zulu.1305.boss
Zisebenze Uzimele!
Iningi lethu linesifiso sokungena kwezamabhizinisi - ukuzimela uzakhele imali kuhle kodwa akulula. Iqiniso wukuthi ambalwa amabhizinisi amancane akwazi ukumelana nesikhathi esingangonyaka wokuqala. Lokhu ungakwenza kanje...
NGISHO ngabe unomqondo omuhle kangakanani, kodwa kuzodingeka usebenze ngokuzikhandla ukuze uphumelele kwezamabhizinisi.
Kulesi sipesheli sikaBONA sizodingida okubalulekile okufana nalokhu...
Ungumuntu onjani - uyazazi ungaphumelela.
Zibambele mathupha - azi ngokudingayo ngaphambi kokuqala umsebenzi.
Ukubona isikhala - thola ukuthi imuphi umkhiqizo noma umsebenzi umphakathi odinga ukwenzelwa wona.
Khuluma nabantu ubatshele ngebhizinisi lakho - lena yindlela yokulimaketha.
Unakho okuzokuphumelelisa?
Kufanele wethembeke. Kukaningi ubona abantu ezimbonini ezahlukene bekhushulelwa ezikhundleni ezingabafanele, kodwa lapha nguwe obhekene nesikhundla sokuziphathela ngokwakho ebhizinisini olenzayo. Ngabe unalo...
Uthando!
Kufanele uyithande into oyenzayo kunokuba uyenze ngoba ufuna ukuthola imali.
Zethembe!
Phokophelela ukubona impumelelo ngokuba uzikhandle wena.
Khalipha!
Thola izindlela ezinhle zokumaketha uthuthukise ibhizinisi lakho.
Sebenza Ngokuzikhandla
Ukuziphatha kusho ukuzimisela ngokusebenza amahora amade. Kufanele ukwazi ukuzilawula ungaqhoshi ngokuthi awulandelwa muntu. Kufanele uzakhele uhlelo ozolulandela ubambelele kulona.
Wazi Umsebenzi!
Yiba nezindlela zokusuka kuPlan A uye kuPlan B lapho izinto zingakuhambeli kahle - ukwazi nokuba uvuke uzithathe.
Thuthuka!
Kufanele ubuqhubele phambili ubudlelwane bakho namakhasimende akho.
Unakho okokuqala
Ngaphambi kokuqala ibhizinisi lakho, kuningi okufanele ukuqaphele. Lokhu kubandakanya...
Izimali
Uzodinga imali eyanele ukuze uziphilise wena nebhizinisi lakho cishe izinyanga eziyisithupha kuya onyakeni. Khumbula - njengoba uzobe uziphethe - azi ukuthi ngeke usaba nemali ozoyihola zinyanga zonke.
Indawo Yokusebenzela
Indawo osebenzela kuyona kufanele ifuze eyokuqhubela ibhizinisi. Uma ukhetha ukusebenzela ekhaya, qiniseka ukuthi indawo osebenzela kuyona ikude nomsindo wekhaya noma nokuphazamiseka.
Impahla Oyisebenzisayo
Ambalwa namuhla amabhizinisi aphumelela ngaphandle kwekhomphyutha, ngakhoke kungakuhle ihhovisi lakho noma indawo osebenzela kuyona ibe nekhomphyutha, i-printer ne-fax futhi ube ne-Internet.
Amakhono
Amakhono amaningi ehlukene azokuvulela iminyango. Kungakuhle wenze izifundo zamakhono kwezamabhizinisi ezihambisana ne-bookkeeping ne-marketing.
Ukubona isikhala
Qaphela! Uma ubona isikhala emakethe ngomkhiqizo noma ngosizo oludingekayo - bambelela kulokho, ngokusho kukaFran Piggott oqeqesha abamabhizinisi amancane - kuya kwamakhulu.
"Zibuze ukuthi ngani?
"Uma kukuhle kungani pho kungenziwa khona manje?"
Ngakolunye uhlangothi, uma uthola ukuthi abantu benza into obuzimisele ukuyenza, qhubeka nayo.
Udinga ozoncintisana nabo ngoba lokho kuyakukhombisa ukuthi kunesidingo esingakanani somkhiqizo noma somsebenzi wakho ezimakethe. Indlela elula yokubona isikhala semakethe wukubheka inkinga ejwayelekile bese usungula umkhiqizo noma wakhe ibhizinisi lakho ngaleso sisombululo. Lesi yisona siqiniseko sempumelelo.
Uhlangana nazo kuphi lezi zinkinga? Lalela abantu uma bekhalaza.
Bakhalaza ngani? Ungakwazi ukuxazulula izinkinga zabo?
Ukumakethwa kwemikhiqizo
Usukulungele ukuvula ibhizinisi? Manje sekudingeka ukuba utshele abantu ngalo, ungakhohlwa wukuthi inhloso yakho wukuzingenisela imali.
"Umkhiqizo omusha uzodla imali eshisiwe nesikhathi esiningi ukuze laziwe ibhizinisi lakho, ngakhoke zibekele enye ingxenye yemali yokuba ulimakethe (advertising)," kusho omunye wochwepheshe kwezamabhizinisi.
Indlela enhle engabizi ekumaketheni ibhizinisi lakho wukuba utshele abantu ngalo. Labo obatshelile ngalo, yibo abagcina sebetshela abanye.
Ungasebenzisa nezinye izindlela zokulithuthukisa njengokuthenga isikhala ephepheni langakini noma ubhale ama-flyers.Ungaphanyeka nama-flyers ezigxotsheni zomgwaqo nasemigqonyeni kadoti.
Bhala ukuthi usebenzelaphi - nasemotweni yakho bhala.
Imakethe yakho mayanelise izidingo zamakhasimende ngaphandle kwalokho, uzochitha imali yakho.
Qiniseka ukuthi amasayini, ama-flyers nama-poster kwenziwe ngendlela yobuchwepheshe. [z]
indaba nguGrace Khuzwayo
ISELULEKO ESIHLE
Uma ufuna isikhala emakethe kufanele uvule amehlo akho ubheke ukuthi kwenzekani kuleyo ndawo uvule nomqondo wakho ucabange ngento noma ngomkhiqizo ongakwakhela imali.
Ngaphezu kwakho konke khumbula ukuthi udinga amakhasimende akho uwanike akudingayo hhayi wena lokhu ocabanga ukuthi kuyadingeka.
FRAN PIGGOTT, wabeMarketing Guru
ZITHUTHUKISE NGOKWAKHO
u-80% wamabhizinisi wehluleka onyakeni wokuqala
NGEMINYE IMINININGWANE: Abe-SEDA (Small Enterprise Development Agency) banika izeluleko ezibalulekile kulabo abafuna ukuzisungulela amabhizinisi amancane - kubandakanya nosizo lwezezimali. Banamagatsha kulo lonke elaseSA. Xhumana nehhovisi labo elikhulu: 086-010-3703; noma 012-441-1000; e-mail: info@seda.org.za - Web: seda.org.za
ISELULEKO ESIHLE
Uma uqashiwe, kungumqondo omuhle ukungasuli emsebenzini wakho, kuze kube usuzibhekile izikhala zemisebenzi ezimakethe nokuyinto ongayenza ngesikhathi sakho. Ukwenza isibonelo, uma uzimisele ngokwenza ibhizinisi lokudla, qala ngokuthatha ama-oda emicimbini ngezimpelasonto. Uma unama-oda amaningi ohlulekayo wukumelana nawo, usethubeni elihle lokuphumelela kuleli bhizinisi.
DOREEN NGCOBO, umnini webhizinisi lokudla
