zulu.656.triviajun
Thola igama
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
ISaturn
BONA ZULU - June 2006
Ivayolini inezingcezu cishe ezingu-70 zokhuni!
Thola amagama ezilwane ngokufunda uya phambili, emumva, phezulu, phansi, uvundle. Dweba isiyingi egameni bese ulidwebela ohlwini.
Kungani iSaturn inamaringi"
Amaringi eSaturn, ayenza ibe ngumhlaba omuhle kunayo yonke. Lawa maringi enzeka ngesikhathi izinyanga zisondela emhlabeni kwasala amadwala - noma indilinga - okungumhlaba.
ISaturn nayo inezinyanga ezingu-10.
...iSaturn yiwona mhlaba kuphela ozungezwe amaringi"
ISaturn inamaringi abonakalayo kodwa iJupiter, Neptune ne-Uranus inamaringi angabonakali kahle. Ngisho noMhlaba wethu (Earth) kungenzeka ukuthi wake waba namaringi.
Izindwangu zetafula kuqala kwakungamathawula abantu ababesula ngawo izandla nobuso emva kokudla.
Q Yimaphi amazwe amabili ahamba phambili ekukhiqizeni igolide"
ISouth Africa ikhiqiza amathani angu-5 300 ngonyaka, iMelika ikhiqize angaphezu kwangu-3 200.
Azi konke nge...
...Angkor Wat
Beka ngokuyikho
Hlela lawa magama ngendlela efanele
BONA ZULU - June 2006
I-ANGKOR Wat yithempeli elise-Angkor, eCambodia, elakhelwa iNkosi uSuryavarman II ekuqaleni kweminyaka ye-12th Century.
Ukuthi "Angkor" kusho inhloko-dolobha kanti ukuthi "wat" kusho ithempeli.
Yilo elikhulu neselilondolozwe kakhulu kule ndawo kanti selithathwa njengesizinda sokudumisa - kwaqala inkolo yamaHindu, kwase kuba amaBuddhist - selokhu laba khona.
Lesi sikhungo sakhiwe endaweni enesihlabathi, kanti yiso esinika isithombe seMount Meru okuyikhaya lonkulunkulu ngokwenkolo yesiHindu.
Ngaphakathi kodonga olungubude obungu 3,6km kunama-galleries amathathu. Phakathi nendawo kuleli thempeli kunezinsika eziningi.
Ngeminyaka ye-14th Century leli thempeli lashintshwa lasetshenziselwa abangamaBuddhist.
Selifana nophawu laseCambodia, kanti abantu bakuleli lizwe baziqhenya kabi ngalo.
I-Angkor Wat iyavela efulegini laseCambodia nokuyilona kuphela ifulegi emhlabeni elinesakhiwo.
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
AmaMulti-Game
Ezweni lase-Island ukunika umuntu okusevayo e-restaurant ithiphu kuthathwa njengokukhulu ukudelela.
Ubona kanjani ukuthi uphayinaphu uvuthiwe...
PLesi sithelo siqinile.
PAmacembe angasuswa kalula ngento ecijile.
PUkunuka kwawo kusuka esiqwini phansi.
BONA ZULU - June 2006
Hlola ulwazi lwakho lolimi. Isithombe sikunika umkhondo, yini igama lale nto"
Uphayinaphu yisitshalo esitholakala ikakhulu eBrazil, Bolivia naseParaguay.
Sinamacembe acijile cishe angu-30 angubude obungu-30-100cm nesiqu esibanzi. Saqanjwa ngokuthi yi "pineapple" ngokufana kwaso ne-pine.
Sikhula phakathi kwezincane eziningi ezimila ndawonye. Singakhula sibe ngubude obungu-30cm sibe nesisindo esingaphezu kuka-4kg.
Uphayinaphu ofreshi uyabiza ngoba yisithelo esibucayi okungelula ukuhamba ngomkhumbi ngoba sidinga ukusheshe sidliwe. Kungakho sitholakala ikakhulu emathinini.
Ujusi kaphayinaphu ungasetshenziswa ekuthambiseni inyama.
Uphayinaphu uluphawu lwempatho enhle kwamanye amasiko.
Uphayinaphu
Inkosi yezinhliziyo iyona kuphela inkosi engenamadevu emakhadini okudlala.
I-Panama Canal
UMSELE onqamula imikhumbi iPanama Canal ngomkhulu kunayo yonke emhlabeni. IsePanama eCentral America kanti ihlanganisa i-Atlantic nePacific Ocean.
Ukwakhiwa kwawo kwaba ngumsebenzi onzima kunayo yonke emhlabeni. Lo msele usiza imikhumbi ukuba ingahambi amabanga amade ezindaweni eziyingozi, kodwa kunalokho inqamulele ibange eSouth America.
Nakuba abantu bacabanga ukwakha umsele wemikhumbi ePanama ngasekuqaleni kweminyaka yo-1500, kodwa imizamo yokwakhiwa kwawo yaqala ngo-1880 ngaphansi kwabaholi baseFrance.
Le mizamo yehluleka, lo msebenzi waze waphothulwa yiMelika ngo-1914.
Ukwakhiwa komsele ongamakhilomitha angu-77 kwahlangabezana nezinkinga, kubandakanya izifo nokungami kahle kwendawo.
Balinganiselwa ku-27 500 abasebenzi bakule ndawo abafa ngesikhathi kwakhiwa lo msele.
I-Puzzle Yezithombe
Isithombe sikucacisela ukuthi kufanele ubhaleni ezikweleni ezingenalutho.
BONA ZULU - June 2006
