ZULU.762.yourman_soccer
IYEZA MADUZE!
Confederation Of African Football (CAF)
Umqeqeshi: Joel Santana
Ukaputeni: Aaron Mokoena
Imidlalo yeWorld Cup: 2
Ukuphuma kwiWorld Cup: Ngomjikelo Wokuqala (1998, 2002)
Umlando weConfederations Cup: Umjikelo Wokuqala (1997)
IQEMBU lethu lesizwe lizodlala kule miqhudelwano kubhekwe lukhulu kulona. Lokho akumangalisi ngoba amazwe akleliswe neSA awamabi.
Kulindeleke ukuthi okungenani iqembu lesizwe lidlale lize lifike kuma-semi-final kanti lokho kungenzeka njengoba liphakathi kwamazwe abandakanya i-Iraq neNew Zealand.
Phezu kwalokho, iqembu lesizwe belisefomini enhle ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Umqeqeshi uJoel Santana ukwazile ukuthola abadlali abahle kwabadlala ekhaya wabahlaganisa nabadlala phesheya kanti okumqoka kakhulu wukuthi abadlali bethu badlala ngokubambisana manje.
Njengoba eqenjini lesizwe kuboshelwe abadlali abancane abanethalente, ngabe sishaya emhloleni uma sithi iqembu lethu lingenza ezibukwayo kanti nesizwe sinethemba lokuthi iqembu lethu ngeke ligcine ngokusijabulisa kwiConfederations Cup ngoJune nje kuphela kodwa lizosijabulisa nakwiWorld Cup.
■ UMDLALI OYINGOZI: Teko Modise (Orlando Pirates)
UTeko ngumdlali wokuqala osedlale ka-30 kuBafana Bafana njengoba eqale ukudlala kuyona ngoMay 2007. Abalandeli bayamthanda, ibhola ulibamba ngobuchule kanti nepali uyalibona njengoba esefake amagoli angu-8 nokuyirekhodi elihle kakhulu lelo kumuntu odlala emuva.
Uneminyaka engu-26 kanti ngeke kumangaze ukubona ethathwa elinye lamaqembu ase-Europe. Uma engaba sefomini enhle nakwiConfederations Cup, lokho kungasheshe kwenzeke.
ISIPESHELI SEBHOLA
south africa
NgoJune kuqala imidlalo ye-2009 FIFA Confederations Cup. UBONA uzobhala ngabadlali abangaba yingozi kuyona. Kulolu shicilelo sibhala ngamaqembu adlala kuGroup A
IQINISO!
NgokweFIFA World Rankings elaseSA lalikleliswe laba ngunombolo 16 ngo-August 1996. NgoJanuary 2009 lakleliswa laba ngunombolo 74
Asian Football Confederation (AFC)
Umqeqeshi: Ayinaye
Ukaputeni: Younis Mahmoud
Imidlalo yeWorld Cup: 1
Ukuphuma kwiWorld Cup: Umjikelo Wokuqala (1986)
Umlando weConfederations Cup:
Umqhudelwano wokuqala
NAKUBA elase-Iraq lisempini, likwazile ukuba ngoshampeni be-Asian Cup lathola ithuba lokudlala kwi-2009 FIFA Confederations Cup.
U-Jorvan Viera waseBrazil owayeqeqesha leli qembu waxoshwa emva kokuhluleka wukulifaka kwiGulf Cup – kanti lolu daba silubhale engakamenyezelwa ozothatha indawo yakhe.
Kodwa kubukeka sengathi leli qembu liphumelela ebunzimeni kanti kuzolijabulisa ukuthola ithuba lokudlala namaqembu angaphandle kwase-Asia.
Alikho ithemba lokuthi i-Iraq izokwazi ukudlulela emjikelweni wesibili wale ndebe kodwa lingakwazi ukushaya iNew Zealand.
NgoJune 14 leli lizwe lizodlala neSA nokungumdlalo wokuqala walemiqhudelwano. Elase-Iraq lowo mdlalo liyowusebenzisela ukukhombisa umhlaba ukuthi selithuthuke kangakanani ebholeni.
■ UMDLALI OYINGOZI: Younis Mahmoud (Al-Gharafa, Qatar)
Lo mdlali ongukaputeni waleli qembu uhamba phambili ngamagoli asewashayile kuleli qembu. Sekukaningi eqokwa njengoMdlali woNyaka e-Asia kanti unerekhodi elihle lamagoli asewafakile njengomgadli.
Wake wafaka amagoli amane bedlala neBahrain wafaka amathathu bedlala neMalaysia.
Lukhulu asazolwenza njengoba eseneminyaka engu-25 kanti kungenzeka aqede ishobolo lerekhodi labo elibi kwiConfederations Cup.
Alikho igoli ake alifaka ezweni elingaphandle kwe-Asia kodwake ayiminingi imidlalo elase-Iraq eliyidlala namazwe angaphandle.
IRAQ
IQINISO!
Sekuphele iminyaka engu-7 i-Iraq ingadlali ekhaya ngenxa yezimpi.
Imidlalo yalo yase “khaya” liyidlala eSyria noma e-United Arab Emirates
IMIDLALO KA-GROUP A
14/6: South Africa ne-Iraq (eGoli)
New Zealand ne-Spain (eRustenburg)
17/6: South Africa neNew Zealand (eRustenburg)
Spain ne-Iraq (eBloemfontein)
20/6: South Africa neSpain (eBloemfontein)
Iraq neNew Zealand (eGoli)
Union Of European Football Associations (UEFA)
Umqeqeshi: Vicente del Bosque
Ukaputeni: Iker Casillas
Imidlalo yeWorld Cup: 12
Ukuphuma kwiWorld Cup: Quarter-finals (1934, 1986, 1994, 2002)
Umlando weConfederations Cup: Umqhudelwano wokuqala
I-SPAIN engoshampeni base-Europe izobe iqala ukudlala kwiFIFA Confederations Cup kodwa iyona ethwelwe ngeqoma.
Lokho akumangazi ngoba leli lizwe linabadlali bekhethelo.
Abadlali abanjengoFernando Torres, Xavi Hernandes, Cesc Fabregas, Iker Casillas, Carles Puyol, Sergio Ramos, Xabi Alonso noDavid Villa badume umhlaba wonke.
Leli lizwe lalithathwa njengelingazinikeli kahle ebholeni ngoba laliqala imiqhudelwano emikhulu ngegiya eliphezulu kodwa ligcine liphumile liphindele ekhaya lidumele.
Kodwa lokho kwaphela ngo-2008 kanti ikusasa labadlali kanjalo nelomqeqeshi omusha uVicente del Bosque owathatha izintambo kuLuis Aragonés libukeka liqhakazile.
■ UMDLALI OYINGOZI: Fernando Torres (Liverpool, England)
Lo mgadli ungomunye walabo abesatshwa kakhulu emhlabeni, kanti wayefuna ukuba ngunozinti engakadlali phambili.
Waqala ukudlala esigabeni esikhokhelwayo kwi-Atletico Madrid eneminyaka engu-17 wadlala eqenjini lesizwe eneminyaka engu-19.
Ungumgadli ongalibheki ipali kanti wenza ezibukwayo mhla efaka igoli abawina ngalo kwifayineli ye-European Championship bedlala neGermany.
Yilelo goli elafaka iSpain kwi-2009 FIFA Confederations Cup lapho uTorres eyobe ebhekwe khona ngabomvu.
SPAIN
IQINISO!
ElaseSpain lawina ngamagoli amaningi ngesikhathi libhaxabula iBulgaria ngo-13-0
ngo-1933
Oceania Football Confederation (OFC)
Umqeqeshi: Ricki Herbert
Ukaputeni: Ryan Nelson
Imidlalo yeWorld Cup: 1
Ukuphuma kwiWorld Cup: Ngomjikelo Wokuqala (1982)
Umlando weConfederations: Umjikelo Wokuqala (1999)
Umjikelo Wokuqala (2003)
IBHOLA alisiyo intandokazi eNew Zealand – iligi yakhona ayikho ezingeni lamaligi akhokhelwa ngokugcwele kanti iningi labadlali lineminye imisebenzi eliyenzayo ngaphandle kokudlala.
Kunabadlali abambalwa abadlala eNgilandi, eGreece, eFinland naseMelika kanti leli lizwe lizobe lidlala okwesithathu kwiConfederations Cup.
Kodwa lizodonsa kanzima kanti amathemba alo akwi-Iraq engenza ukuba lithole amaphuzu kule midlalo.
(Lawa mazwe aseke abhekana kabili esikhathini esedlule iNew New Zealand yashaywa kuyo yomibili leyo midlalo ngo-4-0 no-2-0 ngo-1973.)
■ UMDLALI OYINGOZI: Ryan Nelson (Blackburn Rovers, England)
Abalandeli bebhola baseNew Zealand bamazi kahle lo mdlali oneminyaka engu-31 oseke wadlala no-Aaron Mokoena ongukaputeni weBafana Bafana emuva kwiBlackburn Rovers.
U-Nelson ubaluleke kakhulu kuleli qembu kanti nomqeqeshi uRicki Herbert uzothandazela ukuthi ukulimala obekumnake kumasizini akamuva kumyeke. [z]
Indaba: Mark Gleeson
Izithombe: Gallo
NEW ZEALAND
IQINISO!
Nakuba iNew Zealand izodlala kwi-2009 FIFA Confederations Cup, yashaywa yiFiji ngo-2-0 ekhaya kweminye yemidlalo
yokuhlunga
