zulu.671.blockpuzzle march
BONA Block Puzzle
88 BONA ZULU - February 2006
Zithokozise uthuthukise ulwazi lwakho lwesiNgisi. Phendula ngokuyikho ulandele imicibisholo uzothola igama lomdlali webhola wakuleli ezikweleni ezimnyama.
No 52
Kuvalwa mhlaka: 28 February 2006
ZIZWE ubalulekile ngale Valentine's Day! Abe-Glamour & Glitz bayaziqhenya ngokumemezela ukufika kochunge lwabo olusha lweziqholo zezobuhle - iRasasi. I-Blue Lady ngeyabesimame kanti amakha ayo amnandi aqinisekisa ukuthi bahlale be-fresh ilanga lonke ekubeni iBlue For Men ithakwe yanothiswa nge-citrus, mint nangamakha ezimbali.
UBONA uphisana ngamaBlue Lady amahlanu namaBlue For Men amahlanu enani lika R300 iyinye. Ayotholwa abayowina iBlock Puzzle yale nyanga.
Ukuze uwine
Gcwalisa izikwele ukuze uthole igama elifihlekile kulezo ezimnyama. Bhala impendulo kwi-postcard, ufake igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, uyithumele kuleli kheli: BONA/Blue Lady/Blue For Men Blockpuzzle No 52, Box 32067, Mobeni, 4060. (Isho ukuthi ufuna ukuthola iBlue Lady noma iBlue For Men.)
Ungawungenela nange-cellphone. Bhala uBONA, ubhale uBLOCK, ubhale impendulo ezikweleni ezimnyama bese uthumela ku-34110. Ungangenela kaningi ngokuthanda kwakho. I-SMS ibiza R2
iyinye. [z]
Iziqholo zika
Wina!
R3 000
I-VALENTINE'S DAY isifikile, sekuyileso sikhathi sokukhombisa uthando kulowo omthandayo. Mshayele ucingo noma umthumelele iSMS ezomenza abone ukuthi uyathandwa. Kodwa khumbula ukuthi lawo mazwi amnandi awakufaki ezikweletini, uma usufaka ukubiza kwayo kwi-akhawunti ezokubiza inzalo. Emva kwalokho isikweletu silokhu sikhula kuze kube nzima ukuba umelane naso.
Ngisho ngabe yikhadi lasesitolo noma i-credit card ongazange ukwazi ukuyikhokhela uyiqede kuseyi-interest-free period, uzohlawuliswa kakhulu ngokuba namaphupho anjalo - uze ufakwe kulabo abaqoqa izikweletu.
Okudingayo wumqondo ophusile ukuze uzuze uthando lomuntu wakho. Futhi udinga ipulani yokuqiniseka ukuthi ngesikhathi wenza lokho uzobe unayo imali. Kodwa-ke ozimisele ngakho wukuba nempilo enentokozo nindawonye.
n Thatha ipheshana ubhale i-income yakho.
n Kuyona susa noma iyiphi imali oyikhokhela izikweletu nama-akhawunti, irenti, imali yezinto zokuthutha, ukudla, izingubo nezinto zokuzimonyonga.
n Beka eceleni cishe u-5 kuya ku-10 percent we-income yakho wenzela isimo esiphuthumayo.
n Okulandelayo, bona ukuthi uzoyicaza kanjani esele ukuzithokozisa, izimpahla zefeshini nezinto ezifana nezipho.
Manje usukulungele ukuya kwaPEP uthokozele ukuthenga ngemali yakho ngaphandle kokubekelwa imiqathanga. Lokhu kuzokwenza uphatheke kahle kube yisithandwa esisha sempilo yakho.[z]
Yisikhathi sothando...nansi indlela yokuqiniseka ukuthi ukujabula kwenu akunifaki ezikweletini
Ezentengiso
