zulu.742.diabetes
Awelapheki kodwa uyalawuleka
Ukukhula nesifo sikashukela
Isifo sikashukela sibi kanti sidinga ukwelashwa njalo. Kodwa lokho akusho ukuthi ingane yakho ngeke isakwazi ukuyithokozela impilo uma inaso...
U-OMPHILE wayeneminyaka emihlanu ngesikhathi kutholakala ukuthi unesifo sikashukela. Singakatholakali lesi sifo wayehlala omele amanzi echama njalo. Umama wakhe kwamkhathaza lokho waze wamyisa emtholampilo lapho kwatholakala khona ukuthi u-Omphile unoshukela.
Kwabaphatha kabi abazali bakhe lokho baphelelwa yithemba kodwa asebekutholile wukuthi ukuhlalela ethembeni kuyabasiza ngezikhathi ezinzima.
Ngisho nezingane ziyaba noshukela
"Abanye abazali bayathuka, bangakholwa badangale uma kutholakala ukuthi ingane inesifo sikashukela. Kungenzeka ukuthi abanye babezitshela ukuthi abadala kuphela ababa nale nkinga bangakwemukeli kalula ukuthi ingane inaso," kusho onolwazi ngoshukela ophatha izingane.
"Izingane zivame ukuba nesikubiza ngeType 1 Diabetes - okusho ukuthi amanyikwe asuke engayikhiqizi i-insulin.
"I-insulin iyadingeka emzimbeni ukuze wakhe izakhamzimba (carbohydrates, fats nama-proteins) kanti ukungabi khona kwayo kukhuphula ushukela egazini.
"Uma ushukela uphezulu ungaquleka ufe nokufa."
Ziyini izimpawu zawo"
Ingane ingabukeka inezimpawu zomkhuhlane. Iyagula, ichame njalo ikhale ngokoma. Ingazichamela, ilambe kakhulu, kwehle isisindo somzimba noma ikhuluphale, ingaboni kahle emehlweni, ihlale ikhathele, ibe nezilonda ezingapholi ngokushesha, ibe nolaka, iphathwe yinhliziyo encane noma iphalaze.
Ukusiza ingane yakho ukuze iphile noshukela
Ukuhlala nengane enesifo sikashukela kungayinika ingcindezi eminye imindeni ngoba abanye abazali bangazithola bengakwazi ukufeza izidingo zengane. Ukwazi kabanzi ngoshukela nokwelashwa kwawo kudinga isineke kodwa ekugcineni ingane yakho izosizakala kanjalo nomndeni.
Lokho kuzoyisiza ingane ukuze isheshe isijwayele isimo sayo kanti izokwazi ukuwulawula kalula ushukela wayo ize ingene ebudaleni.
Ukufunda kwengane enoshukela
Izingane ezinoshukela zidinga ukunakekelwa okwedlulele. Ngaphambi kokuba ingane ingene esikoleni kusemqoka ukuthi uhlangane nothishanhloko nothisha wayo ubachazele ngesimo sayo ukuze uqiniseke ukuthi iyakuthola ukunakekelwa ngokwelashwa isesikoleni.
Okunye ongakwenza ukuze umthwalo ube lula, bhala uhlu lwezikhathi ingane yakho okumele ithole ngazo okokubamba umoya, izimpawu ezibonakala kuyona uma izinga likashukela lehlile noma likhuphukile, nokuthi yini engenziwa uma ihlangabezana nenkinga. Yiba nesiqiniseko sokuthi lolo luhlu lubekwa endaweni esobala egumbini efundela kulona ukuze othisha balubone kahle.
Xhumana nabanye othisha ingane esebenzisana nabo kubandakanya nowePT ubazise ngoshukela wayo.
Ingane enoshukela ingenza konke okwenziwa esikoleni kodwa kube khona ozobheka ekudlayo nekwenzayo.
Kungasiza ukuthi ingane ifake ibhengela eliwuphawu lwesifo sayo. Uma ibandakanyeka engozini noma ingakwazi ukuchaza inkinga yayo, abosizo oluphuthumayo bangabona ngalelo bhengela ukuthi inoshukela.
Ukwelashwa kwezingane ezinoshukela
Ukuthuthukiswa kwendlela eselashwa ngayo lesi sifo esikhathini samanje nokuhlolwa kwezinga laso egazini kwenza kube lula ukubhekana naso.
Uhlelo lokwelashwa kwezingane lubandakanya ukujovwa nge-insulin, ukugadwa kwezinga likashukela egazini, ukudla okunempilo nokunyakazisa umzimba.
Ukulawula ushukela egazini kusemqoka kakhulu empilweni yengane yakho ugweme nezimpawu zawo. Uma ushukela usesimweni esijwayelekile ingaphila impilo ehlelekile engenazinkinga.
Ukuvakashela emtholampilo noma kudokotela kusemqoka ukuze ingane ihlolwe kuqinisekiswe nokuthi ushukela usezingeni elikahle.
Ukuphila noshukela
Ingane enesifo sikashukela ingaphila nawo isikhathi eside kunomuntu ophathwa yiwona esemdala, kanti uma usunesikhathi ukuphethe usengozini yokuba nezinkinga ezingapheli.
Uma ushukela ungawudambisi egazini, ungadala umonakalo omkhulu emzimbeni.
Izingane ezinoshukela zisengozini yokuba nezinkinga ezithinta inhliziyo, izinso, imithambo, ikakhulu leyo ehambisana nezinyawo kugcine ngokuthi unqunywe umlenze, uhlushwe yizinsini, amazinyo namehlo.
Yize noma lezi zinkinga esizibalile zingakuhlupha uma usumdala, ukonakala kwemithambo yegazi nezinye izitho zomzimba kungenzeka ungakabi mdala uma ushukela uhlala uphezulu. Ushukela ubuye udale izinkinga ekukhulelweni kanti izingane ezizalwa omama abanawo zizalwa zinezinkinga ngaphezu kwalezo ezizalwa omama abangenawo.[z]
siqoqelwe nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe abeGREAT STOCK!
Abazali abaqaphele uma ingane ihlala ilambile ngoba kungenzeka ukuthi inesifo sikashukela.
BONA ZULU - November 2005
u
t
Ukukhula nesifo sikashukela
BONA ZULU - November 2005
