zulu.676.editorial
UBEHLANYISA umhlaba ngephimbo lakhe - kanti i-albhamu yakhe yakamuva ifakazela ukuthi kukhona akufunde emazweni abewahambela. Kodwa into emqoka kakhulu kuSharon Dee wukubuyela kwakhe ekhaya.
Yingakho nje isihloko se-albhamu yakhe entsha sithi Ekhaya kanti emucwini okuqanjwe ngawo le-albhamu kunamagama athi: "Ekhaya lapho ngithola uthando/Ekhaya mina ngibuyela khona/Sengibuyel' ekhaya..."
U-Sharon wayesekhaya kubo eMlazi eThekwini ngesikhathi sixoxisana naye.
"Umuzi engihlala kuwona oseGoli ngangivele ngihlala kuwona ngingakayi phesheya. Kodwa uma sengikhathele yindawo yaseGoli ngiya ekhaya (esho eThekwini) ngizoziphumulela,"
kusho yena.
Abangani nabalandeli bakhe bebengakholwa wukuthi usebuye ngempela kanti bakholwe ngoba esekhiphe i-albhamu.
Ngesikhathi yena nomyeni wakhe uPeter Ndlovu odlala ibhola bebuyela ekhaya eSA ngo-2004, babehamba nendodana yabo uBenjamin, oneminyaka engu-9 manje. Sekukhona elinye ilungu kulo mndeni ogama lalo nguTaye.
Njengoba uTaye eseneminyaka emithathu, uSharon ubone kuzoba lula ukubuyela emculweni azibonakalisa kuwona ngeminyaka yo-90 ngengoma eyayithi Local Is Lekker. U-Sharon wake wacula nakwiJoyous Celebration emva kwalokho waya eLondon ngo-1997 ehamba nomyeni wakhe uPeter wafike wadlala kwiThe Lion King - athi ngokusho kwakhe "izinto azizange zihambe kahle kodwa kukhona engakufunda."
Uthi akuhlomula ngokudlala kulowo mdlalo kwaba wukucula izingoma zase-Africa nebhendi ye-jazz ngoba kwawunothisa umculo wakhe kwakhona akucoshayo akusebenzise kule-albhamu yakhe. Ukubuyela kwakhe ekhaya ubona kube yisinyathelo esihle ngoba ufike wabona impumelelo yabaculi besimame abanjengoThandiswa Mazwai, Simphiwe Dana, Zamajobe noSiphokazi.
"Kumnandi ukuba seSA kodwa ukushiywa abangani abanjengoBrenda Fassie, Wendy Mseleku noLebo Mathosa kube nzima kakhulu," kusho yena. Kule albhamu yakhe kunomucu abahlonipha ngawo othi Uzungikhumbule. Omunye umucu omqoka kakhulu kuSharon yilowo othi Malume.
"Umngani wami wayethandana nomuntu owayemshaya kodwa engakhulumi ngokuhlukumezeka kwakhe - imihuzuko ayeyithola wayeyifihla ngeziphaqulo," kuchaza yena.
"Abantu babevame ukuthi, 'Kubonakala ngokufaka kwakhe iziphaqulo ukuthi uyamlimaza...' ngalo mucu ngifuna ukukhuthaza abesimame abanjengaye ukuba bazivikele." [z]
U-Sharon Dee ugubha impumelelo yakhe endala nentsha nge-albhamu yakhe entsha... indaba nguPatricia McCracken
Usashisa namanje emculweni!
BONA ZULU October 2008
ISIHLABANI
Akasoze abakhohlwa - uSharon Dee ukhumbula abangani bakhe abasekhaya kwi-albhamu yakhe entsha ethi Ekhaya.
