zulu.748.BEC recipes-tips
Illovo Banana Pudding
KUNINGI ongakwenza ukuze kufezeke amaphupho akho. Bhala uhlu lwezinto ozithanda kakhulu - ukuthembeka kwakho kulokho kungesinye sezinyathelo esizokususa lapho ukhona ufinyelele lapho ufuna ukuya khona. Lolu luhlu ungalubiza ngoHlu Lwempumelelo!
Cabanga ngalokho okuthanda kakhulu emhlabeni. Kubhale phansi ukulandelanise ngokubaluleka kwako. Uma usukubhalile, uzobe usuzazi izinto ezimqoka kakhulu kuwena.
Isibonelo:
UNkulunkulu,
Uqobo lwami (umzimba, umphefumulo, ingqondo nokuphatheka kwami)
Engishade naye/engithandana naye
Izingane,
Umndeni nabangani
Izilwane ezifuywa ekhaya.
Bhala konke okumele ukwenze ukuze uthembeke ezintweni ezibalulekile.
Isibonelo: UNkulunkulu - Ngizokwakha ubudlelwane obuhle Naye ngokwenza okuhle empilweni, njengokuxazulula izinkinga kunokuzidala; ngisize abantu; ngibaphathe ngendlela engifuna ukuphathwa ngayo; ngithandaze nsuku zonke; ngibonge konke okuhle empilweni yami, ngibonge izinselelo ezingikhulisayo nezingifundisayo; ngibe wusizo kwabaludingayo.
Uqobo lwami - Umzimba wami - Ngizozinakekela ngizame ukuhlala ngiphilile ngokomzimba nangokomqondo. Ngizokwenza konke okusemandleni ami ukuze ngibe ngcono; ngizivocavoce ngigade isisindo sami; ngilale ngokwanele; ngigweme izidakamizwa notshwala; ngiyeke imikhuba emibi.
Umphefumulo - Ukwakha ubudlelwane obuhle noNkulunkulu; ngizivuselele ngomkhuleko; ngibe nobubele ngiphane; ngenze okunomqondo nsuku zonke; ngizijabulise ngomculo nezobuciko; ngichithe isikhathi esiningi nemvelo.
Ingqondo - Ngibe nemicabango emihle; ngithole izixazululo ezinselelweni engibhekana nazo; ngifeze izinjongo zami; ngizifundise ukungakhohlwa.
Ukuphatheka kwami - Ngithembeke kwengikholelwa kukona; ngizishayele imithetho ngiyishayele nabanye; ngingabi novalo; ngithande, ngithandwe; ngenze okusemandleni ukuze ngizithande; nganeliswe engiyikho; ngamukele abantu njengoba benjalo, nganeliswe wukuthi benza okungangamandla abo; ngifunde ukuzithethelela nokuthethelela nabanye ngiqhubekele phambili.
Izingane - Ngizozifundisa ngoNkulunkulu nangokuhle; ngizithande ngothando olungapheli; ngibheke amakhono azo; ngizihloniphe; ngibe nguthisha nomholi wazo; ngizifundise ngokuziphatha kahle nokubekezela; sixhumane ngendlela efanele.
Umndeni nabangani - Ngizoxhumana nabo; sixazulule izinkinga uma zivela; ngigxeke uma kukhona ongaziphethe kahle; ngithembeke; ngixole nami ngixolelwe; ngibe wusizo uma kunesidingo; ngikhuthaze izinguquko; ngichithe isikhathi nabanye; ngikhumbule izinsuku zokuzalwa nezinsuku ezibalulekile; ngibe nabo ebunzimeni.
Izilwane ezifuywa ekhaya - Ngizozithanda, ngizihloniphe; ngibe nozwelo kuzona; ngizinakekele ngokwempilo; ngichithe isikhathi nazo; ngithokoze nazo.
Kungenzeka ukuthi esikubale kulolu luhlu kuyaphambana noyikona. Uzothola ukuthi kulona azibaliwe izinto ongaphila ngaphandle kwazo kanjalo nemali.
Qaphela: Uhlu lwakho lweMpumelelo luyindlela yokuzibekela izinjongo. Uma kukhona ongakwenzi kulezi zinto esizibalile, shintsha wenze kube yinjongo yakho lokho. Uzophila impilo engcono ngokwenzenjalo.
Lolu lwazi silunikwe nguLaura Silva Quesada. [z]
Kuphuma engu-36
Izithako
n 2/3 inkomishi imajarini
n 2/3 inkomishi Illovo sugar eyizinhlayiya
n 2 amaqanda
n 1 i-teaspoon i-vanilla extract
n 1/2 i-teaspoon u-baking powder
n 1/2 i-teaspoon usawoti
n 1 ibhokisi i-instant banana pudding
n 2 1/2 izinkomishi ufulawa
Indlela yokwenza
1. Shaya imajarini noshukela. Shaya amaqanda, elilodwa ngesikhathi.
2. Faka i-vanilla extract, u-baking powder nosawoti. Faka i-pudding powder.
3. Faka izinkomishi ezimbili zikafulawa, ufake no-1/2 wenkomishi uma kudingeka. Mboza inhlama uyiqandise amahora angu-2 noma ubusuku bonke.
4. Shisisa uhhavini ngo-180oC. Yenza inhlama ibe amabhola uyibeke esitsheni sokubhaka igqagqane ngo-6cm. Ndlala amabhola ngemfoloko ubhake imizuzu engu-8.
BONA ZULU - August 2006
BONA - August 2005
