zulu.702.sandy
Ayikho
indawo efana
NEKHAYA
NJENGOBA sekusondele isikhathi sokuphela kochunge lokugcina lweStrictly Come Dancing, uSandy Ngema ongumethuli walolu hlelo samthola eziphumulele ekhululekile ekhaya lakhe - wasilandisa nangezigameko ezenzeka kule-show.
"Okwenzeka kule-show kungaphezulu komdanso. Niyakhumbula ukuthi uTamara Dey waklunyuka kanjani edolweni nokuthi ubhozo luka-Ashley Hayden lwaphuka kanjani," kusho kubuza yena?
"Kodwa eningakubonanga yingamhla uHHP ephathwa yinhliziyo encane eshaywa wuvalo lokudansa."
Ingcindezi uSandy no-Ian von Memerty abambisene naye ekwethuleni le-show ababhekana nayo uma abadansi besazilolonga ngoMsombuluko, iphela ngoLwesine sekusakazwa bukhoma.
Akukuphela kwaleso sizathu esenza ukuba uSandy abone kubalulekile ukuba nekhaya elizomphumuza umqondo. Ngaphandle kokukhulisa amadodakazi akhe amabili, oLuyanda (16) noZinhle (12), ethule i-show yakhe kuTV enze neminye imisebenzi, ubuye abe ngumqondisi wezentengiso eC&R Umnobo, inkampani ekhiqiza izinto zokukhangisa.
"Uma udumile umenywa emicimbini eminingi kodwa ngiyayikhetha engiya kuyona ukuze ngibe nesikhathi sokuhlala nomndeni wami. Ngineminyaka eyisithupha ngihlala kule ndawo kanti ngiyayithanda," kusho yena.
Ikhaya lakhe eliseBryanston ulichaza njengelakhiwe ngendlela yakudala - linesitezi esisodwa namakamelo namawindi amakhulu. Igceke lakhe alilikhulu kanti line-pool uZinhle athanda ukubhukuda kuyona.
"Ziningi izindlu engazibona ngaphambi kwalena kodwa ngayithanda kanti angizisoli ngokukhetha yona," kusho uSandy.
"Kuthulile kule ndawo futhi singumphakathi obambisene. Ingikhumbuza indlela engakhula ngayo eThekwini eBerea.
"Siyingxenye yeqembu elihlanganise izitaladi ezine. Izingane zethu ziyahlangana zidlale - abazali bazihlalele ndawonye!"
Ukubambisana kwakhe nomakhelwane bakhe kukapakela nasekhaya lakhe okuthi uma ungena kulona ukhangwe yizithombe zomndeni wakhe.
"Ngiyaziqhenya ngoba ngizihlobisele lona ngaphakathi angizange ngicele usizo lomuntu ozolihlobisa," kusho uSandy.
Njengeningi lethu, naye kukhona izinto ezake zamdumaza. Wavakashela eChina wathenga izithombe ezimbili ezibaziwe zeTerracotta Army kodwa zafika eSA ziyizingcucu phezu kokuba zazipakishwe kahle.
Ikhishi lakhe walenza kabusha esizwa nguRiaan "Die Nuutsman" Venter, owayengushampeni weStrictly Come Dancing ongumngani wakhe manje.
"Ikhishi lami lalilidala kungeleminyaka yo-1970 kanti lalikudinga ukulungiswa. Ngabuye ngalungisa nama-bathroom," kusho yena.
Ama-bathroom anombala obhlu ozothile kodwa ngokugqamile novuselela eminye imibala esekhaya lakhe - izindonga zipendwe ngombala o-cream.
"Umbala obhlu yiwona ebengiwuthanda kakhulu," kusho uSandy. "Kodwa manje sengithanda no-green - uyawuphumuza umqondo."
Okufakazela ukuthi lo mbala uyawuthanda yimibala yezinto ezisegumbini lakhe lokulala nokundlalwe embhedeni wakhe. Izindonga zehhovisi lakhe asebenzela kulona ekhaya nazo zipendwe ngombala o-green omsiza ukuze agxile emsebenzini wakhe athole nomdlandla.
Egumbini elineTV kunemibala ewolintshi ne-pink ehehayo, kanti itafula elise-dining-room lihlotshiswe ngengilazi e-ruby-red. Izinto eziyingilazi eziseqoqweni likaSandy zinhle kakhulu. Kuyacaca ukuthi yileso sizathu esenze ukuba abakwaSwarovski Crystal bamkhethe ukuze abathuthukisele imikhiqizo yabo.
Kukhona osofa nezihlalo eziningi uSandy ahlala kuzona nabangani bakhe bazixoxele babuye bachushisane ezintweni ezithile. AmaTV screens amakhulu akakwe amakhabethe aseFar East awathola ngosizo lukaPeter Ehrenreich isoka lakhe laseDernmark elinguchwepheshe wemikhumbi.
Banezinyanga eziyisithupha behlala ndawonye. Ngaphambi kwalokho uPeter wayehlala eSingapore.
"Sahlangana mhla sibhuke ehhotela eThekwini emva kohambo olwaluqondene nebhizinisi. Sasizixoxela sisendleleni sihamba ngebhasi sisuka esikhumulweni samabhanoyi eThekwini sabuye sahlangana sesiphindela eGoli," kusho uSandy.
"Wabuza ukuthi angaxhumana yini nami uma ephinda ebuya. Angizange ngibe nenkinga ngalokho!
"Sathumelelana ama-e-mail sashayelana izingcingo - ngangiwathanda amahlaya akhe. Ngahluleka wukuzibamba esefika okwesibili..."
Onyakeni owalandela lowo uthando lwabo lwaluvutha amalangabi! USandy uthi uzizwa sengathi usephindele ebusheni bakhe.
"Savumelana ngokuthi sizobonana kanye ngenyanga. Ngangiya phesheya noma kuvakashe yena - sasibuye sihlangane eThailand noma eMalaysia."
USandy uyajabula njengoba sebehlala ndawonye. Wasikhombisa ama-wardrobe amabili aziqhenya ngawo.
Ophisi bokwenza lama-wardrobe bathengwa egatsheni lakwa-IKEA eliseSingapore elenza izimpahla ezitholakala e-Europe kuphela ezingakatholakali eSA kanti ngokukaSandy kwabathatha ingxenye yosuku ukuhlanganisa labo phisi.
U-Peter wabuye wakha i-unit enokubomvu nokumnyama enezicathulo zikaSandy ezinhle. Kwadingeka ukuba uPeter enze okuthile emva kokuba uMissy, umdlwane abawuthengela uSandy (uthengwa uPeter nezingane), engena e-bedroom yabo ephuma nepheya lama-boot kaSandy enziwe e-Australia!
USandy ubona kubalulekile ukwengeza amanye amagumbi kule ndlu ukuze umndeni wakhe omkhulu ukhululeke.
"Ngeke ngithuthe kule ndawo ngoba ngiyayithanda," kusho yena. "Mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi ngiyokwazi ukwengeza esinye isitezi ngaphezulu ukuze siyibuke kahle iMagaliesberg!"
Okwamanje kumphatha kahle ukuphumula ekhaya lakhe elithokomele.
"Nginenhlanhla ngoba ngenza umsebenzi engiwuthandayo. Nginamadodakazi amabili engiwathandayo nendoda engithandayo - akukho engikhala ngako.
"Ngingowesimame obusisekile. Lokho ngiyakudinga ngoba ngisuka kude." [z]
Indaba: Patricia McCracken
Izithombe: Peter Whitfield
I-make-up: Deirdre Holzer
IMPILO YESIHLABANI
''
Sengi-hlale la iminyaka engu-6, ngiyayi-thanda le ndawo
USandy noZinhle indodakazi yakhe encane behleli nenja yabo uMissy.
U-Sandy Ngema weStrictly Come Dancing udinga ikhaya azofika kulona aphumule...
Ikamelo likaSandy lokulala likahle uma efuna ukuphumula ngoba uma ekulona uyakwazi ukubuka igceke lakhe kanti linemibala ezothile.
Kunezingilazi ezicwebezelayo, imihlobiso yaseMpumalanga nezihlalo ezintofontofo - yilezi zinto eziheha umndeni nabangani ngamaholidi.
''
Ngizi-shaya isifuba ngoba ikhaya lami ngizi-hlobisele lona
USandy liyamjabulisa ikhishi lakhe alilungisa esizwa nguRiaan Venter ongushampeni weStrictly Come Dancing.
USandy wayedlala i-hockey engakabatholi abantwana. Unenqwaba yamapheya ezicathulo ezinhle.
