zulu.745.filler
UMLILO ungakushisa kancane esikhumbeni ngaphandle noma kakhulu kuze kungene ngaphakathi.
Oshayo mkhiphe ubucwebe noma izingubo ezimpintshayo. Qiniseka ukuthi indawo eshile uyifaka ngaphansi kwamanzi agijimayo. Beka amaphakethe aneqhwa abandayo cishe imizuzu engu-20 ukuze kwehle izinhlungu nokuvuvukala.
Uma kwenzeka kumila amabhamuza, ungawapitshizi ngoba lokhu kungakubeka engcupheni yokungenwa yizifo. Uma ipatshazi lizivelela ngokwalo, geza leyo ndawana ngensipho namanzi ugcobe nomuthi wokubulala amagciwane bese ubopha ngebhandishi.
Wonke amabhandishi kufanele ashintshwe nsukuzonke.
Uma amehlo eshiswe ama-chemicals - wageze ngamanzi apholile ngokushesha.
Vala lelo liso elithintekile bese uyisa lowo muntu kudokotela noma emtholampilo.
Ukusha okudalwa amakhemikhali kudinga ukusukunyelwa ngokushesha. Zonke izingubo zidinga ukukhishwa zigezwe ngamanzi imizuzu engu-15-30.
Izilonda zokushiswa wugesi zijwayelekile kanti zona zidinga ubonane nodokotela ngokushesha ngoba zenza umonakalo ngaphakathi.
Uma umuntu kuvutha izingubo azigqokile - engekho amanzi - sebenzisa ibhantshi, itshali noma ubhulankethi ukuze ucishe amalangabi.
Bamba ubhulankethi phambi kwakho ukuze uzivikele, bese yena umsonga ngawo.
Mlalise phansi kuthi indawo eshile ibheke phezulu.
Uma ekhona amanzi ongacisha ngawo umlilo ungawaphonsi ngoba umfutho wawo uzobhebhethekisa amalangabi kudaleke nomhwamuko oyingozi. Thela amanzi emalangabini.
Mthathe lowo muntu oshile ayothola iseluleko sochwepheshe bezokwelapha. Okokugcina, uma unokungabaza ukuthi mhlawumbe lowo muntu ulimale kangakanani, mthathe umyise esibhedlela esiseduze ngokushesha.[z]
Ukusha
BONA ZULU - August 2007
Nsukuzonke sihlale sisengcupheni yengozi yokusha emakhaya. Lokhu singabhekana kanjani nakho"
Ungakwelapha kanjani...
Ungalokothi!
u ...ubeke iqhwa ngqo esikhumbeni
u ...ugcobe ibhotela lapho ushe khona.
u ...umboze inxeba lokusha ngento
enoboya ngoba izonamathela.
