zulu.662.bafana
indaba ngu-MARK GLEESON
izithombe: GETTY IMAGES/GALLO IMAGES
Sesisalelwe yimidlalo emibili nje-vo ukuba siphumelele ukungenela umqhudelwano we-African Nations Cup…
SIYOKUBA nesiqiniseko sendawo yethu emqhudelwaneni we-African Nations kule nyanga lapho siyoba nemidlalo emibili cishe esikhathini sezinsuku ezingu-14.
Njengoba iBafana ihamba phambili ngamaphuzu amabili, kubukeka inokuzethemba okukhulu.
U-3-0 esehlula ngawo iChad ekuhambeni eNdjamena ngo-March emdlalweni wokuqala ngqa osemthethweni ngaphansi kwesandla sikaCarlos Alberto Parreira osake wawina i-World Cup wanika ithemba lempumelelo esikhathini esizayo kwiBafana.
Ukudlala ngokulingana ngoMarch phakathi kweCongo neZambia, nokuyibo abaphonsela iBafana inselelo enkulu kweyokuhlunga, kubukeka kumhambela kahle uPerreira naBafana bakhe.
Lokhu kungasenza sibe nesiqiniseko esiqinile sokuthi singakwazi ukuphumelela ukungenela imidlalo yeNations Cup ka-2008 eGhana uma singehlula iChad futhi, nokuyobe sekuyisekhaya manje, esontweni lokuqala enyangeni kaJune, mhlawumbe bese iSA iyawina futhi ekuhambeni emdlalweni oyolandela lapho idlala neCongo eBrazzaville cishe emasontweni amabili ayolandela.
Siyaya eCongo
Okubhekwe kakhulu abaningi wuhambo lwaseCongo nokuyilapho iBafana isiyake yawina kabili phambilini kanti futhi yilapho izokuba nesiqiniseko sangempela sethikithi layo elibheke eGhana.
Emva kwemidlalo emithathu ePointe Noire kuzoba ngokokuqala ukuba iSouth Africa idlalele eBrazzaville nokuyidolobha eliyikomkhulu - nokuyilapho inkundla i-Alphonse Massamba Debat isivuselelwe kabusha .
I-Congo yethusa abaningi ngoSeptember nyakenye eGoli ngesikhathi idlala ngokulingana neSouth Africa emdlalweni owaphetha ngo-0-0 eSoccer City.
Kuleli qembu kukhona isiqongqwane sasemumva esinguChristophe Samba ongowokuzalwa eFrance okumanje udlala eqenjini elilodwa laseNgilandi iBlackburn Rovers nokapteni weBafana u-Aaron Mokoena nomgadli weBafana uBenni McCarthy.
UMokoena uthi imidlalo yokuhlungela iNations Cup iyisisekelo sokwakhela endleleni ebheke emqhudelwaneni weWorld Cup ka-2010.
Uthe sekube khona olukhulu ugqozi selokhu kwafika umqeqeshi omusha uParreira, ikhono lakhe elituswa yibo bonke.
UMokoena ukholwa wukuthi umoya wobumbano usubuye ngendlela ephezulu eqenjini leBafana.
Kuseyisiqalo
“Sasilokhu sisondelene njengeqembu, ngisho noma sasingawini kodwa ukuwina kwiChad kwasenza saba nokuzethemba,” kusho yena.
UMokoena waphuthelwa wumqhudelwano weNations Cup e-Egypt ngonyaka ofile emva kokuba esusiwe esikhundleni sokuba wukapteni.
Kodwa kwathi lapho uTed Dumitru esekhishiwe ekubeni ngumqeqeshi, uMokoena wakwazi ukuba azodlala futhi eqenjini.
“Ngifuna ukunexwayisa ngokuthi kuseyisiqalo lesi. Likhulu ibanga okusafanele silihambe. Okwamanje sinikwe ithuba lokuba senze okungcono sikwenzele izwe lethu.
“Ukudlalela izwe lakho yiyonanto okufanele ihambe phambili. Kufanele ukuba abadlali bashintshe ukucabanga kwabo ngoba lokhu kuzokuba yinto ebalulekile ekuzimiseleni kwethu.”
“Nginethemba elikhulu ngekusasa nangeBafana Bafana, edinga ukuba ithathe indawo yayo ebholeni lamazwe omhlaba.”
UParreira naye uthi uyalibona ithemba, kodwa okwamanje kusese kuseni ukuthi angaphawula.
“Isimo sibukeka sethembisa kakhulu. Kufanele sifunde ukugcina ibhola ngoba leyo yinto ebaluleke kakhulu ebholeni. Sesibheke ukuba siphumelele ukungenela iNations Cup ezayo eGhana,” kusho yena.[z]
BONA ZULU – June 2007
Ngabe sizoya eGhana?
I-SA emqhudelwaneni we-African Nations Cup
l 1994 (Tunisia): Ayizange iphumelele ukuyingenela.
l 1996 (South Africa): YAWINA.
l 1998 (Burkina Faso): Yaba ngama-runners-up, yehlulwa yi-Egypt kumafayineli.
l 2000 (Ghana/Nigeria): Yafinyelela kuma-semi-final yathola indondo ye-bronze.
l 2002 (Mali): Yafinyelela kuma-Quarter-final.
l 2004 (Tunisia): Yakhishwa emzuliswaneni wokuqala.
l 2006 (Egypt): Yakhishwa emzuliswaneni wokuqala.
KUDE KWESOBUNXELE: Ziyabuya ejimini njengoba iBafana izimisele ukuthatha indawo yayo ebholeni lamazwe omhlaba.
KWESOBUNXELE: Ukuwina kweBafana ngo-3-0 kwiChad yiyona into eyayidingeka kakhulu ukuze bakhuthazeke esikhathini esizayo.
KWESOKUDLA: UParreira uqale ukuqeqesha leli qembu ekuqaleni konyaka...kodwa amazinga okuzethemba asenyukile.
Ibhola lase-SA
BONA ZULU – June 2007
