zulu.761.streetkids
indaba nguGRACE KHUZWAYO
SONKE sinemibono eyehlukene uma ngezingane ezihlala ezitaladini. Abanye bazibona ziwuhlupho, abanye bazithatha njengabantu abanqibayo - abanye bayazizwela. Konke lokhu sikwenziswa wukuthi asifuni ukucabanga ngale nkinga.
Uma le nkinga iyekelelwa, kusho ukuthi zizoba ziningi izingane ezizogcina sezisezitaladini nokungabeka impilo yazo engozini kanjalo neyomphakathi wonkana.
ULucia Shange oyi-outreach officer e-I Care, okuyinhlangano yaKwaZulu Natal ugxile kakhulu ekukhulumeni ngezidingo zezingane zasezitaladini, wazi kahle kamhlophe ngale mpilo ngoba naye walahlwa wachitha isikhathi eside ehlala ezitaladini ngaphambi kokuba athathe isinqumo sokushintsha impilo yakhe.
Ungumuntu oyikhuthalele inhlalakahle yezingane ezihlala ezitaladini kanti uzinikele ekutheni azisize ukuze zibe nekusasa eliqhakazile.
"Ngasizwa abantu ababengikhathalele ukuze ngikwazi ukufinyelela lapho ngikhona namuhla, nami ngabona ukuthi kungakuhle ukuba ngibuyisele okuhle emumva kwabanye," kusho yena.
"Ngasebenza njengevolontiya endaweni ekhoselise izingane eThekwini nokwathi ngo-2002 nganikwa isikhundla sokuba yi-outreach officer e-I Care."
Iya phambili
Kusukela ngaleso sikhathi isibalo sezingane ezihlala ezitaladini sesikhule ngokumangalisayo.
"Ziningi izizathu zalokhu. Phakathi kwazo singabala izintandane ze-AIDS, udlame lwasemakhaya nobuphofu.
"Umphakathi kudingeka ukuba ufundiswe ukuthi ungaziniki lezi zingane ukudla noma imali," kuqhuba uLucia.
Nakuba lokhu kuzwakala njengesihluku, kodwa esinye sezizathu zokuba lezi zingane zihlale ezitaladini kunasemakhaya anakekela izingane noma emakhaya azo, wukuthi zithola imali kalula ngokunqiba.
"Uma unika ingane ucezu lwesinkwa esomile ekhaya - ezitaladini zithole inkukhu ethosiwe nama-chips - kusobala ukuthi uzozenza ziyibone iyinhle impilo yasezitaladini zihambe ziye khona," kusho uLucia.
"Lezi zingane zisengcupheni yodlame, ubugebengu, ukusebenzisa izidakamizwa, ukuhlukunyezwa ngokocansi, ukudayisa ngemizimba - ukubala nje izingozi ezimbalwa ezibhekene nazo.
"Njengomama wengane eneminyaka engu-13, ngiphatheka kabi lapho sengiya ekhaya embhedeni wami ofudumele mhlawumbe ebusuku basebusika ngibe ngazi kahle ukuthi lezi zingane ezisezitaladini zibhekene nezingozi ezingakanani. Ngiye ngifise nokuzithatha ngenkani ngizise endaweni efudumele nephephile."
Ezinye izindlela
Ngokusemthethweni, izinhlangano ezinakekela izingane zasezitaladini azinawo amandla okuzisusa ezitaladini - amaphoyisa angakwenza lokhu kuphela uma lezi zingane zenze amacala.
"Ngisho ngabe zisuswa ngaphandle kwemvume yazo, eziningi zazo ziyazibuyela ngosuku olulandelayo," kusho uLucia. "Ngakhoke kusezinhlanganweni ezifana ne-I Care ukuqhamuka nezindlela zoshintsho."
ULucia uhambela izindawo eziyingozi kakhulu eThekwini ngenhloso yokuyokhuluma nalezi zingane ukuze asondelane nazo zimethembe.
Usengumngani wezingane eziningi kangangoba nazo zimthathisa okweqhawe ezimpilweni zazo.
"Sidinga futhi ukukhuluma ngale nkinga yomama bezinye zalezi zingane abathumela izingane zabo ukuba zihambe ziyonqiba," kusho okaShange.
Uqhube wathi, "abanye besimame 'baboleka' izingane okufanele ngabe bayazinakekela ngenhloso yokuyohlala nazo ezitaladini. Abanye baze bazakhele ezabo 'izingane' ngokugxisha izingubo emhlane ukuze kubukeke sengathi babelethe izingane. Kungakho izinhlangano ezifana ne-I Care ziye zizame ukufinyelela lapho le nkinga yasuka khona."
Ama-Workshop
I-I Care isisebenzisana neFAMSA (Family And Marriage Society Of South Africa) kanjalo noMnyango wezoBulungiswa kanti bahlale benama-workshop okufuna izindlela abangakwazi ngazo ukubuyisela izingane zasezitaladini emphakathini.
Ziningi izindaba ezinhle ezikhombisa impumelelo. Ngosizo lwe-I Care amakhulu ngamakhulu ezingane seziyekile ukuhlala ezitaladini ngenhloso yokuzakhela ikusasa eliqhakazile.
Ezinye ziyiswa emakhaya angasese nokuyilapho zifike ziqhube kahle esikoleni zithole amamaki aphezulu ziqhubekele enyuvesi.
Ezinye, njengowayeyingane yasezitaladini uSthembiso Ngcobo, uyahlala asize. Njengamanje ungu 'baba wekhaya' kwelinye lamakhaya e-I Care. "Engidlule kukhona angikufihli. Izingane ziyangihlonipha ngoba ziyazi ukuthi nami ngangilapho. Eziningi ziyafuna ukushintsha impilo yazo zisuke ezitaladini," kusho yena.[z]
Masihlenge izingane zethu zasezitaladini
BONA ZULU - October 2007
Kungani kungafanele siziphe ukudla noma imali...
Inkinga ekhulayo
Isimo siyadlulela!
Izibalo zikhomba ukuthi njengamanje zingu-1,2 million izintandane ze-AIDS zeminyaka engaphansi kwengu-18 eSouth Africa. Kukholakala ukuthi lesi sibalo sizokhula sifinyelele ku-1,7 million ngo-2010.
NGENHLA: ULucia Shange kudingeka ukuba elokhu ezivakashela lezi zingane zasezitaladini ukuze zimethembe.
ESISHUTHEKIWE KWESOBUNXELE: ULucia Shange noSthembiso Ngcobo be-I Care benezinye zezingane "ezigxishiwe" ezathathwa komama ezitaladini.
BONA ZULU - October 2007
u
t
I-I CARE
I-I Care ihlose ukukhuthaza umphakathi ukuba uzibandakanye ekufundeni kabanzi ngezingane zasezitaladini.
"Wonke umuntu unendima okufanele ayidlale ekusizeni izingane nentsha yasezitaladini," kusho uChristy McConnell oyi-PR yabe-I Care.
"Uma imiphakathi iyishaya indiva le nkinga, lesi simo sizoqhubekela phambili. Siyawunxusa umphakathi ukuba ungaziniki imali lezi zingane kodwa ongakwenza ukuba leyo mali uyinike izinhlangano ezingazisebenzisela izidingo ezibalulekile - nokuyilapho izingane zasezitaladini zinikwa ithuba lokusuka okokuphela ezitaladini zingaphinde zibuye, ngoba zithi zilambile."
I-I Care yasungulwa ngo-2002 kanti izinikele ekuqoqeni izimali exhasa ngazo imisebenzi yomphakathi nezinhlangano ezingakhi nzuzo ezigxile kakhulu ekuzwakaliseni izidingo zezingane zasezitaladini ngemikhankaso yokuqwashisa umphakathi, ukuvuselela izimilo, ukuzikhoselisa, imfundo nokuthuthukisa amakhono.
Ngeminye imininingwane, vakashela i-I Care Website kwethi: www.icare.co.za noma ubashayele ucingo kule nombolo: 0861-470-047.
BONA ZULU - October 2007
Iningi lazo lifuna ukushintsha izimpilo zazo
I-glue ingadala ukufa
I-glue yiyonanto ebhenywa kakhulu yizingane zasezitaladini lapha eSouth Africa, futhi eyinto engubuthi obukhulu.
Uzoqaphela ukuthi ezinye izingane zasezitaladini zibhema i-glue ziyidonse ingamabhodlela epulasitiki izidake.
Ukubhema i-glue kungaholela ekudaleni omkhulu umonakalo emqondweni.
Okunye okungadaleka wukuba lowo muntu abe nodlame ahluleke futhi ukubona isimo esiyingozi - njengokugijima phambi kwezimoto.
