zulu.684.careers
Ezemisebenzi
Owonobhala
SEZADLULA lezo zinsuku lapho onobhala babenzela khona abaqashi babo amakhofi bababhalele nezincwadi. Onobhala babuye babizwe ngama-personal assistants (uma besiza umqashi oyedwa), sebethathwa njengabantu abadlala indima ebalulekile ekuphathweni kwenkampani.
Nakuba besekhona abenzela abaqashi babo amakhofi, iningi labo linabasizi babo abalenzela amakhofi!
Umsebenzi kanobhala uyashiyana, kuye ngokwezinga lolwazi analo nenkampani ayisebenzelayo. Umsebenzi wakhe ungabandakanya ukuhlela imihlangano nemicimbi, ukuthatha amaminithi emhlanganweni, ukubhala izincwadi, ukuxhumana namakhasimende abe yingxenye yezinqumo ezimayelana nokuphathwa kwenkampani.
Ake sibheke umsebenzi kaNtokozo Ngcobo - akubuzwa ukuthi ubaluleke kangakanani enkampanini ayisebenzelayo. Akafuniseli ngomsebenzi wakhe awenza efake umfaniswano wenkampani yakhe omenza abukeke kahle. Asimangalanga uma sizwa ukuthi uyakhangisa uma engekho emsebenzini.
Yinhle iCV kaNtokozo... Wathola umklomelo esafunda u-matric ngenxa yokuthanda kwakhe ukubhala ngomshini. Emva kwalokho wafundela ukuba ngunobhala, wathola i-diploma kwi-teaching enza i-typing nesiNgisi wathola neMicrosoft Office diploma. Le ntokazi iyawazi umsebenzi wayo!
Emva kokusebenza ezindaweni ezimbalwa, ngo-2001 uNtokozo wafaka isicelo sokuba ngunobhala kaTodani Moyo umqondisi weMsinsi Resorts And Game Reserves. "Ngawuthanda umqondo wokusebenza embonini yezokongiwa kwemvelo nezokuvakasha," kusho yena.
Ngaphandle kokuphatha ihhovisi lomqashi wakhe, uNtokozo ubuye abe ngunobhala wekomidi elikhulu, nowebhodi labaqondisi. Akwenzayo kuyashiyana kanti kokunye uhlela ama-workshop nemicimbi, aphathe abasebenza emahhovisi, alawule nezokuqeqeshwa, ahambele imihlangano ekanye nomqondisi. Wenza isiqiniseko sokuthi konke kuhamba kahle enkampanini, ahlele uhambo, abheke abavakashi nabashaya izingcingo, abhale izincwadi zezaziso nemibiko yabaphathi.
"Umsebenzi wami uyangithokozisa ngoba ngiba yingxenye yezingxoxo ngazi nokuthi kwenzekani enkampanini nasembonini iyonke," kusho yena.
"Kuningi engikufundile - kanti ngisafunda okuningi ngenkampani. Ngibuye ngithole nethuba lokuvakashela izindawo ezinhle kakhulu ezweni ngoba eminye imihlangano yethu ibanjelwa eziqiwini zethu."
Lo nobhala uzicija ngokuya kuma-workshop nangokwenza izifundo zokuqeqesha. Ubuye abe yilungu le-Office Professionals' Society Of South Africa. "I-OPSA ingisiza ngokungenza ngizizwe nginokuzethemba ngibe nolwazi ngobuchwepheshe bamanje. Ngokwami onobhala kufanele babe ngamalungu ale nhlangano," kusho uNtokozo.
"Usemqoka kakhulu umsebenzi wePA. Umqashi kufanele ahlale ekhululekile enolwazi lokuthi konke kuhamba kahle uma engekho ehhovisi.
"Kuyisifiso sami ukuphatha inkampani yami ngelinye ilanga emkhakheni we-markerting nePR. Ngingenza noma yini ngenxa yolwazi engiluthole ngenza lo msebenzi! Ngikholwa wukuthi maningi amathuba abesimame baseSouth Africa okumele bawasebenzise."
Kufanele ube ngumuntu onjani
n Yiba nekhono lokuhlela izinto.
n Yiba nolimi oluhle.
n Yiba nolwazi ngokusebenza kwamakhompyutha - ube nolwazi ngobuchwepheshe bamanje. (Kusemqoka kakhulu lokho.)
n Thembeka uzigodle izimfihlo zenkampani.
n Yiba namandla okusebenza ngaphansi kwengcindezi.
n Bukeka kahle uzethembe, xhumana nabantu ngendlela efanele emazingeni ahlukene.
Izitifiketi
Izikhungo zemfundo ephakeme zidinga umuntu onesitifiketi sika-matric ne-accounting, typing ne-business economics.
Kukhona nezikhungo zokuqeqesha abantu abangawufundela kuzona lo msebenzi isikhathi esifishane ngemali encane. Ngeshwa, izikhungo zokufundela ukuba unobhala azibhekwa ukuthi zisemthethweni yini okusho ukuthi kumele ukhethe ngokucophelela.
Ukuwufundela isikhathi eside kusiza ngokukunika ulwazi olugcwele. Khetha isikhungo esinegama elihle nesikhipha izitifiketi okuyizona zona
Ungenza i-diploma yeminyaka emithathu e-technikon kwezokuphathwa kwehhovisi. Bheka e-technikon eseduze nawe ukuthi badingani.
Emakolishi anjengeDamelin, Intec, Varsity College neBoston Business College banezifundo ongazenza okwesikhashana.
Amathuba omsebenzi
Onobhala bayadingeka kunoma iyiphi imboni kanti kukhona i-junior secretary esebenza ehhovisi elincane (isebenza njenge-receptionist/telephonist), kuye kunobhala omkhulu ohlela imicimbi.
Izinkampani eziningi ngeke zisebenze ngaphandle konobhala. Unobhala osaqala angagcina engunobhala omkhulu uma eya kuma-workshops ezihlupha ngokwazi izinto zamanje.
Ongakuhola
Unobhala oqeqeshiwe osaqala kulo msebenzi angahola u-R2 500 ngenyanga kuye ku-R18 000 uma esengunobhala omkhulu. [z]
BONA ZULU - July 2006
NGENHLA: UNtokozo nomqashi wakhe uTodani Moyo, besehhovisi likaTodani.
Ubani oqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle emsebenzini" Akubi ngumqashi kodwa kuba ngunobhala wakhe...
indaba nguGRACE KHUZWAYO
izithombe nguBRETT FLORENS
Eminye imininingwane
I-Association For Office Professionals (OPSA) yinhlangano engatholi nzuzo yabasebenza emahhovisi. Ucingo: 012-996-0583; email: info@thepsa.co.za;
Website: www.thepsa.co.za.
I-Institute for Certified Administrative Professionals (ICAP) inika abasebenzi basemahhovisi eSouth Africa izilinganiselo ezamukelwa umhlaba wonke. Ucingo: 011-615-2868;
email: certification@capinstitute.co.za
Website:
www.competencyservices.co.za
NGENHLA: UNtokozo esehhovisi lakhe elungiselela olunye usuku olumatasa.
KWESOBUNXELE: UNtokozo ethatha amaminithi omhlangano.
BONA ZULU - July 2006
