zulu.681.stars
BONA ZULU – March 2008
izinkanyezi zakho
ARIES
(Mar 21 – Apr 20)
Ukulangazelela kwakho ulwazi kuzokuholela ekufezekeni kwamaphupho. Ngakhoke ungabi namahloni okulandelisisa izinto ezilusizo. Ukucabanga ngokuphusile kuzokwakhela intokozo.
TAURUS
(Apr 21 – May 20)
Yisikhathi sokuzibonakalisa kwabanye. Yamukele inselelo - ukuze ukucabanga kwakho okuhle kuthakaselwe abangani abasemazingeni aphezulu ube nokuzethemba. Azi ukuthi noma yini ingenzeka.
GEMINI
(May 21 – Jun 21)
Khuthaza umoya wobumbano ekhaya ngamazwi akhayo nangokubafaka ugqozi kokuhle abakuzamayo. Izinto ezincane zizosho lukhulu uma benothando kwabakwenzayo.
CANCER
(June 22 – Jul 22)
Ukuzibandakanya ezintweni ezenziwa wumphakathi kanjalo nakwezobuciko kuzodlala indawo ebanzi kakhulu. Impilo izokuba nembuyiselo - ngakhoke qiniseka ukuthi uthola umngani onomqondo ophusile njengowakho ukuze niyithokozele.
LEO
(Jul 23 – Aug 23)
Yisikhathi sokuba uqikelele empilweni yakho. Thola kabanzi ngezinto nezeluleko ezintsha zokunakekela impilo bese uyazisebenzisa ukuze uhlale uphilile. Abantu abaphilile, konke abakwenzayo bakwenza kahle.
VIRGO
(Aug 24 – Sep 22)
Sebenzisa ubuhlakani ukuze ukwazi ukuphilisana kahle nabantu ongase udinge usizo lwabo esikhathini esizayo. Ukuxhumana okuhle nabantu kuzokwenza ukuba nawe ube noshintsho oluzokulethela okuhle empilweni.
LIBRA
(Sep 23 – Oct 22)
Khohlwa okwedlule uqale kabusha ezinhlosweni zakho zesikhathi eside. Xosha izinto ezikhubaza impumelelo ube nokuzethemba okuzokwakhela intokozo uphile impilo engcono.
SCORPIO
(Oct 23 – Nov 22)
Leli yithuba lakho lokuzibonakalisa, ngakhoke lisebenzise ngokuyikho. Izinqumo ezinqala zingaba nomthelela omuhle ukwazi ngisho nokuqophisana nezimbangi zakho ngempumelelo.
SAGITTARIUS
(Nov 23 – Dec 21)
Ungazibukeli phansi - lesi kungaba yisikhathi esihle sempumelelo. Qalisa okusha okungase kukwakhele impumelelo ngoba ubukeka unenhlanhla. Izifiso zakho zizofezeka.
CAPRICORN
(Dec 22 – Jan 20)
Yenza yonke imizamo ukuze uzikhiphe uhlanganyele nabantu. Lesi yisikhathi sokuba uxhumane nabantu wakhe ubungani besikhathi eside.
AQUARIUS
(Jan 21 – Feb 19)
Impilo yakho izokhombisa enkulu intuthuko ngoba njengamanje uyakwazi ongakukhetha okukufanele ukuze uyishintshe.
Ungalwesabi ushintsho, bhekana nanoma iyiphi inselelo ngokukhulu ukuzethemba.[z]
PISCES
Feb 20 – Mar 20
TOKYO SEXWALE
March 5, 1953
UKUPHATHELENI UNYAKA
Ungena esigabeni esikhombisa ukuthuthuka empilweni yakho nokuyilapho uzolaxaza eminye imiqondo nemikhuba ngenhloso yokuzuza ubuhlakani bolwazi obuphusile. Lona kufanele kube ngunyaka omuhle kakhulu empilweni yakho. Uzozuza abangani abalusizo uzuze lukhulu kubangani beminyaka kanjalo nabasha. Ukugqama kwakho kuzothuthukisa udumo lwakho. Uhlale uzinikele ngokuphelele kwezezimali ngakhoke kufanele ube nempumelelo kwezamabhizinisi. Othandweni ukhombisa obukhulu ubuhlakani obuzothatha iminyaka.
