zulu.763.yourlifeguide_legal
AZI AMALUNGELO AKHO
Kule nyanga: Ukwamukelwa kwenkontileka
UKHISHWE NGENDLELA ENGALUNGILE
EMSEBENZINI
Ngisanda kuphumelela esicelweni sami somsebenzi sakamumva sasesiqiwini. Ngabathumelela i-e-mail ekhombisa ukwamukela kwami inkontileka yabo kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngathola ukuthi ayifinyelelanga kubona ngase ngiyithumela futhi.
Kubonakala sengathi i-e-mail yabambezeleka ngoba enye yezimenenja zakhona yangithumelela i-sms ethi angiphendule ngayo. Ngaphendula ngayo i-SMS ngabatshela ukuthi bese ngiphendulile nge-e-mail kodwa ngaphinda nangeSMS.
Manje le nkampani ingitshela ukuthi abayitholanga i-e-mail yami futhi umsebenzi noma inkontileka ayamukelwa nge-SMS. Bangitshela nokuthi umsebenzi sebewunikeze omunye umuntu. Ngiyakholwa ukuthi le nkontileka eyami. Ngicela ningisize kwenzeke ubulungiswa.
IZELULEKO ZOFEZELA
Awuphathwanga ngendlela efanele ngokwenkontileka nangokoMnyango wezabaSebenzi wakuleli - lokho kusho ukuthi unamathuba amaningi okuliwina leli cala.
Ukwamukelwa komsebenzi kungenziwa ngesivumelwano somlomo noma esibhalwe phansi. Inkontileka ebhaliwe kulula ukuthi ibe wubufakazi ngosizo lwemiqulu. Isivumelwano esenziwe ngomlomo kunzima ukusikholwa ngakhoke kungadingeka omunye umuntu ozoba ufakazi.
Kodwa zombili lezi zivumelwano zenkontileka zivumelekile. Inkantolo yezabasebenzi ike yacelwa ukuba ithathe isinqumo ngezivumelwano zenkontileka ezenziwa ngama-SMS ukuba zivumelekile yini. Impendula yalapho ithi yebo, ungayamukela inkontileka noma umsebenzi nge-SMS. Inkantolo igcizelele akusho lutho ukuthi ama-SMS a-digital abhalwe phansi emaphepheni, lokho akushintshi amalungelo okubhaliwe. Umthetho uthi inkontileka iba yinkontileka uma kukhona omunye oyenzile nomunye oyamukelayo. Lokhu okulandelayo ngezinye zezinto ezidingekayo ukuze kwenziwe inkontileka:
Kudingeka ube neminyaka engu-21 noma ngaphezulu futhi ube ngumuntu okulungele ngokomthetho ukwenza inkontileka ngaleso sikhathi.
Nobabili kumele nivumelane.
Uma nivumelene ngemali, kungabakhona okunye okungadinga nikubhekisise. Lokhu kungukukunika umqondo nje wezinto ezibalulekile. Igxathu elilandelayo okumele ulithathe ukuxhumana nommeli ozobhala incwadi ephoqa leyo nkampani yenkontileka. Ungaliwina leli cala uma ungakhombisa ummeli wakho i-SMS ne-e-mail owakuthumela kule nkampani. Ngakhoke uma ulusukumela ngokushesha lolu daba kuzoba ngcono.[z]
UTHINI UMTHETHO
Wagcine lawo marekhodi
Kungumqondo omuhle ukugcina amarekhodi akho konke ukuxhumana okwenziwa nge-e-mail noma ngeSMS. Lokhu kungakusiza uma ufuna ukuveza ubufakazi lapho kunenkinga ethile. Kungumqondo omuhle uku-printer ama-e-mails uwagcine.
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 473014, Parklands, 2121 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Senze yonke imizamo ukuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
