zulu.675.pastor
BONA ZULU - December 2007
NGISHO nabangasonti ebandleni likaMfundisi Vusi Dube bayamazi ngezingxoxo zakhe ezikhuthazayo azethula emsakazweni uKhozi FM - kanti abanye bamazi ngokufunda ingosi yakhe ephuma masonto onke kwelinye lamaphephandaba esiZulu. Kungenzeka ukuthi abanye bake bahlangana naye kwi-Annual Abstinence Walk (okuluhambo lomkhankaso wokukhuthaza ukuzithiba kwezocansi) okuhloswe ngalo ukuqwashisa umphakathi ngeHIV/AIDS.
Sixoxisana naye, uthe - "ngangingazi ukuthi nginobizo."
Namuhla ukhuthaza izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu abanike ithemba ngisho noma bephila neHIV/AIDS.
UMfundisi uDube wazalelwa ePietermaritzburg kanti wakhula ekholelwa ekunikeni abantu ithuba empilweni.
"Yimina engimdala emndenini onabantwana abane. Sonke sakhuliswa ngaphansi kwesisekelo senkolo nokuyinto eyangenza ukuba ngifunde ukuba nethemba," kusho yena.
"Kwakuthi noma izinto zingasihambeli kahle ekhaya sihlalele ethembeni. Lokho kunginike amandla empilweni."
NgokukaMfundisi uDube, ukholo luyisisekelo sempumelelo yezinto esizifisayo.
"Kodwa iningi labantu linovalo lokuqala okusha ngoba licabanga ukuthi ngeke liphumelele. Uma ungakaze uphumelele, kusho ukuthi awukaze uqale lutho noma uzame okuthile," kusho yena.
Njengoba ezwana nokuqala izinto ezintsha, uMfundisi uDube nowakwakhe uTaki, ongudokotela wezokwelapha, bavula iCentre Of Hope Clinic ngo-2001.
Wahlangana noTaki ngo-1996 ngesikhathi le ntokazi isengudokotela esibhedlela saseMshiyeni eThekwini, kanti kumanje banamadodakazi amabili, uTehilah (8) noRuth (5).
"Abantu abeza emtholampilo wethu badinga umuntu ozobanika ithemba. Bayazi ukuthi iHIV ayelapheki ngakhoke badinga uthando kuphela."
UMfundisi uDube uzibandakanye kakhulu ezinhlelweni zokuthuthukiswa komphakathi. Wayeyingxenye yeCare Centre ePietermaritzburg okuyinhlangano eyayizimele ikhuthaza amakhono, amasiko nezobuciko.
Izinselelo
Emva kwalokho wajoyina ibandla iDurban Christian Centre kwathi ngo-1998 wafundela ubufundisi.
"Lokho kwangivula amehlo ngabona ukuthi ngingawenza umehluko ezimpilweni zabantu," kuchaza yena.
"Esikoleni sokufundela ubufundisi ngaqala uhlelo lokondla abantu nelokulwa nobugebengu ngokukhuthaza ithemba. Emva kwalokho ngabona isidingo sokulwa neHIV."
Wabona ukuthi ithemba lisebenza kahle endaweni enika usizo. Ngo-2004 washiya ebandleni iDCC wavula elakhe ibandla. Usanda kuvula elinye futhi igatsha lalo eSobantu ePietermaritzbug.
"Ebandleni lethu sisebenza kakhulu nomphakathi yingakho nje ngabona isidingo sokuba ngivule iCentre Of Hope Clinic," kuchaza yena.
Le ndawo ihlose ukuhlomisa umphakathi ngolwazi mayelana neHIV ukuze uthathe izinqumo ngempilo yawo neyabathandiweyo bawo.
Enye yezinhloso zayo wukuphucula ukunakekelwa kwabagulayo kuhlonyiswe umphakathi ukuze ulwe nokubhebhetheka kweHIV.
Uhambo
Ukukholelwa kukaMfundisi uDube ekubalulekeni kokukhuthazwa komphakathi kwabuye kwenza ukuba aqale i-Annual Abstinence Walk.
Kulolu hambo, abantu cishe abangu-30 - osaziwayo namalungu omphakathi bathatha uhambo lwamakhilomitha angu-250 baye emiphakathini ehlukahlukene, bame ezinkundleni zemidlalo bakhulume nabantu abako-20 000 ukuze kukhuthazwe intsha ukuba izithibe ocansini, ezidakamizweni nasotshwaleni ihlolelwe neHIV kusenesikhathi.
"Olunye uhambo olulandelayo luhlelelwe uMarch 2008 kanti luyosuka eMpangeni luye oPhongola. Sihlose ukuhamba u-30-35km ngosuku," kusho uMfundisi uDube.
"Sigxila ekukhuthazeni ukwakheka kwezimilo nokubaluleka kwempilo.
"Asigxili kwi-AIDS kuphela kodwa sithinta nezidakamizwa nobugebengu."
Babuye baye ezikhungweni zemfundo nasemajele bafafaze ivangeli lethemba.
"Kuyangithokozisa ukubona iziboshwa ezisuke sezizitshele ukuthi azamukelekile emphakathini zeluleka ezinye zisiza nabafuna ukuzibulala.
"Ngiyathokoza futhi uma ebandleni lami ngibona abantu ababedayisa ngomzimba," kusho uMfundisi uDube. [z]
'Ngemininingwane ngeCentre Of Hope Clinic, shayela ku-031-304-3734.
Indlela uMfundisi uDube afafaza ngayo ivangeli lethemba naduduza ngayo umphakathi...
indaba nezithombe nguTHANDI ZULU
Indawo yethemba eliphilisayo
Sidinga ukholo
KUDE KWESOBUNXELE NAKWESOKUDLA: UMfundisi uDube nonkosikazi wakhe uTaki, bedlala namadodakazi abo uRuth noTehilah.
KWESOKUDLA: UMfundisi uVusi Dube nonkosikazi wakhe bahlale besebenzela izinhlelo ezisiza umphakathi.
BONA ZULU - December 2007
