zulu.753.letterjul
KU-BONA OLANDELAYO I-exercise book yamahhala!
izincwadi
BHALA...
Indlela yokulwa nobugebengu
UMBONO wami ozosiza ekulweni nobugebengu uthi makwandiswe isibalo samaphoyisa emphakathini.
Lokho kuzokhuthaza ukuba kube nobumbano emaphoyiseni nasemphakathini eSA.
Kuzokhuthaza abantu ukuba nabo babe neqhaza abazolibamba ekulweni nobugebengu – babike ngabo – kusemqoka kakhulu lokho.
Kodwa lokho kungaphumelela uma kubonakala amaphoyisa ezindaweni zethu. Masiwabone ezitaladini zethu esebenza ukuze kube lula ukuthi abantu bawalekelele.
Abantu baseSA yibona abalwa nobugebengu kanti amaphoyisa azipholele eziteshini zawo awawenzi umsebenzi!
TN, Delft South
Ewine R100
Yekani ukubulala imishado
Ngicela izintokazi ezingashadile ziyeke ukubulala imishado ngokuthandana nabesilisa abashadile.
Amanye amantombazane ayawadlisa amadoda kugcine sekunezinkinga emshadweni – uma lawo madoda esehlukene namakhosikazi awo, izintokazi ziwashiya phansi zibheke engxenye!
Maningi amadoda angashadile noma afelwa amakhosikazi – hlukanani nabashadile.
Ngibhala le ncwadi ngoba ngiyakwazi engikhuluma ngako.
RSK, Kokstad
Zwakalisa uvo lwakho: • bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni, 4060, South Africa • i-fax: 031-912-2720
• i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
BONA ZULU – July 2007
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
Masibana-kekele
Masinakekele abantu abadala. Masibanike abakudingayo, sibanike ukudla, amanzi okuphuza bageze babe bahle.
Masibanike uthando sibahloniphe.
FG, Pietermaritzburg
Hloniphani omama benu!
Hlonipha umama wakho umazise. Uyena okunika izeluleko ezakhayo ngezikhathi ezinzima. Uyena oxazulula izinkinga ekhaya kanti ikhaya elingenamama alinamfudumalo. Abantu abahlukumeza omama akufanele baphile.
Tisetso Radebe, Ntokozweni
u
t
izincwadi
Mantombazane! Zinakekeleni
Ningazibukeli phansi izindawo ezisemaphandleni. Kuyangithokozisa ukuthi ngakhulela emaphandleni kunasedolobheni.
Ngaya edolobheni ngayofuna umsebenzi emva kokuphasa u-matric kanti amantombazane akhona ngawabona enza izinto ezishaqisayo.
Uthola ukuthi intombazane inamasoka amane ayenzela izinto ezihlukene. Elinye lithenga igrosa, elinye liyisize ngemoto, elinye lithenge izingubo, elesine lona lithenge izinto zokugcoba.
Izoya nawo wonke lawa masoka ocansini. Ngazitshela ukuthi angisoze ngakwenza lokho. Ngicela odadewethu bayeke ukuziphatha budlabha nokubeka impilo yabo engozini.
Mabakhumbule ukuthi imizimba yabo iyithempeli likaNkulunkulu.
NN, Bizana
ITHEMBA NOKUBEKEZELA
Sonke sadalwa nguNkulunkulu kanti Wasidala enenhloso. Unenhloso ngawe ngisho noma ukhubazekile. UNkulunkulu Uzokusiza. Ungakuvumeli ukudlala abanye abantu.
Akufanele futhi ukuba ukhathazeke uma ungenabazali. UNkulunkulu unenhloso ngawe. Ukubhekile.
Ungalilahli ithemba, sizofika isikhathi sokuba akusize kulokho okucelayo.
Hlophekile Mokoena, Witsieshoek
BONA ZULU – July 2007
Ungapheli amandla uma ungaphasanga
Kuyadabukisa ukuzwa ukuthi kukhona abafundi abazibulala ngenxa yokungaphumeleli ezifundweni zabo.
Uma ungaphumelelanga akusho ukuthi sekuphelile ngawe. Lokho kuyingxenye yempilo. Ufunda ngamaphutha akho uqhubeke nempilo.
Abazali mabakhuthaze izingane zabo unyaka usaqala bangazithethisi uma zingaqhubi kahle. Kunalokho, mabazisize ngalokho abangazisiza ngako.
Qiniseka ukuthi ingane yakho uyinika konke ekudingayo ezokusebenzisa esikoleni.
Yikhumbuze ukuthi ukungaphasi kwayo kusho ukuthi mayikhuphule amasokisi.
HM, QwaQwa
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
http://www.bona.co.za
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600;
Fax: 011-889-0792
UMhleli: Force Khashane
e-mail: forcek@caxton.co.za
Intatheli: Teddy Gomba
IHHOVISI ELIKHULU (DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745;
Fax: 031-912-2720
e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli Owengamele: Lorna King
IPhini loMhleli: Patricia McCracken
Zulu: Manqoba Dlamini (uMhleli);
Zanele Mbatha
Sesotho: Lerato Zulu (uMhleli);
Moeketsi Letsohla
Xhosa: Dumisani Ntshentshe (uMhleli);
Ntombikhona Kwebulana
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
UMqondisi wezoBuciko:
Jozia Lorek
Abahlela izithombe:
Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
UNobhala: Phindile Mkhize
IMenenja yezokuthuthukisa:
Christine Marot Ucingo:
031-910-5723
ADVERTISING
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue,
Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000
Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700
Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
Caxton Magazines, 36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-6270
Fax: 021-531-3795
DISTRIBUTION
RNA
12 Nobel Street, Industria, 2093
Box 101, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-248-3500
Fax: 011-474-3575
SUBSCRIPTIONS
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700
Fax: 011-474-5479
