zulu.1301.Project
Amakhasi ephrojekthi
Amathambo atholakala e-Africa phakathi kuka-1924-1985
BONA ZULU – May 2006
Sidabukaphi?
Kulama khasi ePhrojekthi kaBONA sibheka ukuthi abantu badabukaphi nokuthi izinguquko zibe namthelela muni ekwenzeni sibe abantu esiyibo namuhla.
Lolu lwazi lucashunwe ochungeni lweSocial Sciences TODAY olushicilelwe abakwaMaskew
Miller Longman. Uchunge lweTODAY lulungele abenza uGrade 7 kuya kuGrade 9.
AmaHominids
Amathambo abantu ababili atholakala eSouth Africa akubeka ngokusobala ukuthi abantu bokuqala badabuka e-Africa.
I-Taung Child – amathambo atholakala eTaung, eSouth Africa ngo-1924 kwatholakala ukuthi
kwakungawengane eyayineminyaka emine eyayiphila eminyakeni eyizigidi ezimbili nengxenye edlule.
Aqanjwa ngele ‘Taung Child,’ kanti kwakungamathambo okuqala atholakala emhlabeni.
UMrs. Ples – ngo-1936, uRobert Broom ocwaninga ngamathambo wathola amathambo omuntu
omdala eSterkfontein, eGauteng. Lawo aqanjwa ngelikaMrs. Ples.
Hom•i•nid -– amalungu okuqala omndeni wezilwane okukhona kuwona abantu, izimfene nezinkawu.
Ar•chae•ol•o•gist – umuntu omba ahlole amathambo akudala.
Ngabe bewazi?
Abantu kuphela abahamba ngemilenze emibili baqonde.
Okulungele izingane zeminyaka
engu-8-14
Ukuba ngumuntu -– uguquko olwenzeka
• Ubuchopho be-hominid babubukhulu kunobezimfene kodwa bungakhekile njengobabantu. Ama-hominid
ayephila phakathi kweminyaka eyisigidi nezigidi ezintathu edlule ehlala e-Afrika eseMpumalanga
neseNingizimu.
• Amazinyo e-hominid ayemancane ehlangene kunawemfene kodwa engafani nawomuntu.
• Abantu bokuqala babesebenzisa amathuluzi enziwe ngamatshe uma bezingela noma betshala. Kwakukhona ne-hominid eyayibizwa ngeHomo habilis.
• Enye i-hominid ubuchopho bayo obabubukhulu ngo-25% kunobeHomo habilis yayibizwa ngeHomo
erectus ngoba kungeyokuqala eyayihamba iqonde. Amathambo ayo atholakala eKrugersdorp ngo-1948.
• Abantu banamuhla kuthiwa babonakala e-Africa eminyakeni engu-50 000 edlule. Ugebhezi lunendawo yobuchopho obungu-1,4 litres.
I-Cradle of Humankind eseGauteng Province yaqokwa njengeWorld Heritage Site ngo-1999 kanti iqukethe amathambo abantu ababephila emandulo.
Ezinye izindawo ezingamaWorld Heritage Sites eSouth Africa
I-Robben Island – UNelson Mandela wagqunywa ejele laseRobben Island
iminyaka engu-18. Ingakabi yijele le ndawo yayisetshenziselwa ukugcina abanesifo sobulephelo. Manje iRobben Island isiyindawo egcina amagugu
esizwe.
I-Greater St Lucia Wetland Park – kule ndawo umhlaba wakheke ngezindlela ezihlukahlukene kubandakanya namatshe asemanzini, amabhishi anenhlabathi, izindunduma zenhlabathi, amachibi, indawo enkulu enomhlanga.
I-Drakensberg Park – imigede namatshe aseDrakensberg Park inemidwebo eyapendwa yisizwe samaSan eminyakeni engu-4 000 edlule. Ubuciko
obenziwe ematsheni aseDrakensberg bumele uchunge lwemidwebo etholakala e-sub-Saharan Africa.
Siphisana ngama-Atlas amahlanu eLet’s Explore!
Thumela imininingwane yakho kuleli kheli:
Let’s Explore Giveaway
Maskew Miller Longman
PO Box 396, Cape Town, 8000
Ungakhohlwa wukubhala igama lakho, ikheli, inombolo yocingo
negama lesikole sakho
Hominids Human
BONA ZULU – May 2006
Hominid Human
Ngo-1871
UCharles Darwin waqagula ukuthi amathambo abantu bokuqala
ayotholakala
e-Africa.
Umtitilizo!
Ngabe bewazi?
I-World Heritage Site ihlukile emhlabeni kanti inamagugu emvelo anomlando okungenzeka asilahlekele uma engakutholi ukuvikelwa.
