zulu.733.parenting
EZABAZALI
QEDA
ukushisa ezinqeni
Ungaqiniseka kanjani ukuthi izinqe zomntwana wakho aziqubukile...
UKUQUBUKA okudalwa yinabukeni kubuhlungu ezinganeni. Lokhu kuqubuka kwenzeka
uma ingane yakho ine-fungal infection enjenge-thrush, noma igqoke inabukeni elimanzi isikhathi eside. Ngaphansi kwesimo esingesibi kakhulu, esikhumbeni kuzobukeka kubomvu noma kuzwakale kushisa. Esimweni esedlulele kuba nezishishili zamabala. Kokubili kubuhlungu, nokukhomba usizi ingane yakho esuke ibhekene nalo.
Kuqede
Nakhu okunye okungakusiza wehlise izinga lokuqubuka enganeni...
Shintsha inabukeni ngokushesha. Ukuyeka ingane yakho ifake inabukeni elimanzi isikhathi eside kungayenza ibe nezilonda.
Uma kwenzeka, iyeke ingalifaki inabukeni ukuze ishaywe
wumoya.
Uma ingane yakho isinakho ukuqubuka, kungadingeka ukuba uyishintshe inabukeni cishe kabili.
Njalo uma umshintsha inabukeni mgeze izinqe ngamanzi afudumele ne-cotton wool. Gwema izinto zokumesula eziswakamisiwe ngoba zine-alcohol.
Uma usebenzisa amathawula endwangu, awashe ngamanzi ashisayo uwahlambululisise kuphume wonke amabala ensipho ngoba angadala ukweluma esikhumbeni.
Noma kunini lapho umshintsha inabukeni, mgcobe uVaselina.
Gwema ukumfaka ama-waterproof ngoba abamba umswakama, enze nenkinga yedlulele.
Qaphela okudlayo uma uncelisa. Ukudla okunongiwe noma okunama-acid kungaholela ekutheni ingane yakho iqubuke.
Izindlela zokwelapha
Nazi ezinye izindlela onga-zizama...
Faka i-cornflour encane ezinqeni. (Ungaba-sebenzisi abanye okhilimu ngesikhathi esisodwa.)
Okhilimu bokutshabuka bayatholakala emakhemisi kanti bavikela isikhumba enabukenini elimanzi, belaphe isikhumba esibuhlungu.
Enye indlela okungeyesintu eyokuthatha iconsi likazifozonke ulifake emanzini afudumele uwasebenzise ekugezeni ingane izinqe.
Iyise emtholampilo noma kudokotela uma...
Ukuqubuka kungabi ngcono ezinsukwini ezimbili noma ezintathu.
Ukuqubuka sekuyizilonda noma sekuthanda ukuba phuzi noma kunamabhamuza.
Isitho sangasese sengane yakho yomfana sibomvu sivuvukele.
OKWAMAHHALA!
Wina incwadi kaMadiba!
Enza ingane yakho ithokozele ukufunda ngokufunda incwadi enezithombe ezimbalabala iWhat A Gentleman kaDianne Case. Inemidwebo emihle ka-Jo Harvey (Maskew Miller Longman). Kuyona ugogo uxoxela abazukulu ukuthi kungani emhlonipha uMandela. Ngayo uthola ithuba lokukhuluma nezingane zakho ngabantu abayizibonelo ezinhle, izinto ezazenzeka nomlando waseSA. Ngale ncwadi ngeke uyikhalele imali yakho. Ibiza R79,95. Sinamakhophi angu-10 esinikezela ngawo kubafundi bakaBONA. Kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo yezikhathi zasemini bese uyithumela kuleli kheli: BONA/Madiba Book Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
Uma udla okune-zinongo, ungenza ingane yakho yelu-nywe ezinqeni
Gezisisa amabhodlela okumncelisa, umntwana aze abe cishe nonyaka owodwa.
Uma ingane ingakakuqedi ukudla endishini yayo, kulahle. Ungakubekeli isikhathi esizayo.
Bheka usuku okufanele ukusebenzise ngalo ukudla kwengane.
Ungalokothi ushiye ingane yakho yodwa nokudla noma nesiphuzo ngoba ingaxhelwa kalula.
Ukudla kwengane okuphekiwe akufanele uphinde ukufudumeze ngaphezu kwezikhathi ezimbili.
Uma ingane idla ukudla okusemabhodleleni okuvele sekulungile lapho ukuthenga, kuthele endishini kuqala bese uyifunza ngesipuni kunokufaka isipuni esesisebenzile ebhodleleni okuthenge kukulo.
Ukudla okusamicu kungathokozeleka ezinganeni kanti okunye kungaba yingozi ngoba kungazibinda. Gwema ama-popcorn. Sika phakathi ama-grapes namasosiji abe izingcezu ezincane.
IZINDLELA ZOKUFUNZA UMNTWANA
Ukwakha amathambo
Nika ingane yakho i-calcium
QINISEKA ukuthi ingane yakho idla ukudla okunothe nge-calcium eningi ngoba yenza amathambo akhule. Cishe u-90% wokuqina nobukhulu bamathambo ethu wenzeka ebunganeni. I-calcium futhi ibalulekile ekwenzeni amazinyo aqine abe nempilo.
Izingane zeminyaka ephakathi kuka-1 no-3 zidinga cishe izinga le-calcium engu-350mg ngosuku. Ngezinkomishi nezipuni singakubala kanjani lokhu? Nakhu ukudla nezikali - ongakunika ingane yakho ukuqinisekisa ukuthi ithola i-calcium eyanele...
I-Broccoli
Akuzona zonke izingane eziyithandayo, kodwa ukuyifakela yona ekudleni kungasiza. Cishe u-32mg wezingcezu ezingu-2-3 ze-broccoli.
Ushizi
Ushizi uthandwa yizingane zonke, ngakhoke kungakuhle ingane yakho uyisikele izikwedlana zikashizi uyifakele epuletini ukuze kube lula kuyona ukuwudla.
Cishe u-200mg ngo-30g kashizi iCheddar.
Amawolintshi
Ayikho into emnandi njengojusi wewolintshi osashukela. Unika ingane yakho umdlandla. Cishe u-75mg we-calcium nge-fruit.
Ubisi
Ubisi olushube ngokhilimu luhle kakhulu ezinganeni. Cishe u-300mg we-calcium ngo-250ml.
Inhlanzi usayidinsi osethinini
Iyanambitheka futhi ine-calcium. Nakuba zingeziningi izingane eziyithandayo, kodwa kungakuhle ingane yakho uyijwayeze isencane. Cishe u-400mg we-calcium ngo-100g wenhlanzi usayidinsi.
I-Yoghurt
Izingane eziningi ziyayithanda futhi iqukethe i-calcium. Cishe u-300mg ngo-200ml.
Ungakhohlwa!
Uvithamini D usiza ekutheni i-calcium imunceke kalula emzimbeni. Le vithamini iba ngeyemvelo ngosizo lwelanga elanele - ngakhoke kuhle izingane zidlale emnyango kunokuhlale zibukela iTV.
Ukudla kwenza namathambo aqine. Amaqanda njengama-cereals ebhulakifesi, nawo anovithamni D.[z]
Izingane zidinga i-calcium nsuku zonke
UTHI UBUWAZI?
Uma ukhulelwe une-stress, i-blood pressure iyenyuka nenhliziyo ishaye ngamandla uzizwe ukhathele. Yidla ukudla okunempilo nokwakha umzimba kanye nama-fruit nama-veg amaningi.
3 IZINDLELA ZOKWENZA
UMSEBENZI UBE LULA
1. Zivocavoce.
Zivocavoce ngaso sonke isikhathi sokukhulelwa. Ukuzivocavoca kungasiza ingane yakho ibeletheke kalula kwehle nesikhathi sokubeletha. Buza udokotela wakho noma umhlengikazi wasemtholampilo ngendlela ephephile yokuzivocavoca ongayilandela.
2. Zivocavoce enyongeni.
Ngaphandle kokuzivocavoca, ama-exercise enyonga owenza phansi ngesikhathi ukhulelwe angasiza ngokwehlisa ubude besigaba sesibili sokusikwa.
3. Ima uqonde.
Ziningi izindlela ongazivocavoca ngazo, kodwa ukuma uqonde kungehlisa izinhlungu nobude besikhathi sokusikwa.
