zulu.688.bec success
BONA ZULU – December 2006
Ukuthuthukisa umphakathi
INHLANGANO okuthiwa Iziqhamo Ezihle Corporation yakhiwe abesimame abangu-11 abanakekelayo.
Benza umsebenzi wokuthunga, owokubhaka nowokuhlanza emphakathini waMalindi e-East London. Bahlangana njengomama abangasebenzi ngenhloso yokusebenzisa amakhono abo ekuthuthukiseni umphakathi.
Baphinde basize umphakathi ngokuwuthungela izingubo zomshado benze umsebenzi wezandla onithiwe, amakhava osofa nezindwangu zamatafula.
Sebesungule nezinhlelo zabantu abasha kanjalo nezokukhuthaza othisha.
Okumangazayo ngalaba besimame wukuthi impahla abayisebenzisayo ekuqhubeni umsebenzi wabo ngeyabo. Bazimisele ngokuthuthuka baze bakwazi ukuzithengela izitofu, izitulo, amatende, izindishi nokunye ukuze baqale nebhizinisi lokudla.
Iziqhamo Ezihle Corporation yinhlangano erejistiwe enomthetho-sisekelo. Ungaxhumana nabo kule nombolo: 073-229-5945.
Lezi zintokazi zinengadi yama-vegetable abawaphakela umphakathi. Bazimisele futhi ukusebenzisa lolu hlelo ekusizeni abantu basemijondolo eseduze ngokudla.
Amalungu eClub awuthokozela kakhulu umsebenzi owenziwa yilezi zintokazi zenhlangano yeZiqhamo Ezihle Corporation kanti siyazi ukuthi nani nizowuthakasela.
Amalungu eBhodi lezokuVakasha e-Eastern Cape akuthokozela ukuba yingxenye yomcimbi wethu wokucobelelana ngolwazi.
U-Elizabeth Nokulunga Swapi noVicky Kubeka bebonisana ngeresiphi kwenye yama-workshop eBake for Profit.
Qala ibhizinisi lakho lokudayisa obhulankethi
Amalungu eBONA Empowerment Club ngabanye babantu abanenhlanhla eSouth Africa ngokuthola ithuba lokuzisungulela ibhizinisi elizobangenisela imali lokudayisa obhulankethi bakwa-Aranda.
Obhulankethi bakwa-Aranda ungabathenga babe baningi ngesaphulelo ubadayise uthole iphrofithi. Odinga ukuba ukwenze:
1. Hambela ama-forum noma ama-workshop abeBONA Empowerment Club.
2. Thola imininingwane egcwele yebhizinisi lakho namafomu oku-oda emicimbini yethu kulo nyaka.
3. Qala uzitholele amakhasimende, udayisele abantu, ama-spaza shop nezikole.
Uma ungeke uphumelele ukufika kwi-workshop yethu, shayela uWellington Tshomela kule nombolo: 011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi umcele akuthumelele nge-fax imininingwane. Qhubeka ufunde uBONA uthole kabanzi ngebhizinisi lakwa-Aranda lokuthengisa obhulankethi kuma-workshop onyaka ozayo.
UMA unebhizinisi elincane, ngenela iMAGEU NUMBER 1 SMALL BUSINESS AWARDS khona namuhla. Kunemiklomelo engukheshi efinyelela ku-R50 000 eningazitholela yona.
Le miklomelo yenzelwe ikakhulu abafundi bakaBONA abangamalungu e-Empowerment Club. Amafomu okungenela mawaposelwe kuleli kheli: MAGEU NUMBER 1 SMALL BUSINESS AWARDS, BOX 3858, RIVONIA, 2128.
Abayofinyelela kowamanqamu bayokhishwa zinyanga zonke kuBONA nakwiWebsite yethu.[z]
