zulu.757.sama
Udla ubhedu…
UMCULO WASE SA!
AmaSA Music Awards awagcini ngokudla ubhedu kwiTV nje kuphela kodwa abuye aqhakambise ithalente labaculi phesheya. Sihlaziya awalo nyaka…
INDABA NGU-DOUG GORDON
UMCIMBI wamaSA Music Awards awugcini ngokuba yintandokazi kwababukela iTV ezwenikazi lase-Africa kuphela kodwa ubuye unikeze abaculi bakuleli ithuba lokucula kwamanye amazwe.
“Abaculi bethu esiziqhenya ngabo bayizihlabani zamazwe ngamazwe namuhla,” kuphawula omunye wakuleli. “Ngosuku lomcimbi wamaSAMA basuke beshiyelana inkundla bethokozisa abalandeli babo.”
Umcimbi walo nyaka uthathwa njengozoba mkhulu kakhulu – kanti uzokhonjiswa bukhoma kuSABC 1 eSun City ngoMgqibelo kusihlwa mhlaka 3 May.
UKabelo oyobe ephethe uhlelo uthi uyokwenza okungaphezulu kwalokhu akwenza ngonyaka odlule ebukwa abantu abayizigidi ezinhlanu.
“Luyasuka futhi lolo shikishi,” kusho uKabelo. “Umcimbi wangonyaka odlule wawumuhle. UNKULUNKULU Uzongisiza nakulokhu kanti ngisebenza nabantu abangeseka kakhulu. Ngiyawutusa umsebenzi wabo.”
Uyobe ematasa uKabelo njengoba i-albhamu yakhe ethi Blow Your Mind, iqokwe kumaSAMA amahlanu okukhona kuwona neBest R&B neBest Video.
Lesi sihlabani somculo we-kwaito sibhekene nomunye umqansa kulokhu ngoba ungenisile uZonke ongazibekile neze phansi njengoba i-albhamu yakhe yokuqala ethi Life, Love ‘n Music iqokwe kuma-awards amathathu: i-Album Of The Year, Best Female Vocalist neBest Urban Pop Album.
U-Oskido onguphrojusa wamcela ukuba avale isikhala sikaThandiswa emakho-nsathini ambalwa eBongo Maffin ngonyaka odlule.
UZonke wayengabaza waze wancengwa uStoan noJah Seed.
“Akulula ukucula endaweni yomculi oyingqalabutho,” usanda kusho kwabakwaBONA. “Kodwa abalandeli abakhombisanga kungixwaya sengisesteji kanti lokho kwangikhombisa ukuthi ngingayikhipha
i-albhamu yami.”
UZonke usejoyine inkampani kaStacey Gule esebenza nabaculi abanjengeMalaika noRebecca Malope.
U-Stacey uyazi ukuthi amaSAMA amqoka kangakanani.
“Lena yindlela uZonke azozethula ngayo ezigidini zababukela iTV,” kusho uStacey.
“Abagqu-gquzeli nama-agents kulo lonke elase-Africa bazobe bebukela amaSAMA ngenhloso yokubheka abaculi abazoheha abathandi bomculo emazweni abo.
“UZonke ubalwa kubaculi abasha abanekhono kanti muhle. Maningi amazwe azomfuna.”
Baningi abaculi bakithi abathandwa phesheya ngokukaStacey.
“Siyagqilazeka kodwa akukho esingakwenza uma abaculi bedingeka,” kusho yena.
“Emazweni aseMpumalanga abaculi bakithi bacelwa ukuba bacule nabaseMelika abadumile.
I-Malaika isidayise amakhophi ama-albhamu angaphezulu kuka-700 000 kanti eyakamumva, ethi Sekunjalo, iqokwe kwiBest Group neBest African Pop Album.
Leli qembu lenza ezibukwayo kumaSAMA ka-2006.
Ngakolunye uhlangothi, iFreshlyground yavotelwa njengeBest African Group yiMTV Europe, i-albhamu yayo entsha ethi Ma’Cherie, yaqokwa kumaSAMA ayisithupha – eye-Album Of The Year, Best Group, Best Adult Contemporary Album In English, Best Video (Pot Belly) neBest Producer neBest Engineer.
Abaxhasi bomcimbi walo nyaka kanjalo nosaziwayo abazotheleka eSuperbowl bazokhombisa i-Africa yonkana ukuthi amaSAMA eMTN okungaka-14 asezingeni elifanayo namaGrammy aphesheya. [z]
EZOMCULO
u
Amaphupho ayafezeka ngempela kwezikaqedisizungu. UCamagwini ukhulele ePort Elizabeth kanti naye ubalwa kubaculi esizobabona kwiTV kumaSAMA alo nyaka.
Lo mculi omusha endimeni yomculo wafika eGoli wachitha unyaka odlule esebenza ubusuku nemini elolonga iphimbo lakhe.
Wabhala warekhoda i-albhamu yakhe yokuqala ethi Zivile, elekelelwa yiqembu le-jazz nabaculi be-orchestra.
Emva kwalokho akakutholanga ukuphumula ehambela amazwe ngamazwe – wagcina eqokwe kumaSAMA eBest Newcomer neBest Adult Contemporary Album, African.
“Anginavalo lokusebenza ngokuzikhandla,” kusho yena. “Kodwa ngishaqeke kakhulu ngokuqokwa kumaSAMA amabili abalulekile.”
UMalambule weNative Rhythms onguphrojusa wakhe umethemba kakhulu.
UCamagwini ulandele abaculi abaphrojusela asebake bawina ama-award okubalwa kubona uThandiswa, Simphiwe Dana noSiphokazi. Lezi zintokazi ezicula zibhale izingoma zabuya nezindondo kumaSAMA kule minyaka emihlanu edlule.
UCamagwini obude bakhe bungu-1,78m ubukeka njengabakhangisi bamazwe ngamazwe kodwa ukholwa wukuthi wumculo wakhe ozomakhela igama emhlabeni wonke.
NgoJune uzolibhekisa eLondon kanye noSiphokazi kodwa ukucula kwakhe umucu othi Imvume ongowokuqala kwi-albhamu yakhe kumaSAMA kuyoba yigxathu lokuqala lendlela eya empumelelweni.
“Ngiyokwenza okungangamandla ami ngalobo busuku,” kusho yena. “Okufanele ngikwenze wukugxila emculweni wami. Baningi abasiki bengqephu abangishayela ucingo abafuna ukuqinisekisa ukuthi ngiyobe ngibukeka kahle esteji.”
Umculi omusha
Abantu kufanele bambheke uCamagwini
t
E-Sun City, ngoMgqibelo kusihlwa mhlaka 3 May, uyokhonjiswa bukhoma kuSABC 1.
NINI, KUPHI
Bazojabula…
…abathandi bomculo wesintu
Emculweni wesintu kukhona omunye umculi omusha ongenise ngolunye unyawo kulandela ukudayiswa kwe-albhamu kaShwi Nomtekhala amakhophi angu-500 000.
Kulo nyaka yi-albhamu kaThokozani Langa ethi Phuma Kimi ezihola phambili esigabeni seBest Mgxobanyawo kumaSAMA njengoba isidayise amakhophi angu-70 000.
U-Big Boy Mlangeni weBula Music odlale indima enkulu empumelelweni kaShwi Nomtekhala noThokozani ukushayela ihlombe okwenziwa amaSAMA ngokuveza abaculi kwiTV.
“Abaculi bethu bahlale behamba ukuze bafinyelele kubalandeli babo njengoba bengavamile ukubonakala ezinhlelweni zeTV ezinjengeRoots,” kusho yena. “Lokhu kuzobajabulisa abathandi bomculo wesintu.”
