zulu.760.mafikizolo
Sixoxisane noNonhlanhla Mafu
MANJE usengumama kanti ushade nosaziwayo kwezomculo eJozi. UNhlanhla Mafu (28) namanje usayilambele impumelelo. “Emva kwama-albhamu angu-7 neminyaka yosizi, sesikulungele ukuthokozisa abathandi bomculo emhlabeni,” kusho lesi sihlabani seMafikizolo.
Kulolo sizi singabala ingozi yemoto eyenzeka eminyakeni emihlanu edlule, nesigameko sokuxabana kwabashayeli emgwaqweni nokuyilapho kwafa khona ilungu leMafikizolo uTebogo Madingoane eminyakeni emibili edlule.
I-albhamu yabo entsha ethi Six Mabone ikhombisa ukuvuka kwaleli qembu kanti kumanje ithengisa ubuthaphuthaphu.
UNhlanhla ushade noTK Nciza ongumnini wenkampani yokuqopha iTS Records okukhona kuyo izihlabani ezifana noNtando noMzekezeke. Kumanje indodakazi yabo uZinathi ineminyaka emithathu.
“Ngihlale ngihamba ngenxa yomsebenzi wami. Ngakhoke kuthi lapho ngisekhaya ngizinike isikhathi esanele somndeni wami,” kusho uNhlanhla.
“Phezu kokuthula kwethu, kodwa besiba namakhonsathi kuleli nakwamanye amazwe nosekusenze sathola ulwazi olunzulu,” kusho uTheo Kgosinkwe.
LOLO lwazi abaluthola, lwaba nomphumela wokukhishwa kwe-albhamu ethi Sibongile ngo-2003 neyathengisa amakhophi angu-300 000.
Izibuko zelanga zikaNhlanhla ezinkulu, izinwele eziluliwe nesitayela sokugqoka seminyaka yo-1950, yiyona ndlela ahlonipha ngayo abaculi be-jazz baseSophiatown abafana noMiriam Makeba noDolly Rathebe.
Indlela ababonakala ngayo kuma-video noma kuma-shows, bavala ngehlahla wena owabona iBoom Shaka neBongo Maffin ngezikhathi zabo - nokungamaqembu uNhlanhla noTheo ababefisa ukuhamba ezinyathelweni zawo ngesikhathi besalingisa kuma-shows okuvunjululwa kwamakhono eKagiso.
“UTheo nami sasingazani ngalezo zikhathi kodwa sinothando olufanayo ngakwezomculo,” kusho uNhlanhla.
UTheo wayehlala eKagiso One, uNhlanhla ehlala eKagiso Two. Bobabili babenamaqembu abo ezomculo ayeqhudelana elokishini.
“Ngesikhathi ngenza uStd 9, othisha esikoleni babengikhuthaza ukuba ngingenele imincintiswano yonobuhle kodwa mina uthando lwami lusemculweni. Ngangibukela ama-video abaculi abafana no-Aaliyah, Mariah Carey, Whitney Houston noToni Braxton, ngibuka indlela abagqoka ngayo nabanyakaza ngayo,” kusho uNhlanhla.
UTheo uthi kwaba ngumqondo omuhle kakhulu ukuba ahlanganyele noNhlanhla kwezomculo ngesikhathi beqala ukubonana komunye wemincintiswano yomculo ehholo laseKagiso.
“Ngangilingisa ngicula izingoma zeBoyz II Men kanjalo nendlela leli qembu elinyakaza ngayo - ngaleyo ndlela ngambuza uNhlanhla ukuthi angakwazi yini ukucula bukhoma phambi kwabantu. Emva kwalokho ngamxhumela i-microphone ngathi kuye, ‘wozake sizwe iphimbo lakho’.”
“Wathi lapho eqala-nje ecula, ngabona ukuthi singaziphilisa ngokuqopha umculo.”
Igama elithi Mafikizolo laqhamuka engomeni yabo abaqamba ngayo i-albhamu yabo yokuqala ngo-1997.
Bakhipha ama-albhamu amathathu ngaphambi kwempumelelo ye-albhamu ethi Sibongile, kodwa uTheo kulokho uthi, “leso sikhathi sasichitha sizama ukwakha nokuthuthukisa isitayela sethu nendlela esizibonakalisa ngayo esteji”.
“Abadansi bethu eqenjini iMafikizolo, babaluleke ngokufanayo nabaculi bethu. Ingoma nengoma esiyiculayo, siyidansela ngendlela ezohambisana nendlela yethu yokugqoka.”
Kulo nyaka uNhlanhla ubhekene nezimbangi zakhe kwezomculo ezifana noSimphiwe, Thandiswa noBeyonce - emisakazweni nangokwama-video, kungakho benza isiqiniseko sokuthi i-video yeSix Mabone ibe ngephambili.
Ingoma ethi O Tswa Kae? (Uphuma kuphi?) imayelana nentombi enhle ethandana nowesilisa ongadlulwa siketi. Ethi Undenzantoni? nayo ithinta ezothando.
Uma uNhlanhla engekho phambi kwabantu, nguye futhi olawula impilo yakhe. Uhlale egqoke kahle kanti kwi-cell yakhe kunoxhaxha lwezinombolo zabantu axhumana nabo ngokomculo.
“Konke lokho kuyingxenye yomsebenzi wethu. Safunda eqenjini leBoom Shaka ukuthi kufanele nibukeke kahle zikhathi zonke,” kusho uNhlanhla.
“Lena iyona ndlela esiqhudelana ngayo nezihlabani zakuleli ezaziwayo nezaphesheya.”
Azikho izindlela ezinqamulelayo. UNhlanhla uhlale efake izibuko zakhe zelanga ezinkulu emini nasebusuku ne-make-up ephambili.
Ushintshanisa abasiki bengqephu nabezinto zokuhloba kunoma iyiphi i-albhamu ayenzayo.
Ethi Six Mabone, ukwenza isibonelo, ungathi ichaza indawo yaseHarlem eNew York nokuyisizinda somculo we-jazz - njengoba idlisa ngamasudi kanokusho nezimoto ezinkulu ezazidla ubhedu emalokishini eminyakeni engu-50 eyedlule.
“Sigqamisa izinto abalandeli abazaziyo nabazithandayo lapha naphesheya,” kusho uTheo. “Ama-video omculo asefana nama-movie manje - kulapho abantu bebona khona izitayela zokugqoka, izimoto nezitayela zezinwele. Sasebenzisa abadansi ezingomeni zethu zomculo we-jazz nokuyinto njengamanje esiyenziwa amanye amaqembu e-jazz.”[z]
BONA ZULU – January 2007
Lukhulu azimisele ngalo emculweni
KWESOBUNXELE: “Umculo kade ngawuthanda, ngawuthanda ngisemncane,” kusho uTheo.
Nhlanhla – i-top: Morgan; umgexo: Ruby In The Dust; Theo – i-top: Truworths.
Isihlabani seMafikizolo sibuye ngezinkani kanti sithi bazimisele ngokwenza lukhulu kwezomculo…
indaba nguDOUG GORDON izithombe ngu-IVAN NAUDE; iziphaqulo nezinwele: NICOLA KREUITER, Shine; izitayela: MARINA WALSH; umdidiyeli: PATRICIA McCRACKEN
(Isithombe sekhava: Nhlanhla – i-top: Morgan; amacici: Ruby In The Dust; Theo – ihembe ngelakhe.)
NGENHLA: “Ngiyakuthanda ukubukeka okufana nokukaDavid Beckham,” kusho uTheo. “I-jean, ibhantshi nehembe elivulekile.”
Zonke izingubo zokugqoka ngezeMafikizolo ngaphandle kwezicathulo: Europa Art; Izibuko zelanga zikaTheo: Eye Candy.
BONA ZULU – January 2007
