zulu.720.disabled
Izintokazi zandawonye eziyigugu
IZINTOKAZI zakwaMasindi ziyisimanga. Zazalwa zikhubazekile zingenamilenze. Kodwa u-Avhahumi oneminyaka engu-36 nodadewabo omdala u-Azwifaneli oneminyaka engu-46, ababukeki neze bekhubazekile.
Bazakhela umuzi onamagumbi amahlanu ngemali yabo yempesheni yokukhubazeka.
Babuye batshale nama-veg abo engadini engemumva kubo eSokoutenda village ngaseThohoyandou. Ama-veg abo bayawadayisa bathole imali.
"Lezi zintokazi zisebenzisa amafosholo ahlukile nezimfoloko uma zisebenza engadini yazo.
"Siyazi ukuthi singenza izinto ezingaphezulu kwalezo ezenziwa abantu abangakhubazekile," kusho u-Azwifaneli.
Uthi bafuna ukuthola indawo enkudlwana ukuze batshale ama-veg angaphezu kwalawa abawatshalayo abazowafakela izimakethe.
Isifiso sabo esikhulu esokuthenga ipulazi bavule amathuba emisebenzi.
Ngempumelelo yabo bathi babonga umama wabo uVele (64) ohlala nabo noFrank ubaba wabo ongasekho.
Lo mndeni wawumpofu kodwa ngenxa yothando nokwesekwa abazali babo, u-Avhahumi no-Azwifaneli bawuphasa u-matric wabo ePhaswana High School eSibasa. Emva kwalokho u-Avhahumi wenza i-diploma ye-computer.
U-Avhahumi usakhumbula ukuthi kwakunzima kangakanani esikoleni. "Kwakudingeka ukuba sigaqe ngamadolo ngoba abazali bethu babengenawo amandla okusithengela ama-wheelchair," kusho yena.
"I-wheelchair yami yokuqala ngayithola ngineminyaka engu-23, ngesikhathi ngijoyina isikole sabakhubazekile iTshilidzini ngo-1983."
Kulowo nyaka waqala nokuhola imali yakhe yempesheni. Udadewabo uyihole ngo-1990.
"Sayibeka imali yethu saze sakwazi nokwakha umuzi. Kuhle ukonga ngoba awazi ukuthi yini engakwehlela ngomuso," kweluleka u-Avhahumi.
Waqhuba wathi asikho isidingo sokuba abakhubazekile bahambe becela imali ezitaladini - noma badatshukelwe.
"Nisidabukelelani" Nathi singabantu njengani," kusho u-Avhahumi.
"Zikhaleleni nina ngoba nakuba nithi anikhubazekile, kukhona izinto eningakwazi ukuzenzela zona.
"Kanti thina asidalwanga uNkulunkulu njengani""
Umama wabo uthi uyaziqhenya ngabo. "Bayisipho esivela kuNkulunkulu. Kuyamangalisa abakwenzayo ikakhulu njengoba bengafune sizo lwami!" [z]
African Eye News Service
BONA ZULU - August 2006
Bayafana nawe!
NGENHLA: U-Avhahumi no-Azwifaneli nomama wabo uVele oziqhenyayo ngabo.
NGENHLA KWESOBUNXELE: Izintokazi zandawonye zisengadini yama-veg.
Lezi zintokazi azikhubazekile neze...
indaba nguRIOT HLATSHWAYO
izithombe nguWILSON DZEBU/AENS
BONA - August 2005
