Zulu.734.10ques
IMIBUZO
kaMshoza
ISIPHALAPHALA SOMCULI WE-KWAITO SIDALULA UKUTHI SIYICHITHA KANJANI IMALI YASO NOKUTHI HLOBO LUNI LOMCULO ESIWUCULELA INDODAKAZI YASO
1. Ngabe yimuphi umsebenzi obuzowukhetha ukube ubungesiye umculi-
Bengizoba yi-chartered accountant. Ngangiziphuzela ezifundweni zamabhizinisi ngisafunda, ikakhulu kwi-accounting.
2. Ungathanda ukuthi ingane yakho ibe ngumculi-
Cha. Angifuni ukuthi izingane zami zidlule kwengidlule kukona.
3. Yini ongayithandi ngemboni yezomculo-
Abantu abazitsheli ukuthi ungumuntu njengabo. Kufanele uqine ukuze uphumelele.
4. Ngabe niteketisana ngamaphi amagama nomyeni wakho-
Ngimbiza ngoNtuku yena angibize ngoMaMnisi.
5. Yiziphi izingoma ozithandayo njengamanje-
Ngithanda eyeJaziel Brothers ethi Ngeke Ngiphinde. Ngithanda nekaMary J Blige ethi Stay Down. Ungomunye wabaculi baphesheya engibathandayo, kanye noMissy Elliot noLauryn Hill.
6. Une-albhamu entsha. Yisiphi isizathu esingenza ukuba abantu bayithenge-
Imnandi kanti kuyona ngicula nezingwazi zabaculi baseSA. Yilalele uma ufuna ukungazi kahle. Ibuye ibe yidabuli!
7. Umculela ziphi izingoma uPride indodakazi yakho-
Ngimculela ezoKholo. Ngiyazithanda!
8. Ngabe kuyiqiniso ukuthi wathola umntwana uneminyaka engu-12-
Angikaze. Bengiqala ukuba nomntwana ngoPride. Nginezingane ezine, ezintathu kulezo ezomyeni wami.
9. Sitshele ngokubukeka kwakho. Uhlala isikhathi esingakanani ne-hairstyle eyodwa kanti uziyekeleni izingubo ezinhle obuzigqoka kuma-music video akho-
Isitayela sezinwele ngisigcina isonto elilodwa. Izinwele zami ngizenza njalo ngoLwesihlanu. Ngizilolonga kakhulu ngijuluke izinwele zami zingabukeki kahle. Akukuhle ukubonakala nesitayela esisodwa njalo.
Mayelana nama-video, kuya ngengoma engiyiculayo.
10. Yini obuzoyenza ngemali yakho ukube ubungusozigidi-
Sengingusozigidi - kodwa imali yami ngiyiphethe kahle. Ukuba ngusozigidi akusho ukuthi ngeke usahlupheka! [z]
SIXOXA NESIHLABANI
