zulu.709.scams
ZITHOLELE R20 000 ngenyanga usebenzela ekhaya, ngokusho kwesikhangiso. Lokhu kujwayelekile, akunjalo" Yebo kunjalo - izikhangiso ezinjengalezi uzithola noma kuphi, zichonywe ezigxotsheni zikagesi, ezigxotsheni zocingo, emaphephabhukwini nasemaphephandabeni. Lezi zikhangiso ziyahehana, ikakhulu uma ufuna umsebenzi. Ngeshwa kuzo zonke izikhangiso zalolu hlobo zokusebenzela ekhaya, akusizona zonke ezifezekayo.
Okhulumela abeDepartment Of Trade And Industry uVukani Mde uthi iningi lamathuba okusebenzeka ekhaya kusuke kungama-pyramid scheme asuke efihlekile nadinga ukuba nawe uqashe amanye amalungu ukuze ukhokheleke.
Wenze isibonelo sesikhangiso esathembisa ukuholela R50 ngehora ngokusebenza ngokugcwalisa izimvilophi - kodwa ukuze wenze leyo mali kufanele udayisele abanye lolu hlelo.
"Abanye bakuthumelela ibhukwana elibizayo elinamasu okuzisebenza usekhaya," kusho uMde.
Ukudayisa
"Into abasuke beyenza, wukukudayisela imikhiqizo yabo," kusho uThami Bolani wabeNational Consumer Forum.
"Laba bantu abenza lobu buqili bavame ukukhangisa ngemali encane, bakutshele ukuthi ungazitholela kanjani imali ngokugcwalisa izimvilophi usekhaya.
"Emva kwesikhathi uthola ukuthi uphromotha walokhu akazange abe nezikhala zamathuba omsebenzi. Esikhundleni salokho, ngemali yakho usungathola incwadi ekutshela ukuba ufake leso sikhangiso esifanayo emaphephandabeni noma emaphephabhukwini noma uthumele leso sikhangiso kubangani nezihlobo.
"Okuyiyona kuphela indlela ongazenzela ngayo imali, wukuba abantu baziphendule izikhangiso zakho zemisebenzi esetshenzelwa emakhaya."
"Kokunye inkampani ifaka isikhangiso ithi ifuna abazosebenza ezweni lonkana benze umsebenzi wokubhala basebenzele emakhaya abo ngokwetoho noma ngokugcwele nokuyilapho bethembisa iholo lemali engu-R4 000 ngenyanga kanye nekhomishini," kusho uMde.
"Ngokujwayelekile ikhasimende liye lingatshelwa ukuthi liyaphoqeka ukukhokha imali yobulungu. Kuthi lapho usuyikhokhile le mali bese inkampani ikunika uhlu lwezinombolo ongaxhumana nazo ufuna umsebenzi.
"Ngokuvamile uthi lapho uxhumana nalaba bantu ngethemba lokuqinisekiswa komsebenzi, kodwa utshelwe ukuthi awukho umsebenzi. Kuthi lapho ikhasimende selixhumana nenkampani okuyiyo ekhiphe isikhangiso somsebenzi owenzelwa ekhaya, litshelwe ukuthi ayikho into abangayenza."
Sekuvaliwe
Isivinini abantu bakithi abaqolwa ngaso sesenze ukuba abeDepartment Of Trade And Industry bavale izikhangiso zemisebenzi eyenzelwa emakhaya. Lokhu ngokuchaza kukaMde kwenza amathuba okusebenzela ekhaya angabi semthethweni.
Lokhu kubandakanya ukugcwalisa izimvilophi nokubhala ngomshini amalebuli nokuyizinto zombili ezingubuqili abe-Advertising Standard Authority asebezivalile.
Inhlawulo yokwephula lo mthetho iye ifinyelele ku-R200 000, noma ukuyobhadla ejele kuye kufinyelele eminyakeni emihlanu noma kwenzeke kokubili.
Into ebalulekile ukuze ungaqolwa, ngokusho kukaMde wukuba ungalokothi udiphoze imali kunoma iyiphi i-akhawunti ngaphambi kokuba wazi kahle kamhlophe ukuthi uzifaka entweni enjani.[z]
' THOLA USIZO! Uma uchithe imali nesikhathi sakho ngezinhlelo zomsebenzi lapho usebenza usekhaya kodwa futhi ubona ukuthi wuhlelo olungekho emthethweni, bika kwabe-DTI Customer Contact Centre kule nombolo: 0861-843-384.
Uhola imali enkulu" Asicabangi kanjalo!
Wubuqola!
BONA ZULU - November 2007
Udinga umsebenzi" Qaphela! Iningi labantu bakuleli seliluthwe amaqola athembisa abantu imisebenzi abazoyenzela emakhaya...
indaba nguTEDDY GOMBA isithombe nguROELENE PRINSLOO
BONA - August 2007
