z]
Hlala uphilile
noPatricia McCracken
Umdlavuza
Izibalo esizibonayo mayelana nobungozi bempilo zenza ubone sengathi ukufa nokuphila kuyesabisa - kodwa ngokukaDr Beverley Cowper, ongumqondisi wezempilo kwaMerck, Sharp & Dohme, ungaphepha ezifweni eziningi uma uhlolwa. Nazi izibalo akhuluma ngazo:
lUmdlavuza wesibeletho ungumdlavuza wesibili owandile emhlabeni ophatha abesimame abayingxenye yesigidi.
lIngxenye yabatholwa benalesi sifo iyafa ngoba abantu bahlolwa sebenesikhathi sibaphethe - ungasinda uma usheshe welashwa.
lUmuntu osaya ocansini usengozini ngoba emhlabeni wonke umuntu oyedwa kwabangu-10 - abesilisa nabesimame - utheleleka ngegciwane le-human papilloma elidala umdlavuza.
Ungazivikela ngokwenza i-pap smear emtholampilo noma kudokotela uthole ukwelashwa uma kunesidingo. Sekukhona nomgomo owenziwayo osahlolwa okungenzeka uphephise abaningi.
izithombe abeGREAT STOCK!
BONA - August 2005
