zulu.690.trivoct
amakhasi kaBONA athokozisayo
UMFULA i-Orange cishe uhamba ibanga elingu-2 200km nokuwenza ube ngomude kunayo yonke eSouth Africa.
Usuka kwiDrakensberg eduze komngcele ophakathi kweSouth Africa neLesotho uhambe ugudle indawo esentshonalanga unqamule iSouth Africa nokuyilapho wakha khona umngcele eFree State.
Ungenela edamini iGariep Dam (okungelikhulu kunawo wonke kuleli) bese udlulela edamini iVanderkloof Dam.
Endaweni esentshonalanga ye-Free State ngaseningizimu-ntshonalanga yeKimberley, i-Orange ingenela umfula iVaal nokuyilapho kufike kwakheke khona umngcele wangasenyakatho.
Kusukela lapho, lo mfulakazi uqhubeka uye ngasentshonalanga unqamule iningizimu yeKalahari neNamaqualand ubange eNamibia.
Lapha uhamba ngasentshonalanga ibanga elingu-550km, ufike wakhe umngcele phakathi kweSouth Africa neNamibia.
Kumakhilomitha awo okugcina angu-800, umfula i-Orange ungenela i-Hundred Falls, noma i-Augrabies Falls, wehle ibanga elingu-122m endaweni edonsayo engu-26km.
Esigabeni sokugcina, amatshe akhafulwa yilo mfula anothe kakhulu ngedayimane kangangoba izinkampani eziningi zezimayini zisebenza kule ndawo.
Umfula i-Orange ungenela kwi-Atlantic Ocean e-Alexander Bay endaweni engaba yibanga eliyingxenye phakathi kweCape Town neWalvis Bay.
Lo mfula udlala indima ebalulekile kwezolimo nakwezezimayini.
BONA ZULU - October 2007
AmaMulti-Game
Hlola ulwazi lwakho lolimi. Isithombe yiso esikutshelayo ukuthi ngabe yini igama laleyo nto.
I-Orange River
Lalela ivayolini
Umfula i-Orange wedlula edolobheni laseVioolsdrif, nokuyilapho okuseshwa khona abanqamulayo emngceleni weSouth Africa neNamibia - leli gama lichaza ukuthi "yinqaba yevayolini." Kuthiwa indoda yesizwe samaNama yayigibela izinqola ezazidonswa yizinkabi zezinkomo - idlala nevayolini ngesikhathi esisodwa.
UTHI UBUWAZI?
Igama lamaNama lomfula i-Orange kwakuyi-"Nu Gariep" kanti sekusebenza elithi "Gariep".
ELesotho, umfula i-Orange waziwa ngokuthi yiSenqu River.
AMEHLO entshe asho ngezinkophe ezibanzi ezimnyama, kanti angamehlo amakhulu kunawo wonke ezinto eziphilayo emhlabeni. Iso lentshe likhulu ngaphezu kwengqondo yayo.
Izikhukhukazi zidinga cishe amahora angu-24 ukuze zikhiqize iqanda elilodwa - kuthi emva kwemizuzu engu-30 uphinde uqale phansi lo msebenzi
Beka ngokuyikho
I-777 kwaba yibhanoyi lokuqala ukwakhiwa kwikhomphyutha. Ngomhlaka 9 April 1994 i-777 yethulwa emicimbini eluchunge engu-15 eyayibanjwe ngosuku okwakugujwa ngalo. Lokhu kwakungenhloso yokumelana nezimenywa ezazingu-100 000. Ukundiza kokuqala kwenzeka ngoJune 14 1994 kanti owayengumshayeli kulolu hambo lwe-777 wuqweqwe lomshayeli u-John Cashman.
Abashayeli: 2
Abagibeli abahleli: 305-365
Ubude bomzimba: 74m
Iphiko: 64,8m
Ubude: 18,5m
Isisindo: 166 881kg
Ijubane: 0,84 mach (892km/h)
I-BOEING 777
Hlela izinhlamvu zamagama ngendlela efanele
BONA ZULU - October 2007
Ihhashi lidla cishe izikhathi eziyisikhombisa ngokuphindwe ngesisindo salo njalo ngonyaka!
UTHI UBUWAZI?
Uhlobo lwensimbi oluningi kunazo zonke izinhlobo emhlabeni yi-aluminium.
UTHI UBUWAZI?
Okuyilona kuphela idwala elikwazi ukuntanta emanzini yi-pumice (itshe elilula).
UTHI UBUWAZI?
Izinto ezintathu ezijwayeleke kakhulu emhlabeni yi-hydrogen, helium ne-oxygen.
amakhasi kaBONA athokozisayo
BONA ZULU - October 2007
Ukudla okuningi kangaka esikhathini esincane kangaka...
Phezu kokwaziwa ngokuthanda ukudla, ikati elijwayelekile lidla cishe ama-calories angu-127 750 ngonyaka nokuyisibalo cishe esiphindwe izikhathi ezingu-28 sesisindo salo kanjalo nesikalo esifanayo ezintweni eziluketshezi.
Abantu basemandulo kwelaseGibhithe babekholwa wukuthi isithixo u"Bast" nguye owayezala wonke amakati eMhlabeni. Babewakhonza amakati bekholwa wukuthi izilwane ezingcwele.
Thola amagama ngokufunda uya phambili, emumva, phezulu, phansi, uvundle. Ungalokothi emgqeni weqe uhlamvu lwegama. Dweba ukekelezele igama ngalinye bese ulicisha ohlwini oluseceleni.
Funa igama
I-opossum yakwelaseMelika ibeletha emva kwezinsuku ezingu-12 kuya kwezingu-13. Indlovu yase-Asia ithwala isisu izinsuku ezingaphezu kwezingu-600 noma ngaphezu kwezinyanga ezingu-20.
EKorea i-poshintang yiyonanto ejwayelekile ohlwini olutholakala kuma-restaurant. Leli sobho kukholakala ukuthi likhuthaza abesilisa bavuthe ocansini kanjalo nabesimame ukuba bakhanye ngebala.
Uyazi lenziwa ngani kakhulu? Ngenyama yenja.[z]
I-mackerel izalela cishe amaqanda angu-500 000 ngesikhathi esisodwa
URoger Milla
Igama langempela: Albert Roger Miller
Usuku lokuzalwa: May 20, 1952
LO mdlali waseCameroon kwakungomunye wokuqala wabadlali bakwelase-Africa ukuba bazakhele igama emidlalweni yamazwe omhlaba.
Wadlala kumaWorld Cup amathathu edlalela izwe lakhe iCameroon nokwathi eseneminyaka engu-38 - nokuyiminyaka lapho iningi labadlali bebhola lisuke selithathe umhlalaphansi - washaya amagoli amane kwiWorld Cup ka-1990 ngaleyo ndlela wasiza iCameroon yafinyelela kuma-quarter final.
UPaul Biya, ongumongameli waseCameroon washayela uMilla ucingo emncenga ukuba abuye azodlala futhi njengoba ayesethathe umhlalaphansi.
UMilla waqhubeka wayodlalela izwe lakhe elaziwa ngokuthi ama-Indomitable Lions kwiWorld Cup ka-1994.
Ngaleso sikhathi wayeneminyaka engu-24, nokuyinto eyamenza waba ngumdlali omdala kunabo bonke osewake wadlala kwiWorld Cup - nomdlali omdala walo mqhudelwano ukushaya amagoli.
Ngo-2004, igama lakhe lafakwa ngaphansi kohlu lwabadlali abangu-125 abakhulu emhlabeni abaqokwa wuPelé njengengxenye yemigubho yeFIFA yeminyaka eyikhulu.[z]
I-Puzzle Yezithombe
Isithombe ngasinye siyakutshela ukuthi yini okufanele uyibhale ezikhaleni ezingenalutho.
BONA ZULU - October 2007
Amahlengethwa alala ebusuku ngaphansi kwamanzi. Alokhu ekhuphuka ngenhloso yokudonsa umoya
