zulu.689.career
BONA ZULU - October 2006
Ukuba ngusonhlalakahle kuyinselelo enkulu...
indaba nguGRACE KHUZWAYO
izithombe nguBRETT FLORENS
IMPILO kwelaseSouth Africa inezinselelo eziningi. Imisebenzi ayikho, sihlushwa ubugebengu, udlame lwasemakhaya, ukudivosa, ububha ne-AIDS - lokhu kubalwa ezinkingeni ezimbalwa abantu abanazo.
Silutholaphi usizo uma izinkinga zethu sezingaphezulu kwamandla ethu" Osonhlalakahle bahlome ngalo lonke ulwazi olungasiza ekubhekaneni nezinselelo zethu.
Osonhlalakahle badlala indima emqoka ekuphuculeni impilo yezigidi zabantu.
Udaba lukaPearl
U-Pearl Ramotsamai ungusonhlalakahle ongumeluleki kwezemindeni nezomphakathi egatsheni lakwaFAMSA (Family and Marriage Society Of South Africa) eliseThekwini.
"Ngisakhula ngangizibona izinkinga umphakathi owawubhekene nazo," kuchaza yena.
"Ngabona isidingo sokuba sibe nabantu abanjengosonhlalakahle ukuze kuhlonyiswe leyo mindeni enezinkinga.
"Ngenza iziqu zeBA Social Work e-UNISA kanti ngiqale ukusebenza kwaFAMSA ngo-2005.
"Emsebenzini wami ngiluleka kakhulu abashadile. Njengamanje sinohlelo lokululeka abazoshada. Kudingeka ukuba baphendule imibuzo ebhalwa kwi-computer ukuze kuhlaziywe okuhle ngothando nabo bagxile ekwenzeni umshado wabo ube yimpumelelo.
"Ngibuye ngiluleke abanezinkinga emshadweni. Abanye badinga ukwelulekwa ngabangakwenza ukuze bangaluvumeli ulaka ngibanike namasu okuxazulula izinkinga.
"Abazali nabo siyabanika amasu okukhuliswa kwabantwana babe nendlela yokukhuluma nabo babakhuthaze ukuze bazethembe baziphathe kahle.
Kulo msebenzi kusemqoka ukumelana nengcindezi ngoba kufanele umqondo wakho ugxile kulowo muntu omsizayo ungabukeki uthukile ikakhulu uma uxazulula udaba oluphula umoya njengolokuhlukunyezwa kwezingane.
Iningi losonhlalakahle lizovuma ukuthi umvuzo walo msebenzi ungaphezulu kwengcindezi.
"Ngiyakhululeka uma umuntu engimsizile engitshela ukuthi izinto zimhambela kahle ngenxa yezeluleko engimnike zona," kusho uPearl.
"Ngisanda kululeka umndeni owawusuzohlukana ngenxa yokungahlali ndawonye.
"Ngosizo lokwelulekwa, lowo mndeni wafunda ukuxhumana ngendlela efanele nokubambisana ekukhuliseni izingane.
"Lo mndeni waba munye wahlala ngokuthokoza."
Okubandakanyeka kulo msebenzi
Kunokuningi okubandakanyeka kulo msebenzi kanti osonhlalakahle bangasebenza nabantu abangabodwana, nedlanzana labantu noma emphakathini kuye ngokwezidingo zawo.
Osonhlalakahle babuye basebenze nodokotela bengqondo, onompilo, othisha, abammeli namaphoyisa.
Ubanzi kakhulu lo msebenzi. Okulandelayo kubalwa ezintweni ezithinta umsebenzi wosonhlalakahle:
lIzikhungo zokusiza abangaphathekile kahle nabahlukunyezwe wudlame;
lOsonhlalakahle abasiza ezibhedlela nalapho kugcinwe khona abagula kakhulu;
lIzingane ezihlala ezitaladini
lAbadala;
lAbakhubazeke ngokomzimba nangokwengqondo;
lAbasebenzisa izidakamizwa;
lI-HIV/AIDS.
Okudingeka kusonhlalakahle
Ngokuka-Ann Petty ofundisa e-UNISA, lo msebenzi ukahle kubantu abanalokhu:
lAbabona okuhle kwabanye;
lAbanakekelayo, abazithembayo, abakhululekile nabakwaziyo ukumelana nezimo ezintsha;
lAbanobuciko;
lAbakhombisa ubuhle bosonhlalakahle;
lAbahlelekile, abathembekile nabayaziyo into abayenzayo;
lAbanesineke nabakwazi ukusebenza ngaphansi kwengcindezi;
lAbazwana nezinselelo ezihambisana nokuxazulula izinkinga;
lAbanekhono lokuxhumana nabantu.
"Abaphumelelayo kulo msebenzi yilabo abahlonipha abantu nabaziyo ukuthi abantu bayakwazi ukuzithathela izinqumo ngempilo yabo," kuqhuba u-Ann.
Amathuba omsebenzi
Osonhlalakahle bayindlala eSouth Africa kanti amathuba abo maningi kuhulumeni nasezinhlanganweni ezizimele nasezimbonini.
"Usonhlalakahle osaqala angasebenzela inhlangano ebhekele inhlalakahle yabantwana neyomndeni okungenani iminyaka emibili ngaphambi kokusebenzela izinhlangano ezifuna osonhlalakahle asebevuthiwe," kusho u-Ann.
Kungenzeka bagcine sebesezikhundleni ezinkulu.
Imali ongayihola
Osonhlalakahle abasaqala bahola u-R7 500, abasezikhundleni bahole u-R15 000 nangaphezulu ngenyanga.
Izifundo
Kudingeka uwuphase kahle
u-matric ukuze ufundele lo msebenzi. Leso naleso sikhungo sinendlela esihlunga ngayo.
Indawo yokuqeqeshwa
Uhla lwamanyuvesi okufundela ukuba ngusonhlalakahle lutholakala kwiSouth African Council For Social Service Professions.
"Usonhlalakahle uthola ithuba lokwenza umehluko ezweni lethu," kusho u-Ann. [z]
U-Pearl eluleka izithandani.
Ungenza omkhulu umehluko
Ezemisebenzi
UPearl noJennifer Molefe ongusonhlalakahle.
BONA ZULU - October 2006
ABANGAKUSIZA
'I-SACSSP (osonhlalakahle kumele babhalise kule nhlangano):
Ucingo: 012-329-9164.
I-Website: www/sacssp.org.za
Ikheli: Private Bag X12, Gezina, 0031.
'E-UNISA ungafunda uthole iziqu:
Ucingo: 012-420-6209.
